UBenni akaboni simanga ezinkunzini zePSL
Uthi sekunamakilabhu amadala namasha, hhayi amakhulu
UBENNI McCarthy ongumqeqeshi weCape Town City ubona esazodonsa kanzima la makilabhu okuthiwa makhulu njengoba ekholwa wukuthi sekusele amagama nje.
ICape Town City iguqise iKaizer Chiefs ngo-1-0 koweMpumalanga Cultural Cup ngoMgqibelo ntambama eMbombela Stadium, eNelspruit.
Igoli leCity lishaywe nguCraig Martin. Lo mqhudelwano bekungowokugcina wokuzivivinya kula makilabhu njengoba ngoMgqibelo kuzoqala imidlalo ye-Absa Premiership, yingakho ebebophele izikimu zawo eziqinile.
UMcCarthy ushaya amakhala
ngokuthi amakilabhu athathwa njengezinkunzi zakuleli kusawafanele yini ukuthi kuthiwe makhulu. Yize uMcCarthy engazange awabale ngamagama amakilabhu athathwa njengamakhulu kuleli, kodwa la makilabhu yi-Orlando Pirates, yiChiefs neMamelodi Sundowns kwazise aheha izinkumbi zabalandeli ikakhulukazi uma ebhekene wodwa.
“Le ligi esidlala kuyona iyaxaka, noma wubani angamehlula omunye, kunzima manje ukuqagula ozonqoba. Ngendlela eyiyona angazi noma la makilabhu okuthiwa makhulu kusafanele yini ukuba sisho njalo noma sithi madala, kudala asungulwa. Okushayisa ngamahloni wukuthi amanye awo anabadlali okungabafanele ukudlala kuwona.
“Empeleni konke lokhu akwazi ukukwenza la makilabhu nathi esingamakilabhu amancane siyakwazi ukukwenza. Bheka nje ikilabhu yethu ikwazi ukuheha abadlali abebeyibambe e-Europe. Lokho kuyizinkomba zokuthi sonke sibakhulu wukuthi kukhona amakilabhu aseneminyaka eminingi asungulwa. Kodwa-ke akukho esingakusho ngoba ibhola likhulile namanye amakilabhu awazibekile phansi,” kusho uMcCathy.
Uqhube ngokuthi ezakhe sezimi ngomumo, sezikulungele ukuqala imidlalo yeligi. UMQEQESHI woThongathi FC olugijima kwiNational First Division (NFD) uxwayisa ngengozi ezobhekana namakilabhu athatha kancane ezakhe ngoba zipatanisa ngenxa yokungabi nabo abaxhasi.
UThongathi luguqiswe yiReal Kings ngo-2-1 kwi- quarter-final yeKwaZulu-Natal Premier’s Cup ngoMgqibelo ekuseni ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Nakuba luhluliwe kodwa lubonakale luhlelekile futhi lunabadlali abanesibindi abanganqeni ukuthatha indoda.
UJohnny Ferreira ongumqeqeshi woThongathi, uthi uyazi ukuthi kunabantu abayibukela phansi ikilabhu yakhe ngoba izitabalasela, ingenabo abaxhasi. Nokho uthi uma bezokuza ngalowo mqondo nasemidlalweni yeligi bazoyikhotha imbenge yomile.
“Lo mqhudelwano usisize kakhulu ukuze sizibone ukuthi simi kuphi ngokwezinga. Ngikholwa wukuthi ngicaciselekile kulo mdlalo ngokufanele ngikwenze uma sekuqala isizini. Kodwa into esengiyibonile ngamakilabhu amaningi wukuthi ayalweya uThongathi ngoba nakhu luzitabalasela lunganothile njengamanye amakilabhu.
“Nokho ngifuna ukusho ukuthi ngale sizini kasizile ukuzovika izembe, sizolwela ukungena kwiAbsa Premiership. Ngalaba badlali enginabo kangingabazi ukuthi singakwenza lokho. Ngixwayisa laba abasithatha kancane ukuthi babheke ngoba kukhona okuzobethusa uma sesihlangene kahle,” kusho uFerreira.