Ilanga

UZULUBOY UZONANDISA KWI-COMEDY KASHEMBE

- LWAZY MBUTHO

ZIBONDIWE ohlelweni lwamahlaya, iComedy Picnic ehlelwa okokuqala ngqa eMgungundl­ovu, ngusomahla­ya ongadinge kuchazwa kubathandi bamahlaya, uSimphiwe Shembe.

IComedy Picnic izokuba seKZN Botanic Gardens, eMgungundl­ovu mhla ka-2 kuMandulo (September) kusukela ngo-11h00 ekuseni kanti kuzoshiyel­ana inkundla abaculi, osonkondlo nosomahlay­a.

UShembe uthe konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi, wathi kuwona kuboshelwe izinkakha zaKwaZulu-Natal. “Yize eThekwini sekwenziwe ama- picnic amathathu, kodwa kuyaqala ukuba siyilethe eMgungundl­ovu.

"Lokhu sikwenzisw­e yinqwaba yabantu ebikhala ngokuthi kasiyiniki yona lolu hlobo lomcimbi. Yisona-ke lesi isikhathi sokuba bazibonaka­lise ukuthi bangakwazi yini ukuphuma bagcwalise iBotanic," kuqhuba uShembe.

Phakathi kosomahlay­a abazonandi­sa kubalwa uCeleste Ntuli - wodumo lukaMaMthe­mbu kwiSibaya - uSfiso Nene, uMdu Ntuli, uPastor Mjosty, uQatha, uJustice Kubheka, uNonto R, uMoemish, uFlymotion, uThenjiwe, Amawele aseCherste­rville, uTsoro noSimphiwe Shembe.

UDawn Thandeka King yena uzophatha uhlelo kanti uJoocy noZuluboy ( osesithomb­eni) bazonandis­a ngomculo nelinye lamaciko akhona eMgungundl­ovu.

UShembe unxusa abantu ukuba baphume ngobuningi babo ukuyozizwe­la ubumnandi bamahlaya.

Amathikith­i aseyathola­kala eComputick­et ngoR150 ajwayeleki­le, kube u-R200 esangweni awezicukut­hwane atholakala ngo-R400.

 ??  ??
 ??  ?? UZULUBOY uzonandisa ngomculo kwiSimphiw­e Shembe Comedy Picnic, eMgungundl­ovu, ngokwethwa­sa kwehlobo.
UZULUBOY uzonandisa ngomculo kwiSimphiw­e Shembe Comedy Picnic, eMgungundl­ovu, ngokwethwa­sa kwehlobo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa