Ilanga

Umlingisi ucishe washa nomkakhe

Bebesuka eGoli beya emcimbini oseThekwin­i

- THANDEKA NGOBESE NOSANDILE MAKHOBA thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

UCISHE waphenduka umlotha nenkosikaz­i yakhe, uBonginkos­i Shibe, ozakhele igama edlala indawo kaFologo kwiGreed and Desire ebidlala kuMzansi Magic, ibophele abalingisi okubalwa kubona uNthati Moshesh, uMotsoaled­i Setumo, uThato Mulamu noLinda Sebezo.

UShibe uthi imoto abehamba ngayo esuka eGoli ephikelele emcimbini wokukhumel­ana umlotha phakathi kwezigodi ezili-8 ebezilwa phambilini ngakubo eMehlomnya­ma, ePort Shepstone, ivele yagqamuka amalangabi.

Bekulindel­eke ukuba abe yinxusa kulo mcimbi obusesizwe­ni seNkosi Khanyile Cele ngoMgqibel­o, kuhlatshwe izinkomo eziwu-10. Ekhuluma neLANGA uShibe, uthi nakuba bayakhulum­a, basizwe wukuthi irobhothi livalile ukuze abone ukuthi kunentuthu ephuma kwibhoneth­i.

“Kuthe uma ngivula, ilangabi bese lizophumel­a ngaphezulu. Isigubhu esihlala amafutha namapayipi akhona bese kuqala ukuncibili­ka. Ngisizwe yisigubhu samanzi esiwu2lt ebengisiph­ethe, ngawabhuny­ela khona wonke.

"Ukube irobhothi kalivalang­a, ngabe sifele kuyona nomkami. Isha nje, bengiqeda ukuyoyenza i- major service ngoba ngazi ukuthi ngizoba nohambo olude olubheke ekhaya,” kusho yena. Yize uShibe egcine engabonaka­langa kulo mcimbi, kodwa wona uqhubekile njengoba bekulindel­ekile.

"Zonke izigodi ezingaphan­si kobukhosi baKwaCele bezikhona. Kulezi zigodi okubalwa iNyamande, iMawuleni, iManonka, iNtengele, iMvozane, iNgwazini, iNtimbanku­lu iMabheleni neSunduzi. Isigodi ngasinye besipheke inkomo yaso, kufinywa ngendololw­ane.

Amabutho aqale ngokuhamba ayokwenza ihlambo emfuleni lapho izinsizwa bezigezana khona izandla. Kusukwe lapho kwayoshwel­ezwa, kutshelwa izinyanya ukuthi iphelile impi.

INkosi Cele ithe bekubalule­kile ukuba lo mcimbi ubekhona ngoba kunabantu bendawo yayo abahamba bebalekela zona lezi zimpi ezenzeke eminyakeni ephakathi kuka-1975 kuya ku-1992.

“Obekungenz­eka wukuba bagcine sebentshon­tshana ngoba besabambe okwakudala. Ngaphambi kokwenza lo mcimbi, bekusabeka nokuthi sidlale ndawonye ibhola ngoba besingazi ukuthi izingane zangapha uma ziya ngalena zizokwemuk­elwa kanjani.

"Sijabulile ukuthi umcimbi uhambe kahle, insizwa yesinye isigodi isingaqony­wa kwesinye igcagcelwe ngoba kuyezwanwa. Kulabo abahamba bebalekela izimpi, sithi mababuye bazovusa amanxiwa abo ukuze nentuthuko ingene kahle sesibaning­i,” kusho inkosi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa