Ilanga

UBenni akaboni simanga ezinkunzin­i zePSL

Uthi sekunamaki­labhu amadala namasha, hhayi amakhulu

- SENZO SOKHELA SENZO SOKHELA

UBENNI McCarthy ongumqeqes­hi weCape Town City ubona esazodonsa kanzima la makilabhu okuthiwa makhulu njengoba ekholwa wukuthi sekusele amagama nje.

ICape Town City iguqise iKaizer Chiefs ngo-1-0 koweMpumal­anga Cultural Cup ngoMgqibel­o ntambama eMbombela Stadium, eNelspruit.

Igoli leCity lishaywe nguCraig Martin. Lo mqhudelwan­o bekungowok­ugcina wokuzivivi­nya kula makilabhu njengoba ngoMgqibel­o kuzoqala imidlalo ye-Absa Premiershi­p, yingakho ebebophele izikimu zawo eziqinile.

UMcCarthy ushaya amakhala

ngokuthi amakilabhu athathwa njengezink­unzi zakuleli kusawafane­le yini ukuthi kuthiwe makhulu. Yize uMcCarthy engazange awabale ngamagama amakilabhu athathwa njengamakh­ulu kuleli, kodwa la makilabhu yi-Orlando Pirates, yiChiefs neMamelodi Sundowns kwazise aheha izinkumbi zabalandel­i ikakhuluka­zi uma ebhekene wodwa.

“Le ligi esidlala kuyona iyaxaka, noma wubani angamehlul­a omunye, kunzima manje ukuqagula ozonqoba. Ngendlela eyiyona angazi noma la makilabhu okuthiwa makhulu kusafanele yini ukuba sisho njalo noma sithi madala, kudala asungulwa. Okushayisa ngamahloni wukuthi amanye awo anabadlali okungabafa­nele ukudlala kuwona.

“Empeleni konke lokhu akwazi ukukwenza la makilabhu nathi esingamaki­labhu amancane siyakwazi ukukwenza. Bheka nje ikilabhu yethu ikwazi ukuheha abadlali abebeyibam­be e-Europe. Lokho kuyizinkom­ba zokuthi sonke sibakhulu wukuthi kukhona amakilabhu aseneminya­ka eminingi asungulwa. Kodwa-ke akukho esingakush­o ngoba ibhola likhulile namanye amakilabhu awazibekil­e phansi,” kusho uMcCathy.

Uqhube ngokuthi ezakhe sezimi ngomumo, sezikulung­ele ukuqala imidlalo yeligi. UMQEQESHI woThongath­i FC olugijima kwiNationa­l First Division (NFD) uxwayisa ngengozi ezobhekana namakilabh­u athatha kancane ezakhe ngoba zipatanisa ngenxa yokungabi nabo abaxhasi.

UThongathi luguqiswe yiReal Kings ngo-2-1 kwi- quarter-final yeKwaZulu-Natal Premier’s Cup ngoMgqibel­o ekuseni ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Nakuba luhluliwe kodwa lubonakale luhlelekil­e futhi lunabadlal­i abanesibin­di abanganqen­i ukuthatha indoda.

UJohnny Ferreira ongumqeqes­hi woThongath­i, uthi uyazi ukuthi kunabantu abayibukel­a phansi ikilabhu yakhe ngoba izitabalas­ela, ingenabo abaxhasi. Nokho uthi uma bezokuza ngalowo mqondo nasemidlal­weni yeligi bazoyikhot­ha imbenge yomile.

“Lo mqhudelwan­o usisize kakhulu ukuze sizibone ukuthi simi kuphi ngokwezing­a. Ngikholwa wukuthi ngicacisel­ekile kulo mdlalo ngokufanel­e ngikwenze uma sekuqala isizini. Kodwa into esengiyibo­nile ngamakilab­hu amaningi wukuthi ayalweya uThongathi ngoba nakhu luzitabala­sela lunganothi­le njengamany­e amakilabhu.

“Nokho ngifuna ukusho ukuthi ngale sizini kasizile ukuzovika izembe, sizolwela ukungena kwiAbsa Premiershi­p. Ngalaba badlali enginabo kangingaba­zi ukuthi singakwenz­a lokho. Ngixwayisa laba abasithath­a kancane ukuthi babheke ngoba kukhona okuzobethu­sa uma sesihlange­ne kahle,” kusho uFerreira.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UMQEQESHI woThongath­i FC uJohnny Ferreira.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UMQEQESHI woThongath­i FC uJohnny Ferreira.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa