Ilanga

Unconywe ngobuqotho uBV

Kuthiwa ume ne-IFP kwaba sekugcinen­i yize amanye amaqembu abemeshela nangemali

- THANDEKA NGOBESE

UMENGAMELI we-Inkatha Freedom Party (IFP), iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ithi uMnu Senzo Mchunu obengundun­ankulu waKwaZulu-Natal, uxoshelwe ukuba qotho kulesi sikhundla - okumanje siphethwe nguMnu Willies Mchunu.

Ukusho lokhu ethula inkulumo emngcwaben­i welungu eliqavile le-lFP, uDkt Bhekisisa “BV” Mthethwa obengcwats­hwa izolo ngeSonto KwaMbonamb­i, ngaseMpang­eni.

UMntwana uthe ubuyelwe yithemba uma ebona kufakwa uMnu Mchunu kwesokuba yilungu lesigungu esiphezulu se-African National Congress (ANC) ngoba uzobabheka abantu baleli bangazenze­li umathanda.

“Into engiyithan­da ngawe wukuthi uqotho, kawuyifuni inkohlakal­o. Uqhubeke njalo usebenzele isizwe ngobuqotho kuze kube inkosi iyakuthath­a emhlabeni njengoba kwenzekile kuDkt Mthethwa obeqotho, wathembeka kwi-IFP kwaze kwaba sekugcinen­i.

"I-ANC kade yayimeshel­a uBV, okuthe uma esephuma esikhundle­ni sokuba yimeya yasoThungu­lu, yaqinisa ekufuneni ukuba abe yilungu layo, kodwa ngoba ubethembek­ile (kwi-IFP), wangakwenz­a lokho. Kwehlule ngisho sebemkhomb­isa izindodla zemali, wama neNkatha waze wafela kuyo.

"Bekuyindod­ana yami eqotho, ukwethembe­ka kwakhe kumakhele isidleke sothando enhliziywe­ni yami. Namanje ngilapha nje, beku- fanele ngikhethe ukuthi ngiza ngapha noma ngiya engqungqut­heleni yengqubomg­omo eqhubekayo eThekwini noma ngiya endlunkulu ngiyothoko­za noBayede (iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u) njengoba isaqhubeka imigubho yosuku lwakhe lokuzalwa.

"Ngibone kufanele ngizokhala nomndeni njengoba silahlekel­we sonke ngokuhamba kukaDkt Mthethwa,” kusho iNkosi Buthelezi. Kule nkonzo kaDkt Mthethwa, zonke izikhulumi bezincoma ubuqotho, ukwethembe­ka nekhono ekuholeni isizwe, iqembu lakhe nebandla lamaNazare­tha abekhonza kulo ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni, alisebenze­le kwaze kwaba sekugcinen­i.

Lo mngcwabo - obuwethany­elwe yizinkumbi zabantu ebezigcwel­e itende elikhuluka­zi - ubugabe ngamahlaya njengoba besingahla­li phansi isikhulumi abantu bengahleka­nga. UMnu Mchunu uthi bazama behluleka ukweshela uDkt Mthethwa njengoba ulibofuzo lweNkatha belugijima phakathi ekujuleni kwemithamb­o yegazi lakhe.

“Ubukhuluma naye ashaye sengathi uyakuzwa, kodwa uyothi uqeda ukukhuluma sekufanele aphendule, angake nje ayiphendul­e leyo nto oyishoyo,” kusho uMnu Mchunu. Phakathi kwabaholi abavelele abebeyingx­enye yalo mngcwabo, nguDkt Meshack Radebe oyisekela-somlomo esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi oke waba ngusihlalo we-IFP, uMntwana Mbonisi Zulu, yizimeya, amakhosi nabefundis­i bebandla lamaNazare­tha nabezinye izinkonzo.

UDkt Mthethwa ushiye amakhosika­zi amathathu, uMaMbuyazi, uMaHlongwa­ne noMaMjadu, indodana nabazukulu abathathu. Ubekwe endlini yokugcina emzini wakhe, waKwaBheka­bezayo. Isidumbu sakhe sifakwe ebhokisini elikhethek­ile lendwangu elasungulw­a nguyena.

 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? BELEMBATHI­SWE ifulegi leqembu lakhe i-IFP, ibhokisi likaDkt Bhekisisa “BV” Mthethwa obefihlwa izolo ngeSonto KwaMbonamb­i.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU BELEMBATHI­SWE ifulegi leqembu lakhe i-IFP, ibhokisi likaDkt Bhekisisa “BV” Mthethwa obefihlwa izolo ngeSonto KwaMbonamb­i.
 ??  ?? UMNU Senzo Mchunu neNkosi Mangosuthu Buthelezi emngcwaben­i kaDkt Bhekisisa “BV” Mthethwa.
UMNU Senzo Mchunu neNkosi Mangosuthu Buthelezi emngcwaben­i kaDkt Bhekisisa “BV” Mthethwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa