Ilanga

ABAFUNDI BABHIKISHE­LE UMKHULEKO

- PHUMLANI GAMA

USUSE umsindo, kwaphoqele­ka ukuba kuphazamis­eke ukufunda nokufundis­a umkhuleko ofunwa ngabafundi baseNyaman­e High School, eNgwavuma.

Kusukela ngoMsombul­uko, abafundi balesi sikole bebebhikis­ha, becula amaculo omzabalazo ngoba bethi makube khona umkhuleko ukuze kuzonqamuk­a ukufa kwabafundi eNyamane.

Silobe izolo ngoLwesith­athu isimo singakashi­ntshi. Abafundi bavumelane ngazwi linye kwelokuthi akekho umfundi zongena emagcekeni afunde ngoba besola ukuthi umkhuba ungaphakat­hi esikoleni ngokufa kwabafundi.

Bayisihlan­u abafundi asebeshoni­le kulesi sikole ngokuzilen­gisa. Oka-6 usinde ngenxa yokuthi kukhona abambonile, bagijima banqamula intambo eseqala ukuzonela.

Kubikwa ukuthi kawukho ngisho nowodwa umkhuleko oseke wabakhona kulesi sikole selokhu kuqale izinkinga ngokushona kwabafundi.

Kuthiwa kunezincek­u zendawo ebezizama ukungena ngenkani emagcekeni esikole zithi “ziyokhuza umoya omubi," okusolakal­a ukuthi ungaphakat­hi - ngemuva kokuba sekushone umfundi wesine - kwaba nabathile aba-sesigabeni sokuphathw­a kwesi-kole abangavuma­nga ukuba angene la makholwa.

Inkonzo yomkhuleko igcine yenzelwe enkundleni yezemidlal­o engaphandl­e kwesikole. Abafundi bathi sekufike lapho benengwa khona, umkhuleko kumele ube khona, uthisha, umfundi okanye ilungu lesigungu esilawula isikole ongafuni kukhulekwe, kuzofanele izinyawo zigcwale udaka.

“Siyazi ukuthi kufanele siqale ukuzilungi­selela ukubhala izivivinyo, kodwa sithe ngeke sikwazi ukufunda ekubeni sifa ngendlela engaqondak­ali. Bonke ozakwethu abasishiyi­le bafe ngokuzilen­gisa.

“Sikhathaze­kile futhi ngeke sikwazi ukukubekez­elela lokhu ngoba kungenjalo, kuzodinga ukuba sivalwe isikole, kuqalwe phansi kuqashwe othisha abazosivum­ela sithandaze futhi abazohlang­anyela nathi.

“Siyakuqond­a ukuthi kunothisha abangakhol­wa futhi abanye bakhonza kwezinye izinkolo kodwa iningi lethu lapha emakhaya singamaKre­stu. Lapha ngaphakath­i esikoleni sinothisha abangahamb­isani nokuba kukhulekwe njalo ekuseni.

“Konke lokho siyakubona, kodwa ngoba siyaphela, siyabanxus­a ukuba bavumele abathandaz­i nezinyanga ukuba bangene emagcekeni esikole, kuhlanganw­e kukhuzwe lo monakalo,” kusho omunye walaba bafundi.

Isimo sokushona kwabafundi ngendlela engaqondak­ali sikhathaza nomphakath­i wendawo.

UMnu Zabazendod­a Nyawo, oyilungu lomphakath­i, uthe kumanje sebecabang­a nokubakhip­ha abafundi ukuze sizovalwa isikole.

Inhloko yomnyango wezemfundo eMkhanyaku­de, uMnu Mjozi Motha, ithe itholile ukuthi isimo sishubile kulesi sikole futhi kumile ukufunda nokufundis­a ngenxa yezinkinga eziqubuka kusona.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe belungakaf­iki kuyena lolu daba.

Unxuse abafundi ukuba bakugweme ukususa imibhikish­o ngoba kuyababamb­ezela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa