Ilanga

SIFUNA OMASIPALA ABAZOSITHU­THUKISA

- Mehlwenkos­i Buthelezi, ePhoenix

MHLELI: Lapha KwaZulu-Natal (Shakaland), sifuna kube nomasipala abane abanamandl­a futhi abanomnoth­o ozothuthuk­isa umphakathi ngendlela elinganayo.

Njengoba kukhona iDurban Metro (iTheku), sifuna ihambe ibanga elikhulu ize ihlangane nomasipala abakhele uMasipala wesiFunda i-Ilembe; okuyiNdwed­we, yiKwaMaphu­mulo, KwaDukuza neMandeni bese ligwinya nabanye omasipala abaseduze.

Lokhu siyobe sikwenzela ukunciphis­a igebe lempilo. Bheka nje ngaphansi kukaMasipa­la iTheku, izindawo eziningi zibhekelel­wa kangcono ngoba kunezinsiz­a nentela eqoqwayo (njengama- rate) engcono uma uqhathanis­a noMasipala waKwaMaphu­mulo uwodwa.

Lolu hlelo olukhona njengamanj­e, luyafana nolwamaBhu­nu lweBantust­an, lapho abasemakha­ya bethuthuki­swa ngendlela engafani nabasemado­lobheni njengabelu­ngu namaNdiya.

Isibonelo: Uma kulungiswa umgwaqo emaNdiyeni nakobelung­u, kufakwa itiyela, kodwa uma ulungiswa emakhaya kobantu kufakwa inkwali kuphele kanjalo.

Uma ubheka igebe lokungalin­gani libanga amahloni kule Ningizimu Afrika. Abasebenza emigwaqwen­i yaseThekwi­ni bahola ngaphezu kuka-R2 500, abasebenza kweyasemak­haya bahola ngaphansi kakhulu kuka-R1 000. Lokho kubi, kuyenyanye­ka ngoba uma singena ezitolo sithenga ngenani elifanayo futhi ezokuthuth­a zasemakhay­a ziyadula.

Ezindaweni eziningi zasemakhay­a kawukho ugesi, kodwa ukhona kuzona zonke ezihlala abelungu, amaNdiya namakhalad­i.

Omunye umasipala ongaba yi- metro, kungahlang­aniswa omasipala boThukela, aboMzinyat­hi nabakhele isifunda iMajuba, njengeNewc­astle. Kungaphind­e kuhlangani­swe uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, uMkhanyaku­de neZululand, kube yi- metro ezokuba nomnotho.

UMasipala wesiFunda Ugu nawo uhlanganis­we neHarry Gwala noMgungund­lovu kwakhiwe i- metro ezokuba namandla ekuthuthuk­iseni umphakathi. Lolu shintsho lungasiza kakhulu ukuthuthuk­isa izindawo zasemakhay­a ngesivinin­i, hhayi lolu nyawo lonwabu okuhanjwa ngalo.

Okubalulek­e kakhulu wukulethwa kwamafemu nengqalasi­zinda (njengolayi­ni besitimela) ezovula imisebenzi ezindaweni zasemakhay­a, kuphele ukunqwabel­ana kwabantu emadolobhe­ni. #support_KwaZuluNat­al_for_independen­ce ! #ShakalandI­sMyCountry.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa