Ilanga

UMugabe ngeke amvotele uMnangagwa

-

ISABHIBHA inhliziyo kaMnu Robert Mugabe (94) oxoshwe kwesokuhol­a iqembu lakhe, iZimbabwe African National Union - Patriotic Front (Zanu-PF) neZimbawe ngoLwezi (November) njengoba izolo ngeSonto ememezele ukuthi ngeke amvotele umengameli walo omusha, uMnu Emmerson Mnangagwa (75) okhethweni olunamuhla ngoMsombul­uko.

“Kuyaqala ukuthi sibe nabantu abaningi kangaka abafuna ukuvotelwa,” kusho uMnu Mugabe esemzini wakhe osenhlokod­olobha, yaseZimbab­we, iHarare. “Ngeke ngibavotel­e labo abangenze isilo sengubo… ngizokheth­a phakathi kwalaba abanye abawu-22 abafuna amavoti, wukuthi nje-ke nabo baningi kakhulu,” kusho uMnu Mugabe obekhuluma sakunensa kodwa ebukeka ewumqemane.

“Ngikhonjwe indlela eqenjini engazisung­ulela lona, bese ngibukwa njengesith­a. Kwenzeka kanjani nje ngempela ukuba ngiphathis­we okwento engathi shu, ngiphathis­we okwesitha? Ngaketulwa, kawukwazi-ke ukuqhubeka nomsebenzi uma ungasenawo umbutho wezokuvike­la,” kusho uMnu Mugabe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMnu Mugabe uphoqwe ukwesula ekuholeni iZanu-PF nezwe emuva kweminyaka ewu-37 eqhoqhobel­e lesi sikhundla. Ngesikhath­i kwenzeka lokhu, kushaqeke abaningi kwazise amasosha - abaziwa kahle ukuthi amuzwa ekhaleni uMnu Mugabe - avele athatha izintambo zombuso azithi dinsi kuMnu Mnangagwa emuva kokuba uMnu Mugabe ezame ukudlulise­la izintambo zokuhola iZanu-PF nokuhola izwe kumkakhe, uNkk Grace Mugabe (53).

Nokho izolo uMnu Mugabe uthe yinsambath­eka nje indaba yokuthi yena ubefuna ukunika ngethileyi umkakhe amandla okuhola iqembu nezwe. Namuhla kuyasuka lokho ngokhetho eZimbabwe okuzobe kungokokuq­ala ngqa eminyakeni ewu-37 engekho uMnu Mugabe njengomunt­u ofuna ukuvotelwa kwesokweng­amela izwe.

UMnu Mnangagwa oke waba ngamathe nolimi noMnu Mugabe kwiZanu- PF, ubhekene noMnu Nelson Chamisa (40), weMovement for Democratic Change (MDC) kulolu khetho olubhekwe ngabomvu, kwazise kubhekwe ukuthi emuva kwalo, isimo sizokuba njani kuleliya lizwe eliqale ukuba nezinkinga kwezomnoth­o cishe eminyakeni ewu-19 edlule, emuva kokuba kuqalwe ukuthathwa komhlaba wabalimi abamhlophe ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

UMnu Mnangagwa - othembise izinguquko ezibalulek­ile ezweni lakhe uma enqoba - nguyena othishwa ukudla umhlangani­so njengoba esekwa kakhulu wumbutho wezempi, ngabezinda­ba abahambisa­na nombuso neqembu elibusayo okuyilona elibambe amatomu ezinsizeni zikahulume­ni.

UMnu Chamisa, owenze kahle kakhulu emkhankasw­eni wakhe wokhetho, unethemba lokuthola ivoti lentsha ezobe ivotela ukushintsh­a kwezandla ekuphathwe­ni kwezwe kwazise iZanuPF iphathe kusukela iZimbabwe ithole inkululeko. Leli lizwe lithole inkululeko ngo-1980 kade libuswa ngobukolon­i yiBritain.

IZanu-PF isungulwe ngo-1987 emuva kokuhlanga­na kweZimbabw­e African People’s Union (Zapu) kaMnu Joshua Nkomo neZanu kaMnu Mugabe. Iqale ukuhola ngo-1980 iyiZanu eyasungulw­a nguMnu Enos Nkala, uMnu Ndabaningi Sithole, uMnu Edgar Tekere, uMnu Herbet Chitepo noMnu Leopold Takawiwa mhla ka-8 kuNcwaba (August) 1963. IZanu-PF isike yaba nezinkinga eziningi eziholele ekubeni inqwaba yezakhamiz­i igcine ibalekile eZimbabwe yagcwala emazweni angomakhel­wane okubalwa kuwona iNingizimu Afrika, eyikhaya lezigidi zezakhamiz­i zakuleliya lizwe. Ngo-1999, iZanu-PF yehlelwe yisibalo samalungu kuxebuka uMnu Morgan Tsvangirai (ongasekho) esungula iMDC, okumanje iholwa nguMnu Chamisa.

Ngo-2008, kuxebuke amalungu aleli qembu, iningi lawo okungamaNd­ebele akwaBulawa­yo, avusa iZapu okumanje iholwa nguDumiso Dabengwa. Ebantwini abawu-23 abagaqele ukwengamel­a iZimbawe, bathathu abesifazan­e okunguThok­ozani Khuphe weMDCTsvan­girai , uViolet Mariyasha we-United Democracy Movement (UDM), uJoice Mujuru wePeople’s Rainbow Coalition - oke waba ngamathe nolimi noMnu Mugabe - Melbah Dzepasi we#1980 Freedom Movement Zimbabwe.

IZimbabwe ngelinye lamazwe anomnotho osuhusha ngesisu ngenxa yezinqumo zikahulume­ni wakhona usaphethwe nguMnu Mugabe. Nokho uMnu Mnangagwa emkhankasw­eni wakhe wokugcina wokhetho, obuseNatio­nal Sports Stadium, eHarare ngoMgqibel­o, uthe usuyaxaxam­a umnotho njengoba usuke ku-2.7% ka-2017 waya ku-4.8%. Balindele ukuba kuphele unyaka usuku-6%. Umthombo ngabe-AFP Wikipedia.org.

 ?? ISITHOMBE NGABE: QUARTZ ?? KULINDELEK­E ukuba abantu baseZimbab­we baphume ngokubingi babo namhlanje ukuyokheth­a umengameli omusha ozohola leli lizwe.
ISITHOMBE NGABE: QUARTZ KULINDELEK­E ukuba abantu baseZimbab­we baphume ngokubingi babo namhlanje ukuyokheth­a umengameli omusha ozohola leli lizwe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa