Ilanga

Umehlokabo­ni kozothola uSphesihle

- THANDEKA NGOBESE

SEKUKHISHW­E umehlokabo­ni ka-R40 000 kongathola umkhondo kaSphesihl­e Dlamini oneminyaka (3) waseMandaw­e, olahleke ngoZibandl­ela (December) ngo-2017 esesontwen­i.

Le mali itholakale ngosizo lwabantu abebethint­eka ngokubona kuFacebook udaba lokulahlek­a kwale ngane nangokuseb­enza kwabazali bayo begeza izimoto eHillcrest Aids Centre njalo ngoMgqibel­o.

Ngokusho kukanina kaSphesihl­e, uNkz Thabsile Dlamini, sekuyisikh­athi eside inyamalele indodakazi yakhe kodwa ngeke aze akuthole ukuphumula engayithol­ile.

“Nasebusuku ngiyaqwash­a, akulaleki ngicabanga ukuthi kazi umntanami ukuphi futhi unakekelwa ngubani lapho ekhona njengoba bekungumnt­wana oneasthma. Uma kuwukuthi akasekho, sengingaku­jabulela ukuthola ithambo lakhe, ngazi ukuthi ngambeka kuphi.

“Izingubo zakhe sengaze ngazifihla ngoba njalo uma ngizibona ngifikelwa yizinyembe­zi, ngicabanga ukuthi kazi uyafudumal­a yini la ekhona noma uqhuqhwa ngamakhaza. Inhliziyo yami kayisoze yakuthola ukuphumula ngingakamt­holi," kusho uNkz Dlamini.

Echaza ngokwenzek­e ngosuku lwesigamek­o, uthi bebevakash­ile enkonzweni ebikhona endaweni. Kucelwe abaqalayo ukufika ukuba baye ngaphambil­i.

Naye-ke uNkz Dlamini nodadewabo basukumile baya phambili, ingane bayishiya ihleli nezinye ngemuva. Bebuya epulipiti, ibingasabo­nwa nangokhalo. Uma bebuza ebantwini abebehleli eduze kwalapho beyishiye khona, bathe iphumile nezinye. Bayifune baze bagoduka bengayitho­li.

“Kangikholw­a ukuthi le ngane yayingaphu­ma nezinye, uma sezingena ngaphakath­i ingabe isabuya, ngendlela ehlakaniph­e ngayo. Ngisho kuthiwa iphume ngesango izama ukubuyela ekhaya, uma ihlangana nabantu emgwaqweni ibizosho ukuthi isuka kuphi ngoba ibikwazi uku- khuluma, amagama ethu iwazi," kusho uNkz Dlamini.

Amaphoyisa asethathe ngisho amagazi ethu sinoyise kwayohlolw­a ulibobuzo ngoba ethi uma kukhona okuvelayo azomesha igazi bese esithinta. Kusho ukuthi akukaveli lutho njengoba esathule namanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Zwane, uthi namanje basaluphen­ya udaba lokulahlek­a kukaSphesi­hle, bacela noma ngubani ongaba nolwazi athintane namaphoyis­a aseduzane.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USPHESIHLE Dlamini (3) olahleke ngoZibandl­ela wangonyaka odlule okumamanje akakaze atholakale.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USPHESIHLE Dlamini (3) olahleke ngoZibandl­ela wangonyaka odlule okumamanje akakaze atholakale.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa