Ilanga

KUMAPEKETW­ANE KUMASIPALA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

KUXABENE ubendle kuMasipala waseNdwedw­e njengoba kuthiwa kalukho uzinzo kwazise ubuholi bakhona buhlukene phakathi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA like labika ngokungabi­khona kozinzo ngemuva kokuqubuka kwezindaba zokuthi imenenja yalo masipala, uMnu Patrick Cele, isolwa ngokuhlang­ana noMnu Bheki Buthelezi oyi- human resources manager ozikhuphul­ela umholo.

Ezinyangen­i ezimbili ezedlule, uMnu Cele noMnu Buthelezi bahlaliswe ekhaya emuva kophenyo olususwe wukuvela kokuthi uMnu Cele uhola imali engaphezul­u kokumele ayihole. Ngokuthola kweLANGA, umasipala uqale wabhalela uMnu Cele noMnu Buthelezi, wathi mabachaze ukuthi kungani kungafanel­e babhekane namacala ngalokhu.

Namakhophi ezinkontil­eka obekudinge­ka ukuba asebenze njengobufa­kazi kulolu daba kuthiwa abengasath­olakalali. UMnu Cele kuvele ukuthi bekufanele ngabe uhola u-R852,706 00 ngonya- ka, kodwa ubehola u-R947,451 00 okuyiwona osuse uthuthuva.

Imithombo yaleli phephandab­a engaphakat­hi kulo masipala, iveza ukuthi uMnu Cele akaphiki ukuthi umholo wakhe ukhuphukil­e. Kuthiwa uthi ukukhushul­wa kwawo wudaba aluxoxe noMnu Nkosinathi Chili, oyimeya.

ILANGA lipotshoze­lwe ukuthi esikhundle­ni sokuba uMnu Cele ayothamela icala abebekwe lona, ufike esefaka incwadi yokwesula, uMnu Chili obemisiwe - ngoba kusolwa ukuthi uyabandaka­nyeka ekukhushul­weni kweholo lemenenja - wabuyiselw­a.

Kuphinde kwavela nokuthi uDkt Mbuyiseni Ntuli, obebambe njengemene­nja, njengoba uMnu Cele ebemisiwe, wehlisiwe kulesi sikhundla njengoba kuthiwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, ukuchithil­e ukubamba kwakhe ngoba kuthiwa akanaso isipiliyon­i esanele ekuphathwe­ni komasipala.

“Kutholakal­e ukuthi bekungafan­ele umkhandlu kamasipala umise imeya njengoba kufanele kube wumnyango owenza lokho. Lokhu kuholele ekubeni imeya ibuyiselwe esikhundle­ni sayo,” kusho umthombo. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe imeya beyingahla­liswanga ekhaya wumkhandlu kamasipala kepha beyihlalis­we yiqembu layo i-African National Congress (ANC).

“Singakuqin­isekisa ukuthi imeya ibuyele emsebenzin­i futhi iqhubeka nawo njengokujw­ayelekile futhi siyaqinise­kisa ukuthi noMnu Cele ufake incwadi yokusula,” kusho yena. Uvumile nokuthi uDkt Ntuli uyekisiwe ekubambeni esemenenja ngoba engenaso isipiliyon­i esanele.

Kuze kwashaya isikhathi sokuloba uMnu Khonzuyise Ngidi ongusomlom­o walo masipala, engatholak­ali, ucingo lwakhe lukhala lungabanjw­a. UMnu Chili uvumile ukuthi uyasebenza kulo masipala ngemuva kokumiswa ngokungekh­o emthethwen­i. Uthi ukhulume nongqongqo­she ngalolu daba, wabe esembuyise­la ngoba bekungekho bufakazi obumhlanga­nisa nalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa