Ilanga

ABAGIJIMI BAKULELI NETHEMBA KWEYE-CAA

- MZWAMANDLA ZONDI

USEBHEKE imidlalo yama-Olympic azokuba ngo-2020 eJapan umsubathi osemncane waKwaZulu-Natal, uZakithi Nene, ozokube emele iNingizimu Afrika kwiCAA Senior Track and Field Championsh­ips eqala ngoLwesith­athu isongwe ngeSonto e-Asaba, eNigeria.

UZakithi ufulathele elakuleli ngoMgqibel­o ukuya eNigeria lapho ezokwenza khona u-400m ne4x400m. Ulibangise kulo mqhudelwan­o inhliziyo yakhe iqaqamba kulandela ukwenza iphutha kweqembu lakuleli le-4x400m lingena isibili lilandela i-United States of America (USA) kwi-Athletics World Cup ngeledlule eLondon. Elakuleli laphucwa umklomelo walo ngenxa yokwenza iphutha.

“Ngizimisel­e ngokwenza kangcono isikhathi sami se-400m, u-45:63 ukuze ngizicabel­e indlela ebheke kuma-Olympic ngo-2020 eJapan. Ngiyacaban­ga ukuthi iphutha esilenze eLondon ngeke liphindeke eNigeria. Uma senze kahle kulo mqhudelwan­o nginethemb­a lokuthi iNingizimu Afrika izobuya ise-ndaweni yokuqala e-Africa,” kusho uNene.

Kulo mqhudelwan­o kubhekwe abasubathi abafana noCaster Semenya ukuba baphakamis­e ifulegi lezwe. UCaster usanda kuphula irekhodi lakuleli le-800m kanti kubhekwe ngabomvu ukuba enze kangcono isikhathi sakhe u-1:53:25. Lesi sikhathi usibeke ngenyanga edlule kwi-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) Diamond League eFrance. Omunye umsubathi obhekiwe ngu-Akani Simbine osanda kudla ubhedu kumaCommon­wealth Game ekuqaleni konyaka, uLuvo Manyonga kwiLong Jump ukubala nje abambalwa.

Selilonke iqembu lakuleli elilibangi­se eNigeria lididiyelw­e kanje: u-Akani Simbine; uRoscoe Engel; uLuxolo Adams; uTshepo Tshite; uRynhardt Van Rensburg; uKabelo Simon Mohlosi; uJerry Motsau; uDominique Scott Efurd; uStephen Mokoka; uGlenrose Xaba; uSiboniso Sodlaka; uCherise Sims; u-Antonio Alkana; uRuan De Vries; uChris Moleya; uMpho Links; uBreyton Poole; uJulia Du Plessis; uMarilize Higgins; uYvonne Robson; uValco Van Wyk; u-Ekhardt Van Der Watt; uJodie Sedras; uLuvo Manyonga; uRuswahl Samaai; uCheswill Johnson; uLynique Beneke; uGodfrey Mokoena; uMenzi Mthembu; uPatience Ntshingila; uZinzi Chabangu; u-Orazio Cremona; uKyle Blignaut; uJason Van Rooyen; u-Ischke Senekal; uMeike Strydom; uVictor Hogan; uWerner Visser; uRiette Heyns; uYolandi Stander; uChris Harmse; u-Alan Cumming; uTshepang Makhete; uMargo Chene Coetzee; uJohan Grobler; uPhilmar Van Rensburg; u-Anro Van Eeden; uSunette Viljoen; uJo-Ane Van Dyk; uMegan Wilke; uFredriech Pretorius; uDuncan McGladdery; uNienka Du Toit; uLebogang Shange; uWayne Snyman; u-Anel Oosthuizen; uZelda Schultz; uSimon Magakwe; uHenrico Bruntjies; u-Anaso Jobodwana; uThando Dlodlo; u-Emile Erasmus; uCarina Horn; uTebogo Mamathu; uCassidy Williamson; uTamzin Thomas; uRikenette Steenkamp; uRose Xeyi; uThapelo Phora; uPieter Conradie; uZakithi Nene; uSokwakhan­a Zazini; uLindsay Hanekom; uLe Roux Hamman; uJustine Palframan; uCaster Semenya; uWenda Nel; uZeney Van der Walt no-Ariane Nel.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ULUDWICK Mamabolo ngomunye wabasubath­i abazokuya eCroatia ukuyomela elakuleli kwi-IAU 100km ngoMandulo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ULUDWICK Mamabolo ngomunye wabasubath­i abazokuya eCroatia ukuyomela elakuleli kwi-IAU 100km ngoMandulo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa