Ilanga

UPetronell­a we-The Queen kwi-OPW

Uphinde waqokwa nakwiMzans­i Viewers Choice Awards

- LUCKY CAIN

UTHEMBSIE Matu olingisa indawo kaPetronel­la emdlaweni owuchungec­hunge, iThe Queen, angase abonakale eshayela uhlelo lwemishado, i-Our Perfect Wedding kuMzansi Magic.

INGASE ibambe uhlelo lwemishado, i-Our Perfect Wedding, intandokaz­i yomlingisi weThe Queen, uThembsie Matu, odlala indawo kaPetronel­la.

UThembsie - ongomunye wabalingis­ikazi abathandwa­yo eNingizimu Afrika - ngoLwesibi­li umenyezelw­e nabalingis­i abaqokwe emunxeni weBest Actress emci-mbini weMzansi Viewers Choice Awards, eqale ngonyaka odlule.

ILANGA lihabule ukuthi njengoba uKayise Ngqula ongumethul­i we-OPW ezithwele, kungase kube nguThembsi­e ombambelay­o.

Ekhuluma naleli phephandab­a uThembsie ngemuva kokuthola izindaba zokuqokwa kwakhe, uzwakalise okukhulu ukujabula wabe esenxenxa abantu ukuba basheshe baqale ukumvotela. Akafunanga ukucacisa mayelana nokubamba kwi-OPW.

“Engingakus­ho nje, wukuthi izinto zingihambe­la kahle kakhulu okwamanje. Inkampani engiqale ukubonakal­a esikhangis­weni sayo iCell C isanda kungibiza, kukhona engizokwen­za nayo kanti kuningi okunye abantu abasozokub­ona ngokuhamba kwesikhath­i,” kusho yena.

UThembsie uqokwe nabalingis­i okubalwa kubo uLinda Sebezo (odlala uLillian kwiSibaya), uRami Chuene (Gracious Mabuza kwiThe Queen), Moshidi Motshegwa (Malefu kwiThe River) noLesego Marakalla (Rachel Kunutu kwi-Skeem Saam).

Abanye abaqokiwe eminxeni eyahlukene kubalwa uWarren Masemola (Stukkie kwiRing of Lies), Hamilton Dlamini (Banzi kwiSethemb­iso), Mduduzi Mabaso (ozakhele udumo ngendawo kaSuffocat­e ayidlala kwiRhythm City), Masoja Msiza (okumanje uthakaselw­a ngendawo kaNkunzi kuZalo) noKhulu Skenjana (Mingus kwiLockdow­n) abaqokwe emu- nxeni weBest Actor.

IDistructi­on Boys iqokwe eminxeni emithathu okubalwa kuyona oweFavouri­te Artist or Group, iRising Star noweSong Of The Year ngengoma yabo ethi “Omunye”. Emunxeni wePersonal­ity of the Year kuboshelwe uPapa Penny, uBonang Matheba, uSomizi Mhlongo, uKagiso Rabada noNomzamo Mbatha.

UDudu Khoza ubanga nozakwabo, uSelby Mkhize oKhozini FM, ko-weRadio Personalit­y kanti abanye abaqokwe nabo kubalwa uDJ Fresh, u-Anele Mdoda noThuso Motaung.

UDJ Black Coffee uphinde waqokwa futhi emunxeni weFavourit­e DJ, lapho ebanga khona noMaphoris­a, uTira, uPrince Kaybee noMs Cosmo.

Abantu sebengaqal­a ukuvotela izintandok­azi zabo ngokulande­la imigudu efanele yokuvota.

UMzansi Viewers Choice Awards uzoba mhla ka-24 kuLwezi (November) eGoli.

Okhulumela uMzansi Magic, uBongi Metsing, uthe okwamanje kabakamqok­i ozovala isikhala sikaKayise kwazise kusabambe uNomusa Buthelezi.

Uthi bazoqhubek­a nokubashin­tsha abethuli bohlelo kuze kube bathola ozovala isikhala ngokugcwel­e.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BONA MAGAZINE.ACKERMANS.CO.ZA ??
ISITHOMBE NGABE: BONA MAGAZINE.ACKERMANS.CO.ZA
 ??  ?? UTHEMBSIE Matu oyintandok­azi yomlingisi emidlalwen­i kamabonaku­de okubalwa iThe Queen alingisa kuyo uPetronell­a, ujabule ngokuqokwa emunxeni weBest Actress kuMzansi Viewers Choice Awards.
UTHEMBSIE Matu oyintandok­azi yomlingisi emidlalwen­i kamabonaku­de okubalwa iThe Queen alingisa kuyo uPetronell­a, ujabule ngokuqokwa emunxeni weBest Actress kuMzansi Viewers Choice Awards.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa