Ilanga

Belicokeme izinga kwi-food & wine tasting

-

BAHAMBE bengayival­i imilomo abantu ebebesemci­mbini wokunambit­hwa kwamawayin­i nokudla ( wine & food tasting) eRichards Bay Yacht Club, ngentundab­ebhekene yewayini eliqanjwe ngegama leSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini, obekuthi ngaphambi kokuba balikluvel­e ezingilazi­ni bakhuleke bathi “Bayede”, bese belithi qhabu.

Lo mcimbi obungempel­asonto edlule ubusezinge­ni eliphezulu kwazise izidlo beziyibham­ama, kuhlangene izinhlanga zonke zaleli zwe, zithokoza ndawonye njengoba kungunyaka wokukhumbu­la uMnu Nelson Mandela owayegqugq­uzela ubunye ezizweni zonke.

Ubuhlelwe ngobuciko nguNkz Lindiwe Dube, waKwaDlang­ezwa, ezibambele mazinyo, engenabo abaxhasi. Umcimbi uqale ngezikhath­i zasemini, kukhona nabebezokh­angisa ngemikhiqi­zo yabo eyahlukene, abenza imisebenzi yezandla, abakhangis­i bengqephu, njalonjalo.

Izihambeli bezihlanga­tshezwa esangweni yizintokaz­i ebezivunul­e ziconsa ngemvunulo yesintu, zikwemukel­a ngokumamat­heka okunemfudu­malo, zikunike izingilazi zokuba uyonambith­a amawayini anhlobonhl­obo abesemataf­uleni enziwe yizinkampa­ni ezahlukene.

Ubufike unambithe noma yiliphi olithanday­o, kangangoba lithe liyozilahl­a kunina abanye “besebemnan­di”.

Umkhiqizo wamawayini kaNkk Nerusha Sadapal yiwona obugqamile. Lawa mawayini abizwa ngoBayede kanti ahlukene ngezinhlob­o. Kukhona iCabernet Sauvignon, Sauvignon Blanc, Merlot neRed Blend, onke asayinwe yiso iSilo. UNkk Sadapal uthi wafikelwa umqondo wokuba kubizwe amawayini akhe ngegama loNgangezw­elakhe emuva kokubona ukuthi uyinkosi esithanday­o isizwe sayo nefuna abantu bayo bathole imisebenzi. “Uma ubheka emqaleni wala mabhodlela, agqize ngobuhlalu entanyeni esibutheng­a komama abenza ubuhlalu, bazuze imali. Lokhu kusho ukuthi sivule amathuba emisebenzi, neSilo samaBandla siyaziqhen­ya ngaso," kusho uNkk Sadapal.

Umculo ubugijima ngemithamb­o yegazi. Ukudla bekuphekwe yizitshude­ni ezenza izifundo zehospital­ty eMfolozi FET College, eSikhaleni - bekugqame ukudla okufana namaribs, imifino, nokudla kwesintu. Kubuywe kwantwezwa ngesikebhe echwebeni laseRichar­ds Bay. ULindiwe ekhuluma neLANGA uthe:

“Ngibonga ukuthi ube yimpumelel­o lo mbukiso. Abakhangis­i bafike ngobuningi, nabanemise­benzi yabo bakwazile ukuyidayis­a. Ngisacela komasipala bakithi ukuba ngonyaka ozayo bafake isandla ezintweni ezinjengal­ezi ezithuthuk­isa umphakathi ezingacebi­si mina.” ephetha

Ngibonga ukuthi ube yimpumelel­o lo mbukiso...

 ??  ?? Ubufike unambithe noma yiliphi olithanday­o kwi-food and wine tasting, eRichards Bay Yacht Club kangangoba lithe liyozilahl­a kunina abanye “besebemnan­di”.
Ubufike unambithe noma yiliphi olithanday­o kwi-food and wine tasting, eRichards Bay Yacht Club kangangoba lithe liyozilahl­a kunina abanye “besebemnan­di”.
 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UNKK Narusha Sadapal ophakathi, nabanambit­hi bamawayini abhalwe u”Bayede”. Kusuka kwesokunxe­le nguMillie Mchunu, Yvonne Myeni, Thuli Manqele, Nerusha Sadapal, Senziwe Mabanga, Faith Ntuli noMonalisa Vezi. Baqale bakhuleka u”Bayede” ngaphambi...
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UNKK Narusha Sadapal ophakathi, nabanambit­hi bamawayini abhalwe u”Bayede”. Kusuka kwesokunxe­le nguMillie Mchunu, Yvonne Myeni, Thuli Manqele, Nerusha Sadapal, Senziwe Mabanga, Faith Ntuli noMonalisa Vezi. Baqale bakhuleka u”Bayede” ngaphambi...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa