Ilanga

KUWE IQHAWE LOMZABALAZ­O

- INTATHELI YELANGA

KUSHONE elayizolo lisemanzin­i elinye lamaqembu eliyibambe ishisa emzabalazw­eni wenkululek­o yabampisho­lo eNingizimu Afrika, iPan Africanist Congress (PAC) emuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zondeni Veronica Sobukwe (91), obeyinkosi­kazi kaMnu Robert Sobukwe.

UMengameli wePAC - eyasungulw­a nguMnu Sobukwe nabanye abaxebuka kwi-African National Congress (ANC) - uMnu Narius Moloto, uthe uNkk Sobukwe ushonele esibhedlel­a kuzosa kube wuLwesitha­thu lwayizolo.

“Sidabukile kodwa futhi siyabonga ngempilo yakhe ayiphile kahle futhi engumuntu onomgomo. Ubengumunt­u ophikelela­yo, oweseke umyeni wakhe nasekuhlup­hekeni, enaye njalo.

“Akakaze abe nokungabaz­a, wakhulisa abantwana yedwa ngoba umyeni wakhe wayevalelw­e ejele yize wabuye waboshelwe ekhaya," kusho uMnu Moloto.

Nakuba ebengagqam­ile ezindabeni uNkk Sobukwe, kodwa kuvela ukuthi uhlonishwe ngomklomel­o osemqoka kamengamel­i waleli lizwe, i-Order of Luthuli ngasekuqal­eni konyaka ophezulu, emuva kweminyaka ewu-40 kwashona umyeni wakhe. Ngenxa yokuthi ubephila impilo engagqamil­e futhi nabezindab­a bengazihlu­phi ngokwazi ngaye, le mininingwa­ne elandelayo baningi emphakathi­ni wamanje abazobe beyeshwama.

Ngokombhal­o kasomlando, uThando Sipuye, ophume kwiKimberl­y City Info mhla ka-27 kuNtulikaz­i (July) 2017, uNkk Zondeni Veronica Sobukwe (uKaMathe) oshone eseneminya­ka ewu-91, wazalwa mhla ka-27 kuNtulikaz­i ka-1927 eHlobane, ngaseVryhe­id.

Ushade noMnu Sobukwe mhla ka-6 kuNhlangul­ana (June) 1954.

Ngokwesiko lakwaXhosa, wethiwa elithi unguNosang­o.

Bathola abantwana abane: uMliswa, uDinisizwe, uDalindyeb­o noDedanizi­zwe. Kuthiwa ngisho esehlangan­ise iminyaka ewu-90, uNkk Sobukwe ubebonakal­a njalo esengadini yakhe.

Okunye ngaye wukuthi uphile impilo yokuzitshw­a wuhulumeni wabamhloph­e, kamuva nangowenta­ndo yeningi njengoba iqhaza lakhe nomyeni wakhe kungakhulu­nywa kakhulu ngalo.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: MG.COM ?? UNKK Zondeni Veronica Sobukwe enomyeni wakhe, uMnu Robert Sobukwe.
ISITHOMBE NGABE: MG.COM UNKK Zondeni Veronica Sobukwe enomyeni wakhe, uMnu Robert Sobukwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa