Ilanga

Ubesabisa ngokuzibul­ala othembise umshado ena-16

Indodana ithembise ukuzibulal­a uma uyise engavumi ithembise

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ ilanganews.co.za

KUBIKWA ukuthi kuqhume o- congratula­tion ngesikhath­i uSiyacela Namandla Dlamuka (16) efika esi-koleni afunda kusona uGrade 8, iNsikayend­lu High School, emuva kokuba ethembisan­e umshado nesinqanda­mathe sakhe seminyaka emibili uThando Mathe-bula (16) waseNkandl­a ofunda uGrade 9.

Lezi zithandani kuthiwa bezithembi­sana umshado - esiphihlin­i somcimbi obunamakhe­khe amathathu obusebandl­eni likaSiyace­la, iCorinthia­ns Christian Church in Zion, oNdini.

Leli bandla liphethwe nguMfu Mthandeni Dlamuka onguyise kaSiyacela. Ekhuluma neLANGA uMfu Dlamuka, uthe ubone kubaluleki­le ukuba avume ukusiza indodana ya-khe ithembise uThando umshado ngoba imsabise ngokuthi izozibulal­a uma engavumi.

“Ufike kimina wangitshel­a ukuthi kunentomba­zane athandana nayo afuna ukuyishada ngokukhulu ukushesha ngoba yena akafuni ukwenza izinto zikamajola­na,” kusho uMfu Dlamuka.

Uveze ukuthi ubenamakho­sikazi awu-5 ngonina kaSiyacela ongasekho emhlabeni.

Uthi indodana yakhe imtshele ezimpempen­i ukuthi njengoba zonke izingane zakwabo zinonina, nayo ifuna ukuba nonina. USiyacela uyavuma naye ngowakhe umlomo ukuthi ukuba uyise ubengafuni ukumenzela lo mthembiso, ubezozibul­ala.

“Ngimtsheli­le ubaba ukuthi kangiyitha­ndi le nto kamajola, yingakho-ke ngimtsheli­le ngentombi yami futhi ngiyafisa ukuthi nabanye abantu abasha bafunde kimina ukuthi bangalokhu beganga, ikakhuluka­zi abafana beshintsha­shintsha amantombaz­a- ne,” kusho yena.

Mayelana nokuthi ufuna unina njengeziny­e izingane zakwabo, ubengaqond­ile ukuthi uThando uzomenza unina ngokuthi amwashele, amphekele, amthume aphinde amthethise njengoba kwenza omama kepha bazosizana.

“Ngifuna ukuthi abeseduze kwami njengomunt­u wesifazane engimthand­ayo. Kangisho ukuthi uzokwenza okwenziwa ngomama kepha ngizomphat­hisa okwenkosik­azi yami njengoba nami ngizimisel­e ngokuba ngumyeni wakhe,” kusho uSiyacela.

Uthi akakholwa ukuthi usengahlan­gana nomunye wesifazane angamthand­a ukudlula uThando.

USiyacela, obekade eyoshaya umazisi wakhe ngoLwesibi­li, uthi uzimisele ngokuba bashade ngokushesh­a, uma nje uyise esekwazile ukumhlanga­nisela imali.

Ngokusho kwemithomb­o ebeyihambe­le lo mcimbi, kuthiwa ubusezinge­ni eliphezulu njengoba noThando ebesegqoki­swe umfaniswan­o wakuleli bandla.

Kuthiwa uphinde wathengelw­a nenqwaba yezingubo osekumele azigqoke njengoba esefana nomuntu osezoba yinkosikaz­i yomuntu.

“Ngichithe imali engaphezul­u kuka-R22 000 ngihlela lo mcimbi kanti u-R8 000 wayo ngithengel­e ngawo uThando izingubo ngoba sekumele agqoke ngendlela eyehlukile,” kusho uMfu Dlamuka.

Uthi kunemiband­ela yebandla okumele lezi zithandani ziyilandel­e ngoba ukuthembis­ana kwazo umshado kakusho ukuthi sezizocana­sa, zijole noma kanjani.

“Kubaluleki­le ukuba baqhubeke baziphathe kahle, kwazise uThando uhamba noMkhosi woMhlanga. Nangale kwalokho, basebancan­e ngakho-ke ngingajabu­la uma bengazithi­ba unyaka noma emibili baqale bakhule ngokweminy­aka,” kusho yena.

Umfundisi weSangweni Legumbi Christian Apostolic Church, okuyibandl­a likaThando, uMfu Sakheleni Ndlephiwe Ngubane, uthe uzwe ngabazali bakaThando ukuthi uyothenjis­wa umshado.

“Ngithe uma ngizwa ngathumela umkhokheli wakhe ukuba ayokhuluma nabazali, nebala bangitshel­a ukuthi sebevumele­ne nonina womfana.

“Ngikhulume noMfu Dlamuka okuqinisek­isile lokho. Siyakholwa wukuthi bazoyiland­ela-ke imigomo yebandla njengoba kusamele baqhubeke bazigcine,” kusho yena.

Uthi uphinde wabacacise­la ukuthi kabathembi­sani ukuthi bayathanda­na nje kepha bathembisa­nela umshado, okuyinto yokuthi bayoze bahlukanis­we wukufa.

Ucingo lukanina kaThando beluvaliwe, kwaze kwashaya isikhathi sokuloba engatholak­ali.

 ?? ISITHOMBE: ISIHLE SOMNDENI ?? BATHEMBISE­NE umshado uSiyacela Dlamuka noThando Mathebula abaneminya­ka ewu-16.
ISITHOMBE: ISIHLE SOMNDENI BATHEMBISE­NE umshado uSiyacela Dlamuka noThando Mathebula abaneminya­ka ewu-16.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa