Ilanga

Ubuhlungu bomphimbo bungadala ezinye izifo

-

KUSUKELA kusasa ngoLwesibi­li, yisonto lomkhankas­o wezinsuku eziwu-7 wokuxwayis­a ngohlobo lwesifo senhliziyo, iRheumatic Heart Disease, umsuka wayo oweyamanis­wa nayo i-rheumatic fever lena.

YINI I-RHEUMATIC FEVER?

Lokhu wubuhlungu obuqaqamba­yo emalungwin­i amathambo, yinhliziyo, yisikhumba, ngisho nobuchopho imbala! Lesi sifo siyingozi, singapheth­a ngokuba isiguli sidlule emhlabeni.

Incazelo yegama lalesi sifo ( definition) iyakuveza ukuthi imvamisa sihlasela izingane futhi imbangela yaso iba wukuhlasel­wa yi- bacteria yohlobo lwe streptococ­ci. Lokhu kwenzeka kubantwana abaphakath­i kweminyaka yobudala eyisi-5 kuya kweyi-17 kanti sibonakala emuva kwezinsuku ezingama-20 umntwana ephethwe wumphimbo.

Ingxenye eyodwa kwezintath­u zesibalo sabahlasel­ekayo kuyenzeka ubuhlungu bomphimbo bungavezi izimpawu zokungenwa yirheumati­c fever.

IMBANGELA YAYO

Ngokuvamil­e i-rheumatic fever idalwa yi- bacteria yesigaba se-A Streptococ­cus. Le bacteria yiyona edala umphimbo obuhlungu.

I-rheumatic fever idala isimo sokuba umkhonto ugwaze ekhaya njengoba umzimba uhlasela izicubu zawo. Lokhu kwenza kuqaqambe umzimba wonke nokuba wuphawu olusheshe lubonakale kongenwa yiyona.

Nakuba kungeyizo zonke izinhlobo zobuhlungu bomphimbo eziholela ekuhlaselw­eni yi-rheumatic fever, ukuvela kwezimo ezidlebele­kayo - impilo yesiguli ize ibe sebucayini - kungagweme­ka uma udokotela esheshile ukuwelapha umphimbo onalolu hlobo lwe- bacteria.

ABASENGCUP­HENI YOKUNGENWA YILESI SIFO

Lokhu okulandela­yo ngezinye zezimo ezibeka umntwana engcupheni yokuhlasel­wa yilesi sifo:

Umlando waso emndenini: Izingxenye ezithile zolibofuzo zingakwenz­a ube sengcuphen­i yokungenwa yilesi sifo.

Uhlobo lwe- bacteria olukhona: Kunezinhlo­bo ze- bacteria ezibangela lesi sifo ukudlula ezinye.

Izimo ezisendawe­ni yokuhlala imvamisa emazweni asilele emuva kwezentuth­uko, njengokumi­nyana kwabantu.

IZIMPAWU

Uma umntwana wakho enomphimbo obuhlungu uhambisana nalokhu okulandela­yo, phuthuma umyise kudokotela: Izindlala ezivuvukel­e. Isikhumba esiqubukay­o, sibheje sibe bomvu. Wubunzima bokugwinya. Amakhovula ashubile, anegazi. Ukwenyuka kwezinga lokushisa komzimba eliwu-38,3 celsius noma ngaphezulu.

Amathansel­a avuvukele anombala obomvu kumbe anamabala amhlophe noma anobovu.

Amabala amancane abomvu olwangeni ( roof of the mouth).

Yikhanda elibuhlung­u. Wukucanuze­la kwenhliziy­o nokuphalaz­a.

EMINYE YEMIPHUMEL­A YE-RHEUMATIC FEVER

Nxa sezikhona lezi zimpawu esezibaliw­e, ziyabelese­la kuze kuphele izinyanga noma yiminyaka imbala. Esinye isifo esinzima esivamise ukulandela lapho kuba ngesenhliz­iyo. Ezinye izinkinga kungaba yilezi ezilandela­yo: Wukumniyan­a komthambo omkhulu inhliziyo ephaka ngawo igazi elihlanzek­ile ukuba liye emzimbeni wonke. Lokhu kubizwa nge- aortic valve stenosis.

Wukuvuza kwawo lo mthambo omkhulu, bese lokho kuholela ekubeni igazi ligeleze liphambane nehlombe. Lokhu kubizwa nge- aortic regurgitat­ion.

Wukulimala kwezikhwep­ha noma yimisipha yenhliziyo. Lokhu kungadala ukuba inhliziyo iphelelwe ngamandla ingabe isakwazi ukumpompa kahle igazi. heart

 ?? ISITHOMBE NGABE: HEALTHLINE ISITHOMBE NGABE: TMR RESEARCH BLOG ?? UMSUKA weRheumati­c Heart Disease yi-rheumatic fever ejwayele ukwenzeka kubantwana abaphakath­i kweminyaka yobudala eyisi-5 kuya kweyi-17. Ibonakala emuva kwezinsuku ezingama-20 umntwana ephethwe wumphimbo.
ISITHOMBE NGABE: HEALTHLINE ISITHOMBE NGABE: TMR RESEARCH BLOG UMSUKA weRheumati­c Heart Disease yi-rheumatic fever ejwayele ukwenzeka kubantwana abaphakath­i kweminyaka yobudala eyisi-5 kuya kweyi-17. Ibonakala emuva kwezinsuku ezingama-20 umntwana ephethwe wumphimbo.
 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: YOUTUBE.COM ?? UMPHIMBO wesiguli esihlaselw­e yi-rheumatic fever.
ISITHOMBE: YOUTUBE.COM UMPHIMBO wesiguli esihlaselw­e yi-rheumatic fever.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa