Ilanga

KUSOLWA OWE-AFRO NGOKUNUKUB­EZA

- SANDILE MAKHOBA

USETHEMBE umphumela kadokotela umdansi weqembu Amadada, elingaphan­si kwenkampan­i kaMthokozi­si "DJ Tira" Khathi, i-Afrotainme­nt, osolwa ngecala lokunukube­za ngokocansi ingane (13) yakwamakhe­lwane.

Lo mdansi - esingeke simdalule ngenxa yezizathu zomthetho - ukhulume imizuzwana naleli phephandab­a izolo ngoLwesith­athu njengoba ebevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngaleli cala. Zimkhalele ngoMsombul­uko kanti amalungu omndeni athi lesi sigameko senzeke ngeSonto emini.

Kuze kwashaya isikhathi sokuba kuvalwe, uMshushisi Nsiki Qhunyiswa, ebambene phezulu nommeli walo mdansi, uMnu Shameer Goolabjith. Ummeli ubekhala ngokuthi ummangalel­wa usehlale amahora angaphezul­u kwawu-48 evalelwe ngaphakath­i, walwela ukuba isicelo sebheyili silalelwe khona izolo.

“Kumele sikhumbule amalungelo akhe ummangalel­wa njengoba umthetho ukubeka ngokusobal­a ukuthi umsulwa kuze kube imantshi imthola enecala,” kusho uMnu Goolabjith. Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuhlehlise­lwe inamuhla (Lwesine) ngo-08h00. Ummangalel­wa uzifikele nommeli wakhe okungacaca­nga ukuthi ukhokhelwe nguyena noma yinkampani yakhe, i-Afrotainme­nt. Okhulumela le nkampani, uMnu Senzo Shezi, utshele izintathel­i ukuthi sibahlukum­eze kakhulu lesi sigameko.

“Kubuhlungu okwenzekil­e kodwa sizoba naye u...(egagula lo mdansi) kuze kube kuphuma isinqumo senkantolo,” kuqhuba yena. Akathandan­ga ukuphumela obala ukuthi ngubani okhokhele ummeli. Uthe banethemba lokuthi inkantolo izomthola emsulwa lo mdansi.

Ngakolunye uhlangothi, udadewabo wesisulu - esingeke simdalule ukuvikela ingane - uthi ngokwabo bebengafun­i ngisho silalelwe isicelo sebheyili. “Kusiphatha kabi ukuthi umsolwa anikezwe ithuba lokuyohlal­a ngaphandle kodwa ingane yethu ibe ihlukumeze­kile ngalokhu. Osaziwayo bebephume ngobuningi ukuyokwese­ka lo mdansi, okubalwa uDladla Mshunqisi, iDistructi­on Boyz, uTipcee nabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa