Ilanga

BAGQUGQUZE­LA UBUMBANO KUBANTU BESIFAZANE

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

SIYANDA isibalo sabesifaza­ne abahlangan­yela ndawonye ngenhloso yokwenza okuthile okuya phambili.

IZulu Cherries Are Fabulous, yinhlangan­o yabesifaza­ne eyakheke ngendlela engajwayel­ekile enkundleni yezokuxhum­ana, iFacebook, kodwa yagcina isidonse inqwaba yabanye.

Umsunguli waleli khasi, uMpume Mavundla, uthi ekuliqalen­i kwabo leli khasi, babekade belisungul­ela abesifazan­e abahlala kude nasemakhay­a ngenxa yomsebenzi, kodwa ngokuhamba kwesikhath­i kwagcina sekushints­ha konke lokho.

“Ikhasi belenzelwe abesifazan­e abayishiyi­le iKwaZulu-Natal balibhekis­a eGauteng beyosebenz­a. Okwakusihl­anganisile kakhulu wukwelulek­ana ngezinking­a esibhekana nazo uma siqhelelen­e namakhaya.

"Ngakho-ke bekuyingxe­nye yokunikeza­na uthando nokwesekan­a. Kuhambe isikhathi kwagcina sekushints­ha njengoba sekuyikhas­i lapho iningi lethu lithola khona ukusizakal­a ngoba sikubukile ukuthi izinkundla zokuxhuman­a zingakwazi ukusiseben­zela nazo njengoba sesikwazi ukuxhumana ezweni lonke, sakhane,” kuchaza uMpume.

Uthi kulokhu bazobe benza umcimbi wokubonga nokugqugqu­zela bonke abantu abasizayo kuleli khasi, okuwumcimb­i abawenza njalo ngonyaka.

“Siba nezikhathi lapho simema khona othile ozosichush­isa emkhakheni wakhe, kuvulwe ithuba lokuphosa imibuzo. NgoMgqibel­o sizobe sibonga laba bantu ngegalelo labo ngoba kabagcini ngathi, kodwa nasemphaka­thini bayasiza.

"Kunabesifa­zane abakhulisa izingane zabafana okufika isikhathi lapho kufuneka baziyale khona, kodwa uthole ukuthi kabazi ukuthi baqale kuphi. Njalo ngenyanga yamadoda, uNtulikazi (July), sibiza abesilisa abaqhamuka emikhakhen­i ehlukene ukuba bacobelela­ne nathi ngolwazi ngoba sicabanga ukuthi kakumele kugxilwe enganeni yentombaza­ne kuphela, kodwa neyomfana iyadinga ukwakhiwa.

"Siba nabantu bemikhakha eyahlukene kusukela kwezomthet­ho, ezempilo nokunye, konke lokhu bakwenza mahhala,” kuchaza uMpume.

Umcimbi weZulu Cherries, uzoba ngoMgqibel­o, kwephezulu, eProtea Edward Hotel,

eThekwini.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMPUME Mavundla uthi kuningi okungenziw­a ngabesifaz­ane uma besebenza ngokuhlang­anyela.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMPUME Mavundla uthi kuningi okungenziw­a ngabesifaz­ane uma besebenza ngokuhlang­anyela.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa