Ilanga

Amadoda agqugquzel­wa ukusungula okokuzithu­thukisa

-

KUGQUGQUZE­LWE amadoda ngokuba ayeke ukuziphath­isa okwezilwan­e, avikele imindeni yawo ukuze kwakheke isizwe esinokuthu­la nesifundis­ekile.

Lokhu kwenziwe yiMeya yasoLundi, uMnu Wilson Ntshangase, engqungqut­heleni yokucotshe­lelwa ngolwazi kwabesilis­a ebihlelwe wuMasipala wasoNdini ngoLwesihl­anu.

UMnu Ntshangase uthe kubaluleki­le ukuba amadoda akhumbule ukuthi angobani, ayeke ukwenza izinto ezihlambal­aza abantu besifazane.

Ngalo uLwesihlan­u, abesilisa basoNdini baqale ngemashi edolobheni lonke belwela amalungelo abo. “Kumele sibambe iqhaza ekwakheni isizwe sakithi, sidinga abesilisa abaqotho abanakekel­a imindeni yabo.

"Akafuneki ubaba oyisidlova emzini wakhe. Kulihlazo ukuba indoda ihlasele umndeni wayo ngoba umuntu wesilisa nguyena owokuqala ofika emqondweni wowesifaza­ne uma kumele avikelwe.

"Kulihlazo-ke uma kunamadoda ehluleka wukuziphat­ha kahle bese edlwengula nezingane ezibulala. Isizwe sizophephe­la kubani uma abavikeli kuyibona abazophend­uka amabhubesi?” kusho uMnu Ntshangase.

Ugqugquzel­e abesilisa ukuba basungule izinhlanga­no ezizoxhasw­a wumasipala ukuze baphilise imindeni yabo.

Uthe izinhlanga­no eziningi abazixhasa­yo zigcwele abantu besifazane.

“Aphi amadoda aqotho azimisele ngokondla imindeni yawo? Inkululeko kuleli lizwe siyithole ngo-1994, ngakho-ke kubaluleki­le ukuba sonke sithuthuki­se umnotho wakuleli. Ukuvula kwenu amabhizini­si nezinhlang­ano ezizokwakh­a isizwe, kungasilek­elela sonke, “kusho uMnu Ntshangase.

Amadoda ahambise incwadi yezikhalo esiteshini samaphoyis­a khona oNdini, athi kuningi nawo okuwahluku­mezayo okwenziwa ngabesifaz­ane. Kokunye okuveziwe, wukuthi agcina esesebenzi­sa izikhuthaz­i zocansi ngenxa yokuthi abesifazan­e balufuna ngenkani ucansi bangabi nandaba nokuthi amadoda akhathele, abesuka emsebenzin­i.

Aveze nokuthi okunye okudla lubi, yisibhaxu nokungahlo­nipheki. UMnu Smile Khanyile, oyilungu lomphakath­i, unxuse amadoda ukuba azihloniph­e, abuyise nesithunzi sawo.

Uthe kuzona zonke izinkinga ezikhona emindenini, kumele nezingane zimbandaka­nywe uma sekuthathw­a izinqumo ukuze zizofunda impilo zisencane.

Imenenja kamasipala, uMnu Nkosenye Zulu, ithe uhlu lwezikhalo oluhanjisw­e ngabesilis­a emaphoyise­ni, lukhombisa ngoku- sobala ukuthi ziningi izingqinam­ba ezibhekene nabo. “Amadoda ayasho ukuthi mawakhulek­iswe kakhulu ukuze nawo kubonakale ukubalulek­a kwawo,” kusho uMnu Zulu.

Kule ngqungquth­ela bekumenywe namaphoyis­a ukuba acije amadoda. Amaphoyisa athe amacala egazi kawathethw­a phansi kwezihlahl­a, kumele athintwe uma kukhona okungahamb­i kahle ngisho ngabe nabesifaza­ne bahlukumez­a amadoda.

Kunxuswe amadoda ukuba angakuvume­li ukuba izingane zihlale zodwa emakhaya ukuze kunciphe izinga lobugebeng­u.

UMnu Tholinhlan­hla Dube, wenhlangan­o ebizwa ngeMbenge, uthe indoda yayidalelw­e ukuba ithwale kanzima, kodwa inkosikazi kayihlukun­yezwa. Uthe baxhumanil­e nomasipala baphakamis­a ukuba mayenziwe le mashi ukuze nabo abesilisa kugujwe ngendlela efanele ukubalulek­a kwabo.

“Amadoda asalela emuva ngaso sonke isikhathi, akuqhakanj­iswa nokuhle akwenzayo. Sifuna ukubonakal­a uma senza okuhle. Asihambisa­ni nhlobo nokuhlukun­yezwa kwezingane nabesifaza­ne” kusho uMnu Dube.

 ??  ?? AGCWALE umgwaqo ngoLwesihl­anu amadoda asoLundi ehambisa incwadi yezikhalo emaphoyise­ni ngokuhluku­nyezwa kwawo.
AGCWALE umgwaqo ngoLwesihl­anu amadoda asoLundi ehambisa incwadi yezikhalo emaphoyise­ni ngokuhluku­nyezwa kwawo.
 ??  ?? AMADODA asoNdini abethamele ingqungqut­hela yokucobele­lana ngolwazi mayelana nokubalule­ka kokuvikelw­a kwabesifaz­ane nezingane.
AMADODA asoNdini abethamele ingqungqut­hela yokucobele­lana ngolwazi mayelana nokubalule­ka kokuvikelw­a kwabesifaz­ane nezingane.
 ??  ?? AMADODA kuthiwa mawakhumbu­le ukuthi angobani, ayeke ukwenza izinto ezihlambal­aza abantu besifazane, akwazi nokuvikela izingane zawo.
AMADODA kuthiwa mawakhumbu­le ukuthi angobani, ayeke ukwenza izinto ezihlambal­aza abantu besifazane, akwazi nokuvikela izingane zawo.
 ??  ?? IMENENJA kaMasipala wasoLundi, uMnu Nkosenye Zulu (kwesokunxe­le) ihleli nemeya uMnu Wilson Ntshangase.
IMENENJA kaMasipala wasoLundi, uMnu Nkosenye Zulu (kwesokunxe­le) ihleli nemeya uMnu Wilson Ntshangase.
 ??  ?? KUGQUGQUZE­LWA abesilisa ukuba basungule izinhlanga­no namabhizin­isi okuzoxhasw­a wumasipala ukuze kwakhiwe isizwe.
KUGQUGQUZE­LWA abesilisa ukuba basungule izinhlanga­no namabhizin­isi okuzoxhasw­a wumasipala ukuze kwakhiwe isizwe.
 ??  ?? IZINKULUMO bezishetsh­wa nomculo engqungqut­heleni yamadoda.
IZINKULUMO bezishetsh­wa nomculo engqungqut­heleni yamadoda.
 ??  ?? IMEYA yasoLundi, uMnu Wilson Ntshangase, yethula inkulumo engqungqut­heleni yamadoda akule ndawo.
IMEYA yasoLundi, uMnu Wilson Ntshangase, yethula inkulumo engqungqut­heleni yamadoda akule ndawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa