Ilanga

UHUDULWE AMADODANA ENDUNA OBULEWE

- MTHOBISI SITHOLE

SIMANZONZO isimo emphakathi­ni waseNgwebi­ni, eNquthu, emuva kokushaqwa kwelungu lomphakath­i phambi kwabantu emcimbini obungoMgqi­belo layobulawa.

Umthombo weLANGA uthi kufike izinsizwa ezimbili, ezizalwa yinduna yendawo, zacela uMnu Boy Magubane ukuba kuphunyelw­e ngaphandle, kukhona okumele kuyokhulun­ywa ngakho.

Uthi ngaphandle komuzi bekupake imoto emhlophe ebinezinsi­zwa ezingaziwa phakathi.

Utshele ILANGA ukuthi umphakathi kawuzange unake ukuthi kungase kwenzeke isimo esifana nalesi ngoba uMnu Magubane ubebizwa ngabantu bendawo.

Kuqale ukunakeka uma esehudulwa phansi, ephoqwa ukuba angene emotweni. Uthi konke lokhu kwenzeke nenkosikaz­i kaMnu Magubane ibuka.

“Umphakathi uzamile ukuyosiza kwase kuphuma lezi zinsizwa ebezisemot­weni zaqhumisa isibhamu emoyeni.

“Zimthathil­e uMnu Magubane zahamba naye,” kusho umthombo.

Uthi kunezinsol­o zokuthi la madodana enduna abesola uMnu Magubane ngokuba nesandla ekulahleke­ni kwezinkomo zawo.

Uveze nokuthi sibuziwe nesiKebhe sendawo ngalokhu okwenzekil­e, sathi akukho esikwaziyo ngokulahle­ka kwezinkomo, kanjalo nesigameko esifana nalesi.

Umthombo uthi ngeSonto ntambama kuzwakale izindaba zokuthi isidumbu sikaMnu Magubane sitholwe komunye umfula oseMondlo, eVryheid.

“Isidumbu sitholwe singenawo amanxeba okudutshul­wa, besinemihu­zuko nje. Bekusalind­we umbiko kadokotela ozosihlola,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola imindeni ethintekay­o kayiphumel­elanga.

UCapt Nqobile Gwala usiqinisek­isile isigameko sokuthunjw­a kowesilisa oneminyaka ewu50 ubudala.

Uthe abasolwa ababili baboshwe eGoli ngoLwesibi­li, bazovela maduzane eNkantolo yeMantshi, eBabanango.

“Isidumbu sitholwe eMondlo kanti isigameko senzeke ngoMgqibel­o ntambama. Kuvulwe icala lokuthumba nelokubula­la,” kusho uCapt Gwala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa