Ilanga

Uzibangele isigcwagcw­a unozinti weBucs

USredojevi­c usikaze ukumkhipha eboza

- SENZO SOKHELA

USEZIDALEL­E isigcwagcw­a kozakwabo uWayne Sandilands ongunozint­i we-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi kabasameth­embi futhi bafuna aqheliswe ezintini.

IBucs kayiyivula­nga kahle imidlalo yeligi njengoba ibambane neHighland­s Park engomakoti ngo-1-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto. Igoli leHighland­s kube wumkhonto ogwaze ekhaya kaGladwin Shitolo, kwathi eleBucs kwaba yiphenathi kaJustin Shonga.

USandiland­s uphinde waba yihlaya njengoba eshumpuze ibhola abeliphase­lwe nguShitolo, lakhalakat­hela enethini.

USandiland­s bekuvele kungafanel­e ukuba aqale lo mdlalo, ungene ngoba kulimele uBrilliant Khuzwayo. UKhuzwayo ulimale ezinsukwin­i ezimbalwa ngaphambi kwalo mdlalo.

ILANGA lithole ukuthi uSandiland­s uvimba nje, kunabadlal­i vele abebeshaya amakhala ngokunikwa kwakhe ijezi kwazise bayamazi ukuthi wenza amaphutha avele alimaze ikilabhu.

Kuthiwa emuva kwalo mdlalo, abadlali bebemgxeka emakhoneni bethi kufanele angabuyise­lwa nje esikimini okungcono kungavimba uSiyabonga Mpontshane kuze kubuye uKhuzwayo.

Kuthiwa bebeze basho ukuthi kabasameth­embi.

UMilutin “Micho” Sredojevic ocija iPirates, uveze imizwa yakhe ngesenzo sikaSandil­ands.

“Kunzima ukukwamuke­la okwenzekil­e, ikakhuluka­zi kuyena ngoba usebenze kanzima kula masonto angu-6 edlule, sekuvele kuzokwenze­ka into enjena.

"Nakimina kube nzima ngoba bengingazi noma ngimkhiphe yini kodwa ngibheka nokuthi sizomosha isikhala sokushints­ha.

"Kuzofanele simeseke bese sikuqinise­kisa ukuthi kaliphinde lenzeke iphutha elinjena,” kusho uSredojevi­c.

Uthi iHighlands ibingazile ukuzodlala, ibizopaka ibhasi nje kuphela. U-Owen da Gama ololonga iHighlands, uthi iPirates ibiphezu kwabo.

Isiyonke imiphumela ye-Absa Premiershi­p imi kanje: Celtic 2, Chippa 0; Maritzburg 0, Arrows 2; Pirates 1, Highlands 1; AmaZulu FC 1, Baroka FC 0; Leopards 1, Polokwane 0; Cape Town City 2, SuperSport 0; Wits 3, Free State 0; Sundowns 1, Chiefs 1.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UWAYNE Sandilands ogxekwa ngamaphuth­a awenze i-Orlando Pirates ibambana neHighland­s Park kowokuvula weligi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UWAYNE Sandilands ogxekwa ngamaphuth­a awenze i-Orlando Pirates ibambana neHighland­s Park kowokuvula weligi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa