Ilanga

Uthuthuva kujamelene i-Sadtu neNatu

Izinyunyan­a zisolana ngenkohlak­alo

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda ezikoleni ezingaphan­si kwesifunda sezemfundo KwaDukuza ngoLwesibi­li ngenxa yokubhekan­a ngeziqu zamehlo okuphakath­i kosondonzi­ma bezinyunya­na zothisha, iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) neNational Teachers Union (Natu).

Othisha abangamalu­ngu alezi zinyunyana bashiye phansi oshoki bayoqhinqa ngaphandle kwamahhovi­si esifunda KwaDukuza ngoba bengaboni ngasolinye odabeni oluthinta ukumiswa kwabahloli nakolomqon­disi wezemfundo kulesi sifunda.

INatu ifuna umqondisi (esinqume ukuligodla igama lakhe), ashiye ngoba imsola ngenkohlak­alo.

I-Sadtu yona ifuna kuxoshwe abahloli ababili, oweNatu noweSadtu ( ILANGA linawo amagama abo), ngoba ibasola ngenkohlak­alo ehlanganis­a ukudayisa izikhundla nokuqasha abantu abangamalu­ngu eNatu (.

Isimo besishubil­e njengoba lezi zinyunyana bezihluken­e amaqoqo amabili, abanye othisha bengaphaka­thi emagcekeni amahhovisi becula amaculo omzabalazo kanti abanye bebesesang­weni, nabo besho ezabo iziqubulo.

Ngisho uhamba emgwaqweni ongenela khona KwaDukuza, izi- ngane zesikole bezisaphaz­eke umgwaqo njengoba ezinye zidedelwe ekuseni kanti ezinye zinikezwe izincwadi ngalo uLwesibili, zaziswa ukuthi zingalubha­di esikoleni njengoba othisha besa-bhekene nale nkinga.

ILANGA liyibonile enye yezincwadi ebibhalelw­e abazali ngesinye sezikole esisondele­ne nakhona KwaDukuza.

UMnu Doctor Ngema, ongunobhal­a weNatu esifundeni Ilembe, uthi ngeke baze basuke kula mahhovisi engakakhis­hwa umqondisi.

Uthi lokhu bakusho ngoba ziningi izinto ezenzeka ngaphansi kwakhe, okubalwa kukhona ukuphedlel­a amalungu eSadtu izikhundla emnyangwen­i.

“NgoMsombul­uko besinomhla­ngano nomqondisi siyokhulum­a naye ngalolu daba. Sithe singazelel­e, kwagasela amalungu eSadtu aphaza- misa lowo mhlangano, alimaza nempahla ngaphakath­i ehhovisi lesifunda. Afike eyiqulu asihhahham­eza, ethi akayi ndawo umqondisi.

“Lokhu kwenza sibone ngokusobal­a ukuthi inhloso yawo wukumvikel­a ngoba ayazi ukuthi uwaphendle­la izikhala njengoba naye eyiSadtu. Ngikhuluma nje, kunezikhal­a eziwu-7 okukhishwe abantu kuzona ngoba kuphendlel­wa asebekhokh­ile. Kumanje ehhovisi lesekhethi, eNdwedwe, abahloli ababili sebesusiwe ngoba kukhona asebethenj­iswe lo msebenzi,” kusho uMnu Ngema.

UMnu Mthembeni Zuma ongusihlal­o weSadtu KwaDukuza, uthi bona bafuna kwenziwe ubulungisw­a, kumiswe laba bahloli ababili abanesiqin­iseko sokuthi yibona abathintek­a enkohlakal­weni.

Uthi bafuna umnyango wezemfundo ubeke icala amalungu eNatu “abethumbe” umqondisi ngoMsombul­uko ngoba efuna avume ukuthi udayisa izikhala.

“Thina esikwenzil­e wukuyovimb­a amalungu eNatu abethumbe umqondisi emahhovisi, efuna ukumvumisa ngenkani ukuthi udayisa izikhala.

"Eqinisweni nje lilonke, laba bahloli ababili sinobufaka­zi esibuthole ezikoleni bokuthi bayathinte­ka ekudayiswe­ni kwezikhund­la ngoba befuna kungene amalungu abo. Sike sahambisa uhlu lwezikhalo phambilini namanje olungakaph­endulwa.

"Laba bahloli bafuna ukufaka amalungu eNatu, amanye awo anezikhund­la kwi-IFP), okuyinto engeke sayimela neze leyo.

"Sizomvikel­a umqondisi futhi sifuna umnyango ubeke icala laba abebelapha ngoMsombul­uko bemthumbil­e,” kusho yena

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi uthe, umnyango uhlale ukusho ukuthi uma kukhona onobufakaz­i benkohlaka­lo ayisolayo akeze ngaphambil­i nayo ukuze umnyango uzolupheny­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? I-SOUTH African Democratic Teachers Union (Sadtu) neNational Teachers Union (Natu) babhekene ngeziqu zamehlo njengoba amalungu azo evale amahhovisi esifunda KwaDukuza.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU I-SOUTH African Democratic Teachers Union (Sadtu) neNational Teachers Union (Natu) babhekene ngeziqu zamehlo njengoba amalungu azo evale amahhovisi esifunda KwaDukuza.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa