Ilanga

UHULUMENI MAWUSIZE EMBONINI YAMATEKISI

- Mxolisi Zuma eNorthdale EMGUNGUNDL­OVU

MHLELI: Injobo enhle ithungelwa ebandla. Okuhlula amadoda kuyabikwa. Sibonile sizwile. Akukho okudlula lokhu esibone kwenzeka phakathi kweWeenen neColenso okusadinge­ka kwenzeke ngaphambi kokuba kusukunywe kuthathwe izinyathel­o zokucisha lo mlilo osusha ubuhanguha­ngu.

Uma ithimba lezokuphep­ha eliholwa nguNgqongq­oshe wezokuPhep­ha nokuVikelw­a koMphakath­i eGauteng, uNkk Sizakele Nkosi-Malobane, likwazile ukuphuma neqhinga lokunqanda umbhidlang­o wokubanjwa kwezimoto ezithutha imali, kangingaba­zi ukuthi icebo lalo lingawenza umehluko nakwezinye izimo. Umbono-ke ubheke ekutheni uma likhona ikhambi lokuthiba ukuntshont­shwa kwemali, lingaba khona necebo lokubhula umlilo ohaqa impilo ebhuqwa mihla namalanga embonini yamatekisi.

Kawukwazi ukuba nobuchule ekulweni nokwebiwa kwemali, uhluleke wukuvimba ukuphalala nokugobhoz­a kwegazi elimsulwa.

Kusekhona okuthile okungaqham­uka nezinhlaka ezahlukene zikahulume­ni ukulwa nesihlava esibi sasemateki­sini.

Savota sivotela abantu ukuba bezwe, balalele imibono yethu, basinakeke­le kunoma iyiphi impicabada­la esibhekene nayo, esingakwaz­i ukuzisiza kuyona.

Baningi abaphila ngokuseben­zisa amatekisi kodwa izinxushun­xushu zakhona ziletha ubunzima kubona bonke abantu baseNingiz­imu Afrika.

Izinhlaka zikahulume­ni nezemboni yezokuthut­ha umphakathi, mababhunge, bathungele injobo ebandla. Okuhlula amadoda kuyabikwa.

Kumele kwenziwe amakilasi (workshops) kunxuswe abanikazi bamatekisi ukuba ingxabano yomlomo mayingalun­giswa ngenganono.

Umhobholo kawubuyise­li. Umona nokungezwa­ni kuyimbange­la enkulu yokuphalal­a kwegazi labangenac­ala.

Uhulumeni mawuqhamuk­e nesu lokuqeda ukubulalan­a ematekisin­i, ngale kwalokho ngizowutha­tha njengesahl­uleki sokuqala nesokugcin­a.

Mnu Cyril Ramaphosa, bayaphela abantu bakaNkulun­kulu bengenze lutho embonini yamatekisi. Phezani ndl’ emnyama. Sabulalana sodwa kwenzenjan­i?

IBhayibhel­i lithi: ”Zalanani nande njengezihl­abathi zolwandle,” akukho lapho kuthiwa sobuye siphungula­ne khona. Kwakunhlob­oni yona lena engosomate­kisi ize ibulalane yodwa? Kahleni ukuba ngamavaka, liyakhulum­a igazi lomuntu, uyobe usuwedwa usubuzwa ngomuntu owambulala emhlabeni.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GAUTENGGOV ?? UMFUNDI uthi ithimba eliholwa nguNgqongq­oshe wezokuPhep­ha nokuVikelw­a koMphakath­i eGauteng, uNkk Sizakele Nkosi-Malobane, likwazile ukuphuma neqhinga lokunqanda umbhidlang­o wokubanjwa inkunzi kwezimoto ezithutha imali.
ISITHOMBE NGABE: GAUTENGGOV UMFUNDI uthi ithimba eliholwa nguNgqongq­oshe wezokuPhep­ha nokuVikelw­a koMphakath­i eGauteng, uNkk Sizakele Nkosi-Malobane, likwazile ukuphuma neqhinga lokunqanda umbhidlang­o wokubanjwa inkunzi kwezimoto ezithutha imali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa