Lungenwe ngabazali olwemiphumela
Basivale thaqa isikole
ISINGENWE ngabazali indaba yabafundi basesikoleni saseNdwedwe, osekuphele iminyaka emine ingaphumi imiphumela yabo kamatikuletsheni.
Sishubile isimo eMashiyamahle High School eMowolokohlo, eNdwedwe, njengoba abazali bevalele othisha, bakhiya isikole befuna umnyango udedele imiphumela yabafundi abebenza umatikuletshemi ngo-2014.
Laba bazali baqale ngoMsombuluko ukuvala lesi sikole, bathi ngeke kuqhubeke ukufunda ingadedeliwe le miphumela ebanjwe ngoba abafundi besolwa ngokukopela.
NgoLwesibili ILANGA lihambele lesi sikole lafika kulenga ingidi esangweni, othisha abambalwa bemi ngaphandle kwesikole, izingane zingabonwa. Kubikwa ukuthi abanye abafundi sebeze badlula emhlabeni bengayitholanga imiphumela.
ILANGA like labika phambilini ngalolu daba, lapho abafundi, ebingaphumanga imiphumela yabo, bevalele iziphathimandla emagcekeni alesi sikole, bashaya izimoto zazo ngamatshe. Kusukela ngaleso sikhathi kalukaze lulunge udaba lwabafundi.
UMnu Ndabisekhaya Ndwandwe, ongusihlalo wesigungu esilawula isikole, uthi abazali bathukuthele kakhulu ngalolu daba ngoba side isikhathi izingane zibanjiswa udonga ngemiphumela yazo. Uthi bakubeke kwacaca ukuthi ngeke kufundwe kulesi sikole ingadedeliwe le miphumela osekuphele iminyaka emine ibanjiwe.
“Sekukaningi izingane zilinde ukuba kudedelwe imiphumela yazo kodwa kuthulekile. Abazali sebekhulume kaningi nathi njengesigungu kanti sekufike lapho bekhathala khona. Nathi akukho esingakwenza ngoba yimiphumela yezingane zabo le.
“Ngikhuluma nje, ngesonto eli- dlule bekufihlwa enye ingane ebifunda umatikuletsheni ngo-2014, egcine ingayitholanga imiphumela yayo. Zikhona nezinye ezishone zingayitholanga imiphumela.
“Ezinye zisaphazeke yonke indawo kazisebenzi, kazikwazi ukuqhubeka nemfundo yazo ngoba zibanjwe yimiphumela kamatikuletsheni. Ezinye seziphendukele ezidakamizweni ngenxa yalokhu, abazali bakhathele yingakho bebone kungcono ukuba bavale isikole,” kusho uMnu Ndwandwe.
Omunye wothisha bakulesi sikole, uthi ukuvalwa kwaso kuphazamise izinhlelo zabo njengoba bekumele abafundi bakamatikuletsheni balungiselele izivivinyo zabo.
“Ibuhlungu le ndaba yabafundi ngoba sesiside isikhathi belinde imiphumela yabo. Izingane zasolwa ngokuthi zikopelile, zabizwa zayobhala kabusha kodwa nayo leyo miphumela yesibili ibanjiwe ayiphumile. Siyaluqonda ulaka lwabazali.
“Okubuhlungu ukuthi konke kumile, ngisho nezinhlelo zezivivinyo ziphazamisekile,” kusho lo thisha ocele ukungadalulwa.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe abafundi kabazange bafune ukusebenzisana nezisebenzi zomnyango ezazithunyelwe ukuyophenya ngokwenzeka ngesikhathi zibhala izivivinyo zazo, okwakusho ukugeza amagama abo njengazo zonke ezinye izikole ebezisolwa. Uthe kunalokho abafundi bakhethe ukushaya izimoto zezisebenzi.
Lishone elayizolo kubikwa ukuthi abazali bashise i- storeroom sesikole.