UTHI UHLAWULISELWA UKUBIZA UMUZI WESIHLOBO NGESIGODLO
UYABALISA owesilisa waseVezunyawo, eMtshezi, ohlawuliswe imali ngoba umkakhe ebize umuzi wesihlobo ngesigodlo.
UMnu Mzwakhe Ndaba - ofikelwa yisibibithwane uma echaza usizi abhekene nalo, uthi konke lokhu kusuke ngesikhathi isihlobo sakhe esikhubazekile sibuye kubo sekuhlaliswe omunye umuntu njengoba besihambe ngokomsebenzi.
Uthi isihlobo sithe uma sibuya, safica sekubekwe umuntu sabe sesiphoqwa yinduna, uMnu Simangani Sibisi, ukuba sikho-khele lo muntu obehlala kubo u-R5 000.
Lokhu uthi kakwehlanga kahle kumkakhe wabuza ukuthi kungani lesi sihlobo sikhokhiswa ngoba vele yisigodlo sakubo lesi esibuyela kusona. Kuthiwa uyinyathele emsileni ngalawo mazwi, wabizelwa esigcawini ebekwa icala lokuthi ubize umuzi wesihlobo ngesigodlo.
UMnu Ndaba uthi uzonele ngokubuza ukuthi kukhona yini iphutha uma umkakhe ebize umuzi ngesigodlo. “Unkosikazi ubizelwe enduneni wabekwa icala lokubiza umuzi wesihlobo sethu ngesigodlo ngoba bethi wukungahloniphi lokho.
"Ngoba bengihamba naye, ngicele amaminithi alo mhlangano ngoba nginokukhononda ukuthi umuntu usengabekwa icala ngokubiza umuzi ngesigodlo. Kudlule izinsukwana ngathola incwadi engibizela enkantolo yenkosi ithi ngisolwa ngokudelela induna yesigodi.
"Nginqabile ukuthatha le ncwadi ngoba kayikho into embi engiyenzile. Kuthe ngingazelele, ngabona kutheleka abakwasidlodlo bezongilanda ekhaya bengafuni nokungitshela ukuthi ngiboshelwani. Ngithathwe lapho ngayogqunywa esiteshini samaphoyisa cishe amahora amabili, ngathathwa ngayiswa enkantolo yesizwe. "Kungaleso sikhathi ngithole ukuthi ngiboshelwa ukuthi kangiyithathanga incwadi ebingibizela enkantolo.
"Ngitshelwe ukuthi ngizohlawula u-R1 300, u-R1 000 ngowokudelela ngokungayithathi incwadi ebingibizela enkantolo yesizwe, bese kuthi u-R300 ngowokudelela induna ngodaba lwesigodlo,” kusho uMnu Ndaba.
Uthi okumphatha kabi wukwehliswa isithunzi elandwa ngamaphoyisa ekubeni bekudlalwa ngaye. UMnu Sibisi uthi uMnu Ndaba ungundlovukayiphikiswa. Uthi into abizelwe yona enkantolo yesizwe wukuthi uthuke abantu emuva kwengxabano nabo kubangwa indaba yocingo lokubiya.
Utshele ILANGA ukuthi kuthe esebizwa, wangafuna ukuya enkantolo yesizwe, yingakho kucelwe usizo lwamaphoyisa. “Ngikhuluma nje, namuhla ubelindiwe ukuba eze enkantolo yesizwe, kodwa wangafika. Abantu abammangalele bagcine bephindela emuva.
"Ungumuntu oyisichwensi, othuka abantu endaweni, ohlala elwa nabo, yingakho size sacela usizo lwamaphoyisa. Ngisho imiyalelo yenkosi akayihloniphi,” kusho uMnu Sibisi.
Uyisichwensi, uthuka abantu alwe nabo. Akayihloniphi inkosi.