Amathemba okuhlomula ngeBRICS
SELIDUME ledlula ngengqungquthela ka-10 yezinhloko zemibuso yamazwe angamalungu omfelandawonye obizwa ngeBRICS, okuyiBrazil, iRussia, i-India, iChina neSouth Africa, ebiseSandton Convention Centre, eGoli ngesonto elidlule.
Omengameli abafike namathimba ezomnotho asemazweni abo nguMnu Michel Temer waseBrazil, uMnu Vladimir Putin waseRussia, uMnu Narendra Modi waseIndia, noMnu Xi Jinping waseChina - bebehlangene noMnu Cyril Ramaphosa waseNingizimu Afrika.
Phakathi kwezihloko ebezisematheni kulo mhlangano yileso esaziwa nge-4th industrial revolution aseke wasithinta uMnu Ramaphosa ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokuqala ebhekiswe esizweni ngoFebhuwari nonyaka ephalamende.
Uphawulile ngaso emazwini okuvala ingqungquthela yeBRICS, lapho ethe lolu wudaba okungamele luthathwe kalula.
Uthe sidinga ukuhlomisa abantu baseNingizimu Afrika ngamakhono adingekayo ukuze sithuthuke. NoMnu Temer uphawulile ngaleli phuzu, egcizelela ukuthi ochwepheshe kumele bame ngomumo ukuqokelela ulwazi ngesikhathi sokungenisa kwale 4th industrial revolution - okuyisigaba lapho izinto eziningi zizobe zisebenza ngemishini namarobhothi.
UMnu Putin uthe ngo-2017, ukuhwebelana phakathi kwamazwe eBRICS kunyuke ngo-30% futhi wathi bazimisele ngokubukhulisa lobu budlelwano.
Le ngqungquthela yenzeke ngesikhathi senselelo yempi yezohwebo emhlabeni wonke eholwa nguMengameli Donald Trump wase-United States of America (USA). Likhulu ithemba lokuthi izohlomula iNingizimu Afrika ezivumelwaneni ezenziwe phakathi kwala mazwe ngesikhathi iqhubeka le ngqungquthela.
ILANGA lixhumane noMnu Richard Downing, ongusomnotho ozimele, mayelana nombuzo othi kukhona yini leli lizwe eselikuhlomulile noma elizokuhlomula ngobulungu balo kwiBRICS.
Uthe ngokwakhe ukubona kuyohlala kuyinto enhle nefanele ukuba leli lizwe libe nobudlelwano namanye amazwe, ikakhulukazi njengoba lidinga ukuba kutshalwe imali kulo.
Nokho-ke weleke ngokuthi lokhu kuza nenselelo yokuba iNingizimu Afrika yenyuse umthamo wezinto ezithumela kwamanye amazwe njengoba okwamanje isilinganiso sokuhwebelana siveza ukuthi impahla engena kuleli lizwe yiningi kunethengiselwa amanye amazwe. Kunjalo nje, iNingizimu Afrika inezikhwepha ezincane kwezomnotho uma iqhathaniswa neRussia neChina kulo mfelandawonye.
Omunye wongoti kwezomnotho, uSolwazi Bonke Dumisa, mhla kuvulwa le ngqungquthela ngoLwesithathu oludlule, uchome umbhalo ekhasini lakhe leFacebook lapho ephawule wathi okusabonakele okwamanje wukuthi kungathi iyahlomula iNingizimu Afrika ngobulungu bayo kwiBRICS.
Lokhu kusukela ekuqineni kwamandla erandi emuva kwesimemezelo sikaMnu Ramaphosa noMengameli Jinping esithi iChina izotshala u-R192 billion kuleli nokuthi izoqinisa ekuthengeni imikhiqizo ephuma eNingizimu Afrika “ukuze ixhase imizamo kahulumeni kaMnu Ramaphosa yokukhulisa umnotho".
Kukho konke lokhu, uSolwazi Dumisa uthi kubukeka sengathi iNingizimu Afrika izophumelela ukuthola isamba esiwu-US$100 billion (R13.1 billion) odingekayo ukutakula leli lizwe. Wengeza ngokuthi maqondana nokukhula kokutshalwa kwemali okwenziwa yiChina kuleli, kunabantu baseNingizimu Afrika abajabulayo phansi kwemibandela ethile kodwa iningi limanqikanqika, likhala ngokuthi iChina ivele ithumele bonke abantu bakhona ukuyosebenza emabhizinisi adalekayo.
Okunye abakhala ngakho wukuthi amabhizinisi aqhutshwa ngabantu baseChina aphendula abantu izigqila, njengezigigaba ezike zabikwa lapho bevalela abantu emsebenzini ubusuku bonke, okwaholela ekutheni owesifazane waseNewcastle aphuphunyelwe yisisu.