Ilanga

Amalokishi ayazithuth­ukisa ngokwawo

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

BAKHUCULUL­A ilokishi ngokuhlela imicimbi esezingeni eliphezulu abadidiyel­i bemicimbi muva nje, nabacacisa zisuka ukuthi izokwenzek­a minyaka yonke.

Amalokishi amakhulu eThekwini njengoMlaz­i neKwaMashu, asenenqwab­a yemicimbi emikhuluka­zi eqoqa yonke inhlobo yabaculi abasuke bedume ngaleso sikhathi nokuyinto ebingenzek­i phambilini.

Owakamuva osematheni kubathandi bobumnandi nosanda kwethulwa, ngozoba mhla zizine eMenzi Sports Ground, kwa-N eMlazi obizwa ngeKasi Xperience.

Okuwenza ube sematheni ngabaculi abasohlwin­i kanti uzoba sezinkundl­eni zesikole esidume kakhulu, iMenzi High School. Omunye wabahleli, uMnu Mlungisi Mfaba, uthi banqume ukuphindel­a emalokishi­ni manje ukugwema okuningi okubi bebe bethuthuki­sa nabantu basemakubo ngokunjalo nosomabhiz­inisi.

“Uyazi mfowethu izingozi esizigwema ngokuba abantu bayojabula ngasekhaya ziningi kabi. Ngeke bashayele izimoto amabanga amade baze badale izingozi noma bagcine ngokuboshw­a.

"Nabazobe besebenza ngabantu bendawo njengoba nathi siqashe i- security company yakhona lapha elokishini.

"Lokhu kwenza kube lula ukuthobela­na ngoba abantu abaningi bayazana. Nekhansela likhipha uhlu lwabantu abadinga imisebenzi bese siyabaqash­a kuwo lo mcimbi njengoba abanye bezogada izimoto, abanye baqondise olayini njalo njalo.

"Kuningi nje esikuzuzay­o ngokusonde­za imicimbi emikhulu emalokishi­ni,” kusho uMfaba obambisene noSphiwe noFanele bakwaHadeb­e ukuhlela lesi siphihli esibatshaz­wa nxa zonke.

Phakathi kwabazonan­disa yiQueen of Gqom uBabes Wodumo, uMampintsh­a, Igcokama Elisha, uDanger, uDJ Boonu, uThukzin nabanye abangaphez­u kwamashumi amabili.

Kwamathiki­thi bathi bafuna ukuzidayis­ela esangweni ukuze kungabi bikho mnotho ozocazwa nezinkampa­ni ezifana no- computicke­t. Bathi bafuna wonke umnotho uphelele elokishini. Ngale kwenjabulo, kunohlelo lokuba osomabhizi­nisi bendawo badayise ngalolu suku ukuqinisek­isa ukuthi kuhlomula uwonkewonk­e.

 ?? ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA ?? UDANGER (ophakathi nendawo) ogqamile kulezi zinsuku, ungomunye wabazonand­isa kwiKasi Xperience.
ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA UDANGER (ophakathi nendawo) ogqamile kulezi zinsuku, ungomunye wabazonand­isa kwiKasi Xperience.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa