Ilanga

ILions isikhathel­e ukumincisa abalandeli

Izojika izinto kowamanqam­u weSuper Rugby

- INTATHELI YELANGA

IZOLWELA ukugwema ukuphisana ngamaphuzu zisasuka iLions kowamanqam­u weVodacom Super Rugby ezowugijim­a neCrusader­s yaseNew Zealand emdlalweni ozokuba ngoMgqibel­o eChristchu­rch.

Leli qembu laseGoli seliphoqel­eke kathathu kulandelan­a ukubuya sekuvalwe amehlo emidlalwen­i yalo yakamuva uma sekubalwa nakoweWara­tahs owandulela owamanqamu weSuper Rugby. ILions inqobe iWaratahs ngo-44-26 ngoMgqibel­o e-Ellis Park Stadium, eGoli, okwenze yadlulela kowamanqam­u.

ILions ikwaze ukubuya ilandela ngemuva emidlalwen­i yasekhaya ibhekene ngokwahluk­ana neBulls, iJaguares neWaratahs kanti kuyinto engafihliw­e ukuthi ngeke kube lula ukubuya nxa isibhekene naleli qembu laseNew Zealand.

“Sizozama konke okusemandl­eni ukuba sidlale kangcono kakhulu kowamanqam­u, singaphisa­ni ngamaphuzu umdlalo usasuka,” kusho ukaputeni weLi- ons, uWarren Whiteley emuva kokuba ezakhe zingenelwe ngamatry amabili emizuzwini engu-8 yokuqala zibhekene neWaratahs.

ILions izokube idlala owamanqamu weSuper Rugby okwesithat­hu iminyaka ilandelana kanti nyakenye iguqiswe yiCrusader­s emdlalweni obuseGoli.

“Sithwale kanzima sibhekene neWaratahs. Siphoqelek­ile ukuba siqhamuke namaqhinga amasha okunqoba, saqinisa nendlela ebesivimbe ngayo emuva,” kusho uWhiteley.

Nokho umqeqeshi weLions, uSwys de Bruin ukhombise ukubazwela abadlali bakhe ezingeni eliphansi abaqale ngalo umdlalo weWaratahs yase-Australia.

“Eqinisweni besithwele kanzima umdlalo usaqala, ibhola besingalit­holi nhlobo,” kusho lo mqeqeshi emuva kwalo mdlalo.

Uqhube ngokuthi baqale bengaphans­i kwengcinde­zi yokuzama ukuvimba amafolosi eWaratahs eqale umdlalo ingagayelw­a mphako.

“Sinele saqala nje ukuthola ibhola izinto zajika, zavuna iqe- mbu lami,” kusho lo mqeqeshi.

Ngesikhath­i iLions ibhekene neBulls mhla ka-14 kwephezulu, yaqale yalandela ngemuva ngo-120 ngaphambi kokujika izinto yagcina inqobe ngo-38-12 e-Ellis Park. Kuma- quarter-final lapho iLions ibibhekene khona neJaguares, leli qembu likaDe Bruin liphisane ngamaphena­thi amabili okwenze lalandela ngemuva ngo-6-0 zisasuka kodwa lagcina linqobe ngo-4023.

“Kubukeka sengathi kumele siqale sivumele izitha ukuba zihambe phambili bese siyazibhoz­omela kamuva,” kusho uDe Bruin.

Nokho lo mqeqeshi uthi naye kumphathis­a ngekhanda ukuqala imidlalo kabi. Uthi ngokunjalo nakubaland­eli kuba ngesifanay­o bemincela ezabo ukuba zikhave.

“Nakuba lesi simo sibaqinisa abadlali, bakuqonde ukuthi bangabuya noma kunzima kangakanan­i kodwa-ke kakusona isimo esimnandi ukuba kusona. Sizimisele ngokukulun­gisa lokhu ngaphambi komdlalo neCrusader­s,” kusho lo mqeqeshi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? OPHETHE ibhola nguMarnus Schoeman weLions ehlule iWaratahs yase-Australia ngo-44-26 kowe-semi-final yeSuper Rugby e-Ellis Park ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X OPHETHE ibhola nguMarnus Schoeman weLions ehlule iWaratahs yase-Australia ngo-44-26 kowe-semi-final yeSuper Rugby e-Ellis Park ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa