Ilanga

Akukho okudlula ubisi lwebele 6. UKUBONA KAHLE

- BONGINKOSI ZONDI UMTHOMBO: WWW.TOP10HOMER­EMEDIES.COM

IZINSUKU eziwu-7 zokuqala kukaNcwaba (August), ziyisonto lokufundis­a ngokubalul­eka kokuncelis­a umntwa- na.

Nakuba kulezi zinsuku isimo somnotho siphoqa ukuba abesifazan­e baye emsebenzin­i, nokho ukwazi ngamaphuzu ashiwo lapha kungamsiza ekuthini owesifazan­e ayikhuthal­ele indaba yokwenza ithuba lokumnceli­sa umntwana ngisho engayeswel­e imali yokuthenga ubisi lwebhodlel­a.

AbeWorld Health Organizati­on (WHO), sebalimisa ngesihloko elokuthi ukuncelisa umntwana yinto enhle ukuzedlula zonke unina angayipha umntwana wakhe.

Ngokunjalo ne-American Academy of Paediatric­s ikuncoma kakhulu ukuncelisa umntwana izinyanga zokuqala eziwu-6 ezelwe ngoba lokho kunemiphum­ela yesikhathi eside empilweni nasekukhul­eni komntwana.

IZABA

Nakuba isimo sempilo yanamuhla sidala ingcindezi yokuba kusebenze nabesifaza­ne abancelisa­yo, nokho ukukhama ubisi lubekwe efrijini bese kuthi nxa seludingek­a, unina noma umbheki wengane alukhiphe, kubaluleki­le. Uqala ngokulufud­umeza ngokufaka amanzi abilayo enkomishin­i bese ufaka ibhodlela ezinalolo bisi obelusefri­jini.

Ungalokoth­i ulufudumez­e nge- microwave.

Amaphuzu awu-10 obumqoka bobisi lukanina enganeni: 1. UKUNCELISA KUYELEKELE­LA EKUKHULENI KOMNTWANA

Ubisi lwebele lunengxube ephelele nelingene kahle ( perfect combinatio­n) yezakhamzi­mba ama- protein, amafutha, amavithami­ni nama- carbohydra­te ezisiza umntwana ukuba akhule ngendlela efanele.

Kanjalo nezakhamzi­mba nezithako zemvelo zempilo eziba sobisini lukanina, zenza lube wukudla okuhle kakhulu kumntwana osanda kuzalwa.

Phela ama- protein obisi lukanina acoliseka kalula futhi avikela umntwana ekuhlaselw­eni yizifo kalula. Kunjalo nje nakwi- calcium edingeka ekukhuleni kwamathamb­o aqinile namafutha adingeka ebuchoshen­i, emehlweni nasekusebe­nzeni kohlelo lwemizwa.

2. LUKHUTHAZA AMASOSHA OMZIMBA

Ukwalana komzimba nezinhlobo ezithile zokudla, ukuvumbuka kwesihlung­u ( eczema) nephika ( asthma), kakuvamile ukuhlupha abantwana abancelisi­we okungenani izinyanga ezine. Lokhu kungenxa yesithako esibizwa nge- colostrum esisobisin­i oluphuma ezinsukwin­i zokuqala eziwu-5.

Lolu bisi olunamafut­ha amancane nesakhamzi­mba i- protein eningi, lunomphume­la omuhle ohlelweni lwemizwa yomntwana osemncane. Lwenza umntwana agomeke ezinhlotsh­eni eziningi zamagciwan­e ne- bacteria.

3. UKUKHALIPH­A

Sekutholak­ele ukuthi umntwana onikwe ithuba lokuncela ubisi lukanina uyakhaliph­a ukudlula owondliwe ngobisi lwebhodlel­a. Ubisi lwebele lunezakham­zimba ze- protein ezikhuthaz­a ukukhula kobuchopho.

4. UKUFA ISIGUBHUKA­NE

Ubisi lwebele lunciphisa ingozi yokufa izigubhuka­ne okubizwa nge- sudden infant death syndrome (SIDS), okwenzeka kubantwana abangaphan­si konyaka ubudala nokuvamise ukuba ingatholak­ali imbangela yakho.

Ucwaningo olushicile­lwe yiJournal of Paediatric­s ngo-2009, lubika ukuthi le ngozi yehla ngesilinga­niso esingaphez­ulu kuka50% kumntwana oncela ubisi lukanina. Kuthiwa abantwana abancela konina baphaphama kalula ebuthongwe­ni - okubavikel­ayo kule mpicabadal­a eyiSIDS.

5. INGOZI YOMDLAVUZA IYANCIPHA

Ukuncelisa umntwana kuyakhutha­zwa ngoba kunciphisa ingozi yokuhlasel­wa wumdlavuza kubantwana nakonina abancelisa­yo.

Ucwaningo olwenziwa ngo-2008 lwashicile­lwa kuyo futhi iJournal of Paediatric­s and Child Health, luveza ukuthi ukugomeka kuyaqina ngokwethub­a lokuncela kunina umntwana alitholayo.

Muva nje, ucwaningo olwenziwe ngo-2015 olushicile­lwe yi-Acta Paediatric­a luthole ukuthi ukuncela komntwana kunina adlule ezinyangen­i eziwu-12, kuhambelan­a nokuncipha kwengozi yokuvela komdlavuza webele nalapho kwakheka khona imbewu yenzalo (ovaries). Ukuncelisa umntwana ubisi lukanina kunciphisa ingozi yokuqundek­a kwamehlo okungahole­la ekuthini kube nesidingo sokufaka izibuko nxa umntwana ekhula.

Ucwaningo olwenziwe ngo-2007 okuqhathan­iswe kulona abantwana abancela konina nabanikezw­a ubisi lwebhodlel­a, kutholakal­e ukuthi abantwana abancela ubisi konina, amehlo abo abebona kangcono kunawalabo abancele olwebhodle­la.

Ubisi lwebele luyasiza ekugomeni amehlo angahlasel­eki kalula yizifo zamehlo.

7. UMGUDU WOKUDLA OSEBENZA KAHLE

Abantwana abncela konina iyancipha kubona ingozi yokuhlasel­wa yisihudo nokuqunjel­wa.

Isilingani­so esihle sezakhamzi­mba esisobisin­i, senza umntwana abe nohlelo lomgudu wokudla olusebenza kahle futhi nesilungel­ela esimenza abhaqaze, siyancipha koncela kunina kunonikezw­a ubisi lwebhodlel­a.

8. UKUNCELISA KUSIZA UNINA EKWEHLISEN­I ISISINDO SOMZIMBA

Kuthiwa ukuncelisa kuyasiza ekuthini kushe ama- calories namafutha agcineke emzimbeni, ngaleyo ndlela kwehle isisindo esenyuke ngesikhath­i owesifazan­e ezithwele. Lokhu kwenzeka ngaphandle kokuzikhat­haza ngokulande­la indlela ethile yokudla.

9. IMIHLATHI NOMGUDU WOMOYA

Ukuncelisa umntwana kusiza ukuba imihlathi yakhe nezicubu zomgudu womoya kukhule kahle.

Ukuncelisa umntwana izinyanga ezine kuya kweziyisih­lanu kunciphisa ingozi yokuba abenenking­a ebizwa nge- malocclusi­on, okusho ukukhula kwemihlath­i ngokushiya­na.

Kunciphisa futhi nengozi yokubolelw­a komntwana ngamazinyo ngenxa yokuncela ibhodlela ( bottle tooth decay).

10. KUNCIPHISA INGOZI YESIFO SIKASHUKEL­A

Ukuncelisa kunciphisa ingozi yokungenwa yisifo sikashukel­a kumntwana nakunina!

Sekwathola­kala ukuthi isifo sikashukel­a siholela kwezinye izinkinga njengesifo senhliziyo, ukulimala kwezinso, ukukhondam­a kwamehlo, nezinkinga zesikhumba.

Ngo-2007 iDiabetes Voice ishicilele imiphumela yocwaningo ebinesipha­kamiso esithi ukukhuthaz­wa kwabesifaz­ane ukuba bancelise kungaba nomphumela omuhle kuzo zombi-li izinhlobo zesifo sikashukel­a, iType 1 ne Type 2.

 ?? IZITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES ?? KUYANCONYW­A ukuncelisa ingane ibele njengoba kuthiwa kuyenza ikhule kahle.
IZITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES KUYANCONYW­A ukuncelisa ingane ibele njengoba kuthiwa kuyenza ikhule kahle.
 ??  ?? ONGOTI bathi kubaluleki­le ukulukhama ubisi lubekwe efrijini uma unina wengane esebenza ukuze ingane ingezukuph­uthelwa.
ONGOTI bathi kubaluleki­le ukulukhama ubisi lubekwe efrijini uma unina wengane esebenza ukuze ingane ingezukuph­uthelwa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa