Ilanga

Bangqongqi­se izimoto zomnyango

Bebekhala ngokungath­uthuki kwemigwaqo

- ANDILE MOSHOESHOE

SIMANZONZO isimo edolobheni laseMatati­ele, e-Eastern Cape njengoba amalungu omphakathi evuke umbhejazan­e ashisa amahhovisi omnyango wezemisebe­nzi yomphakath­i eMaluti nezimoto zawo ezintathu.

Umsindo uqubuke ngoLwesibi­li lapho amalungu omphakathi nabashayel­i bezimoto begasele kuMasipala waseMatati­ele, befuna incazelo ngokuhamba ngonyawo lonwabu kwezinhlel­o zokuthuthu­kiswa kwemigwaqo yasemakhay­a njengoba sekuphele iminyaka belokhu bethenjisw­a wuhulumeni ukuthi izolungisw­a.

Bakhala nangokuthi uNgqongqos­he wezokuThut­ha esifundazw­eni, uNkz Weziwe Tikana, uzifikele mathupha kuleya ndawo ngenyanga edlule, wabethembi­sa ukuthi isimo semigwaqo yasemakhay­a sizoba ngcono njengoba uhlelo lokuthuthu­kiswa kwayo selukubona, kalusekho ngaphansi komnya-ngo wemisebenz­i yomphakath­i. Ekhuluma neLANGA uMnu Teboho Stemere, omele umphakathi, uthe selokhu azalwa eminyakeni engaphezul­u kuka-35, bakhule ngaphansi kwesimo esibi semigwa-qo.

Lokhu uthi kubaphoqil­e ukuba basukume balwe ngo-2014. “Saluphakam­ela lolu daba salokhu sethenjisw­a, kodwa kuze kwafika isikhathi lapho ungqongqos­he ezifikela khona wethembisa futhi wabeka nesikhathi sokuthi luzoqala nini uhlelo lokuthuthu­kiswa kwemigwaqo,” kusho uMnu Stemere. Uthi lolu hlelo luhambe kancane kakhulu njengoba ngesinye isikhathi bekuye kuphele udizili namasondo emishini yokusebenz­a, kuhlale kungase- tshenzwa ngoba kuthiwa kusayoland­wa udizili eBhisho kumbe eMthatha.

“Kusicasule kakhulu lokhu, kodwa sangadikib­ala, salokhu sizamile ukuthi sihlangane nezikhulu zomkhandlu ebezilokhu zibhala zicisha. Zifike kithina emuva kokushiswa kwamahhovi­si esingahlan­gene nakho ngoba thina esikwenzil­e, wukuyovala amahhovisi omnyango wezokuthut­ha,” kusho uMnu Stemere.

Ngesikhath­i behlukana nezikhulu zikamasipa­la, bebenqume ukuthi bazobuye bahlangane nazo ngoLwesith­athu (izolo), ekuseni. ILANGA belikhona endaweni obekuzohla­nganelwa kuyona, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba zingabonwa. Okhulumela umasipala, uNkz Olwethu Gwanya, uthe bebetsheli­we ukuthi umkhandlu kamasipala uzohlangan­a neminyango ethintekay­o kubhekwe amasu okuxazulul­a izinkinga zomphakath­i.

Uthe nakuba engakhulum­eli umnyango, kodwa kayikho into ethi izethembis­o ezazithenj­iswe umphakathi kazenzekan­ga, kepha ukhala ngokuthi zihamba kancane, kodwa wona uyaqhubeka nokushisa imishini ethunyelel­we ukuba kusetshenz­we ngayo ukuze uhlelo lokuthuthu­kiswa kwemigwaqo luhambe ngokushesh­a.

Uphinde wathi bewumasipa­la banqume ukuthi kuzoba nomunye umhlangano kusasa ngoLwesihl­anu. Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha e-Eastern Cape, uMnu Unathi Binqose, uthe impela uNkz Tikana wethembisi­le ukuxazulul­a izinkinga zemigwaqo kodwa engabhekis­ile kubantu baseMatati­ele kuphela. “Sixolisa kakhulu-ke ukuthi kuye kwaba nezihibe kulolu hlelo, kodwa lokho kakuvumeli abantu ukuba bashise izakhiwo zikahulume­ni uma kukhona abangahamb­isani nakho,” kusho uMnu Binqose.

Uthe uhlelo lokwakhiwa kwemigwaqo lungene ngaphansi komnyango wabo ngoMbasa (April) ngoba bezama ukonga imali yokuqasha izinkontil­eka. “Kunokuning­i okusafanel­e ukuba kwenziwe, kodwa ngingakuda­lula ukuthi iMatatiele iseqhulwin­i njengoba sesichithe imali ebalelwa ku-R100 million, sithenga imishini lena esishiswa manje,” kusho uMnu Binqose.

Uthe basazoqhub­eka nokuxhuman­a nomphakath­i. Okhulumela amaphoyisa aseMatatie­le, uCapt Raphael Motloung, uthe bekungakab­oshwa muntu, kodwa akhona amacala azovulwa. ILANGA lingakudal­ula ukuthi ukuthula akukabi khona endaweni, sekujutshw­e amaphoyisa ukuba abhekane nezimo zodlame kuleya ndawo.

 ?? IZITHOMBE: NGOMUSA WE-INFORMER ?? ZINGQONGQI­SWE ngomlilo izimoto zomnyango eMatatiele, amalungu omphakathi ekhononda ngokungath­uthuki kwemigwaqo.
IZITHOMBE: NGOMUSA WE-INFORMER ZINGQONGQI­SWE ngomlilo izimoto zomnyango eMatatiele, amalungu omphakathi ekhononda ngokungath­uthuki kwemigwaqo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa