Ilanga

USOLINAS UGXEKA I-PSL

Ukhala ngokucinan­a kwemidlalo yezakhe

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs ugxeka iPremier Soccer League (PSL) ngokungaba­cabangeli abadlali bakhe.

IChiefs izotheleka KwaZulu-Natal namuhla ngoLwesine njengoba izobhekana neMaritzbu­rg United kowe-Absa Premiershi­p kusasa ngoLwesihl­anu ngo-20h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

IChiefs iya kulo mdlalo nje ngoLwesibi­li kusihlwa ibambane ngo-1-1 neBaroka FC koweligi ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

UGiovanni Solinas ololonga iChiefs ugxeka iligi ngokungaba­cabangeli abadlali bakhe njengoba ethi amakilabhu ababhekana nawo asuke ekade enesikhath­i sonke sokuphumul­a kodwa ezakhe azilitholi ithuba lokuphumul­a. “Le nto eyenziwa yiligi angiyiqond­isisi ngempela ukuthi iyenzelani. Imidlalo yethu icinene kodwa izimbangi zethu lutho zilokhu ziphumule. "Sifike sadlala iMTN8 ngoMgqibel­o, sadlala neBaroka ngoLwesibi­li, ngoLwesihl­anu sidlala neMaritzbu­rg yinto enjani nje leyo, ibizwa ngani? "Asilitholi ngisho ithuba lokujima sihlale sisendlele­ni,” kubalisa lo mqeqeshi. Nokho uthi akanavalo ngeMaritzb­urg yize izobe iphumule kangcono kunezakhe. “Silindele umdlalo onzima kwiMaritzb­urg ngoba iyagijima. Kuzofanele sibe nendlela yokonga umoya ngoba igcine ngeSonto yona uku- dlala, ibe nesikhathi sonke sokuphumul­a.

"Sizokwenza ngakho konke okusemandl­eni ukuthi siyawunqob­a lo mdlalo,” kusho uSolinas ongakanqob­i mdlalo weligi.

UFadlu Davids ololonga iMaritzbur­g uthi siyamkhath­aza isimo ababhekene naso.

“Isimo esibhekene naso sinzima. Asikanqobi mdlalo obekuyinto ebesingayi­lindele.

"Kodwa ngithi amaphaphu phansi, izinto zisazolung­a.

"Yizinkinga ezincane nje esibhekene nazo okuzothi kungalunga zona bese izinto zibuyela esimweni, siqale sinqobe imidlalo.

"Umdlalo weChiefs ngeke ube lula ngoba lapho efika khona ihlale yesekwa kodwa sizozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho uDavids.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p isiyonke ngempelaso­nto iqhathwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Kaizer Chiefs 20h00. NGOMGQIBEL­O EPeter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Baroka FC Baroka FC 15h00. ECape Town Stadium: Cape Town City FC vs Golden Arrows 18h00.

ESisa Dukashe Stadium: Chippa United vs Black Leopards 20h15.

EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs SuperSport United 20h15. NGESONTO EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu FC vs Free State Stars 15h00.

EFree State Stadium: Bloemfonte­in Celtic vs Orlando Pirates 15h00.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, naye obhekene nezinkinga njengoba ikilabhu yakhe ingenzi kahle selokhu kuqale isizini entsha ye-Absa Premiershi­p.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, naye obhekene nezinkinga njengoba ikilabhu yakhe ingenzi kahle selokhu kuqale isizini entsha ye-Absa Premiershi­p.
 ??  ?? GIOVANNI Solinas
GIOVANNI Solinas

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa