Ilanga

INJABULO ENIKELELWA NGOTHISHA INDLU

- PHUMLANI GAMA

KUSIZE ukungenele­la kweSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) ukunciphis­a usizi lwesaguga saseMzondi, eNgwavuma - esihlala sodwa - ebesingena­yo indlu yokulala.

UNkz Mankanini Mdluli (85), unikwe indlu enamagumbi amabili yile nyunyana ngoLwesihl­anu. Uyakhelwe ngokuhlang­anyela ngamagatsh­a ale nyunyana ngaphansi kwesifunda saseNgwavu­ma. Ivulwe ngokusemth­ethweni nguNkz Zodwa Zwane, oyisekela likasihlal­o wale nyunyana, KwaZulu-Natal. UNkz Zwane ubonge isenzo samagatsha ale nhlangano ngokubheke­lela abantu abafana noNkz Mdluli.

“Namuhla sizovula ngokusemth­ethweni indlu kagogo Mdluli ngemuva kokuba abanye ozakwethu behlangani­le baphuma nento ephathekay­o. Ngaphandle kwale ndlu, sizomshiya negilosa, umbhede wokulala nezinye izinto ezibalulek­ile. Kasiqali ngogogo Mdluli ukusiza, kodwa baningi.

"Lokhu sesikuthat­ha njengento okufanele ihlale yenzeka nsuku zonke. Sizimisele ngokuqhube­ka nokusiza umphakathi ngezidingo ezibalulek­ile, njengazo nje izindawo zokufihla ikhanda,” kusho uNkz Zwane.

UNkz Mdluli wehlulekil­e wukuzibamb­a, wakhala ngesikhath­i enikwa ukhiye wendlu yakhe. Uveze ukuthi ubeselahle ithemba ngokuthi uyoke abe nendlu yokulala esezingeni elifana nale.

“Ngiyamanga­la ukuthi yimina lo osezolala endlini yalolu hlobo ekubeni ngihlale endlini eyinhlekis­a kusuka ebusheni bami.

"Kalingivum­anga izwe ngoba ngashonelw­a yizingane zami zisencane. Bengiyinhl­ekisa kwabanye omakhelwan­e ngoba bekudingek­a ukuba ngivuke ngime ngezinyawo uma imvula ina. Ebusika bengiququd­wa ngamakhaza.

"Ngiyathoko­za kakhulu ngengikwen­zelwe ngothisha ngoba bashintshe impilo yami yenhluphek­o yeminyaka. Ngifisa sengathi bangaqhube­ka basize nabanye abafana nami ngoba sibaningi esidinga usizo lokwakhelw­a izindlu,” kusho uNkz Mdluli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa