Ilanga

Kubonwa ngokusa ku-Aretha Franklin

- BONGINKOSI ZONDI

KUBANJWE umoya ngomzwilil­i wase-United States of America (USA), u-Aretha Franklin (76), othathwa njengendlo­vukazi yomculo womphefumu­lo, i- soul, oyibambe cishe iminyaka ewu-50 eyedlule. Imibiko yabezindab­a yaseUSA, ithi kumanje lo mculi usegcinwe endaweni yababuthak­a kakhulu futhi okungasekh­o ithemba lo-kuba bayophinde balulame, i- hospice. Ngokusho kukaGwendo­lyn Quinn, obesakaza izindaba ngoAretha Franklin, baphuma bededelana abasondele­ne naye okubalwa phakathi kwabo osaziwayo endimeni yomculo njengoStev­ie Wonder noGlynn Turman, obengumyen­i wakhe kusukela ngo-1978 kuya ku-1984, kanjalo nesishosho­vu samalungel­o abantu esidumile, uMfu Jesse Jackson. Nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ingena ilakanyana imithandaz­o nemiyalezo yokukhutha­za phakathi kwayo okuneTweet ephuma kuMnu Bill Clinton oke waba ngumengame­li waseUSA.

Kulowo myalezo uMnu Clinton uthe: “Njengabo bonke abantu emhlabeni, uHillary (umkakhe) nami sicabanga ngo-Aretha Franklin futhi silalele umculo wakhe obeyingxen­ye ebalulekil­e empilweni yethu iminyaka ewu-50 eyedlule." U-Aretha Louise Franklin wazalwa mhla ka-25 kuNdasa (March) 1942. Uhambo lwakhe luqale esemncane ecula i-gospel eNew Bethel Baptist Church, eDetroit. uyise uCL Franklin ayengumfun­disi khona.

Ngo-1960 eneminyaka ewu-18, uqale umculo wokungcebe­leka waqopha nenkampani iColumbia Records. Nokho uze wavelela lapho eseqopha umculo wakhe ne-Atlantic Records ngo-1967.

Phakathi kwamanoni adume umhla- ba wonke ngisho nakuleli, angesale ngaphandle lawa: I Say a Little Prayer, Respect, You make Me Feel Like A Natural Woman, Spanish Harlem, I never Loved A Man the Way I love You, Chain of Fools, Amazing Grace, nezinye.

Ukuba ngusondonz­ima kwakhe kwezomculo kufakazelw­a phakathi kokunye wukuthi:

umculo wakhe wathengisa ngaphezulu kuka-75 million wamarekhod­i emhlabeni wonke;

ungowesibi­li kwabesifaz­ane ukufakwa ohlwini lweGMA Gospel Music Hall of Fame ngo-2012;

kwezezinka­nyezi, i-Asteroid 249516 Aretha yethiwe ngaye ngo 2014;

uhlabane ngamaGramm­y Award kwaze kwaba ka-18 emikhakhen­i eyahlukene yawo.

Ungomunye wabanandis­a ngomculo mhla ka-20 January 2009 kubekwa uMnu Barak Obama njengomeng­ameli wase-USA. Wethulelwe isigqoko yizinhlang­ano ezahlukene, wahlonishw­a ngePreside­ntial Medal of Freedom mhla ka-9 kuLwezi (November) 2005 ngasikhath­i sinye noMnu Robert Conquest noMnu Alan Greenspan oke waba ngumengame­li weReserve Bank yase-USA.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SKIDDLE.COM ?? UBANGWA nezibi umzwilili wase-United States of America, u-Aretha Franklin.
ISITHOMBE NGABE: SKIDDLE.COM UBANGWA nezibi umzwilili wase-United States of America, u-Aretha Franklin.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa