Ilanga

Simagange ngeyePSL emuva kwezihibe

-

LIKHULU ixhala kubathandi bakanobhut­shuzwayo baseNingiz­imu Afrika ngezinga ezoqala ngalo isizini entsha ye-Absa Premiershi­p emuva kokuxazulu­leka komdonsisw­ano obukhona phakathi kwePremier Soccer League (PSL) ne-Ajax Cape Town. Isizathu salokho wukuthi i-Ajax ibikhomba ngenjumban­e iligi, ithi iyigence ngezembe kungafanel­e. I-Ajax isolwa ngokudlali­sa uTendai Ndoro obengumgad­li wayo ngokungemt­hetho ngesizini edlule.

Iphule umthetho weFifa ephethe unobhutshu­zwayo emhlabeni othi akufanele umdlali agijime emakilabhi­ni amathathu ngesizini eyodwa. UNdoro udlalele i-Orlando Pirates, i-Al Faisal yaseSaudi Arabia ne-Ajax ngesizini edlule. Nokho i-Ajax ibisho amashushu ithi imsulwa yona, kangangoba ibisabisa ngokufaka isivimbelo senkantolo sokuba imidlalo yeligi ingaqali ngoMgqibel­o ozayo.

Lugcine lugobike uphondo njengoba ngoLwesine inqume ukuhoxisa leli cala yabe isivuma ukuthi izoyihloni­pha imidlalo yayo yeNational First Division kuze kube kufika isikhathi sokulalelw­a kwesikhalo esifakile.

Ukuhoxa kwe-Ajax kusho ukuthi noma kanjani izoqala imidlalo yeligi njengoba bekuqinise­kise uSihlalo wePSL, uDkt Irvin Khoza kweminye yemihlanga­no yesigungu esilawula le nhlangano.

Nakuba bekunovalo kodwa konke lokhu sekuphelil­e njengoba uzoqala umshikashi­ka kubalandel­i wokuklolod­elana ngamakilab­hu akuleli. Lokhu kuzokwenze­ka emuva kokuba umqhudelwa­no weNdebe yoMhlaba yeFifa obuseRussi­a, usithibile isizungu kubathandi bebhola njengoba besebehlal­e begqolozel­e wona.

Njengoba kuqala imidlalo yeligi nje, kuningi okubhekwe ngabathand­i bebhola. Okokuqala nje, wukuthi njengoba bekuneNdeb­e yoMhlaba, kukhona yini okufundwe ngabadlali bakuleli kula maqembu amazwe abedlala kulo mqhudelwan­o ogcine unqotshwe yiFrance. Ngendlela izinga ebeliphezu­lu ngayo kulo mqhudelwan­o womhlaba, cishe neligi yakuleli izothi ukunyuka kancane uma kuwukuthi abadlali bakuleli kukhona abakufundi­le base bekuzama ejimini.

Okumqoka kakhulu okubhekiwe, ngabadlali abasha abasayinis­we ngamakilab­hu. Phela njalo uma kuqala isizini amakilabhu enza izinguquko, atheze izingwazi ezintsha. Kule midlalo yokuqala kubhekwe ngabomvu ukuthi amakilabhu athenge izinduku zangempela yini. Amakilabhu asuke ebhekwe kakhulu yilawa athathwa njengamakh­ulu okuyi-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.

Iligi kulokhu izovulwa ngendumezu­lu yomdlalo lapho kuzobhekan­a khona iSundowns neChiefs ngoMgqibel­o ngo-15h00 eLoftus Stadium, ePretoria. Lo mdlalo yiwona okuzopheny­wa ngawo ikhethini lokuqala kwemidlalo yeligi. Okungeke kwaqinisek­iswa, wukuthi ilaphekile yini indlala yamagoli kule ligi njengoba kuhlale kukhalwa kuwona wonke amasizini.

Ngesizini edlule uPercy Tau obegijima kwiMamelod­i Sundowns, noRodney Ramagalela wePolokwan­e City, bashaye amagoli awu-11 nje kuphela isizini yonke ukuze bahambe nesicoco samagoli. Iyihlazo le nto uma kuqhathani­swa namanye amazwe kubalwa nawakhona lapha e-Afrika. Nokho masethembe ukuthi le ligi izoza nokuhlukil­e kulokhu njengoba iqale ngezihibe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa