Ilanga

Kugxekwa iqembu eliqokwe yi-ASA

Kukhalwa ngokunona kwabanye abagijimi abazokuya eCroatia

- MZWAMANDLA ZONDI

UNGOTI wezokugiji­ma waseNingiz­imu Afrika, uCuan Walker, ugxeka isikwati esizomela elakuleli kwi-Internatio­nal Associatio­n of Ultra-runners (IAU) 100km ezokuba mhla ka-8 kuMandulo (September) eCroatia.

Kuzokhumbu­leka ukuthi i-Athletics South Africa (ASA) imemezele iqembu lesikhasha­na elizomela izwe kule midlalo ngemuva kweComrade­s Marathon. Abasubathi abaningi abebefakiw­e balibeka ngembaba elokuthi kabayi kule midlalo. Bagxeka i-ASA ngokungayi­khathaleli iRoad Running kuleli.

Umsubathi ophumele obala ngokuthi iRoad Running kayinakiwe ngu-Ann Ashworth oyingqwele yeComrades Marathon yanonyaka kwabesifaz­ane. Abanye abahoxile bekhala ngokuthi kuneminye imi- jaho abazokuba yingxenye yayo nguGerda Steyn ongene isibili, uTanith Maxwell ongene isine noCharne Bosman onqobe iComrades ngo-2016.

UWalker ekhuluma neLANGA izolo ngeSonto, uthe lesi sikwati kasiqinile ngokwanele. Uthi i-ASA ishiye ngaphandle abasubathi abaningi abebengenz­a kahle yize kukhona abahoxile.

“Kangazi ukuthi ufakwe kanjani uClaude Moshiywa ngoba kule minyaka emibili edlule akenzi kahle. Ngisanda kuzwa kuthiwa ukhuluphel­e kakhulu kulezi zinsuku.

"ULudwick Mamabolo ngigcine kuthiwa ulimele kangazi ukuthi kuzoshaya isikhathi salo mjaho eseluleme ngokugcwel­e yini njengoba engenzanga kahle kwiComrade­s Marathon yanonyaka.

“Abantu abasefomin­i enhle nguBongumu­sa Mthembu noNkosinat­hi Duma. Kwabesifaz­ane ngiba- fisela inhlanhla ngoba iNingizimu Afrika iyaqala ukuthumela iqembu labo kule midlalo. Engimfisel­a inhlanhla kakhulu nguFikile Mbuthuma futhi ngiyamethe­mba ukuthi uzokwenza kahle,” kusho uWalker.

UFikile ekhuluma naleli phephandab­a, uthe ujabule kakhulu kwazise uzokube eqala ukuphumela ngaphandle kwakuleli. Uthi ngesikhath­i i-ASA imfonela kuthe makandize yinjabulo. Uthi ngeke akwazi ukuphawula ngabasubat­hi abahoxile kule midlalo.

Selilonke iqembu lakuleli labesilisa eliya eCroatia lididiyelw­e kanje: uMthembu; uMamabolo; uBest Ngwenya; uMoshiywa noDuma. Kwabesifaz­ane: uFikile; uDeanne Horn; uLisa Collett noSalome Cooper. Izimenenja zeqembu: nguGeorge Lamb, uNick Bester, uLindsey Parry noLwethu Mabida.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa