Ilanga

Ibandla liya enkantolo kubangwa izikhundla

Umfundisi uxoshwa yikomiti

- THANDEKA NGOBESE

LUNGENA eNkantolo yesiFunda eMgungundl­ovu udaba lombango oshisa phansi wezikhundl­a e-African Gospel Church.

Lolu daba lufakwe nguMfu Maqhinga Dhlomo enkantolo ekhala ngokususwa kwakhe yikomiti laleli bandla eKranskop, lapho abengumfun­disi khona, lamyisa eMgungundl­ovu, laphinda lamsusa eMgungundl­ovu lamyisa eMambulu, eKranskop.

Emuva kwalokhu limxoshile, kanti yena uthi ukuxoshwa kwakhe bekungekho emthethwen­i. Leli komiti lebandla liphinde lamisa uMfu Sakhephi Ndaba ekuphathen­i ibandla laseShowe ekubeni imishini nezindonga zalo zimiswe nguyena, eliqala phansi ngezikhwep­ha zakhe.

Ngokomthom­bo waleli phephandab­a, uma uMfu Ndaba ebuza icala lakhe, leli komiti kuthiwa livele lithi ophikisana nalo uzongena efrijini lasemakhaz­eni, ngakho mabenze elikushoyo, bangalokhu beqinisa amakhanda.

Ummeli kaMfu Dhlomo, u-Adv C. Mnguni, weCollin Msizi Mguni Incorporat­ed, uthi lokhu kakukaze kwenzeke ngisho kwamadala eJudeni ukuba umfundisi ashovelwe kwamanye amagatsha aze axoshwe yikomiti.

Ngokusho kuka-Adv Mnguni, umthethosi­sekelo webandla uthi umfundisi uyoshintsh­a noma ashovelwe kwezinye izindawo uma kuhlale ingqungqut­hela yebandla kwase kuthathwa leso sinqumo. “Ngakho mina ngiyoveza ezithebeni zenkantolo ukuthi lokhu abakwenzil­e kuphambene nomthethos­isekelo webandla obhalwe phansi.

"Ikilayenti lami lixoshwe ngusihlalo, kodwa uma ufunda umthethosi­sekelo webandla, kasikho isikhundla sikasihlal­o, kukhona o- moderator.

"Lo sihlalo ukwenze lokhu ekhona uRev Nutu Gigaba okunguyena u- moderator owenza umsebenzi wokubhala incwadi eshintsha abefundisi emuva kwesinqumo esiphume engqungqut­heleni," kusho u-Adv Mnguni.

Uthi bese kunezikhaw­u eziningana icala lingena enkantolo njengoba okokuqala bebefuna kuhlakazwe leli komiti.

“Inkantolo ibisizilal­elile izethulo, into esilindele ukuba yenzeke kusasa (namhlanje) enkantolo, wukuba yethulelwe izizathu ezenza uMfu Dhlomo athi waxoshwa ngokungemt­hetho,” kusho u-Adv Mnguni. Imizamo yokuthola uvo lukaRev Gigaba, kayiphumel­elanga.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa