USIZWE EYEQOLO OHLOMULE ISIZUMBULU KOWEZOLIMO
LUTHINTE abaningi udaba lowesifazane waseMgungundlovu othathe imali yesibonelelo sezingane sikahulumeni wathenga imbewu kabhontshisi waqala ukulima.
Lona wesifazane onguNkz Sizakele Zuma (33), uhambe no-R75 000 ngokuba yiBest Subsistence Producer emncintiswaneni wokuklomelisa abesifazane abenze kahle kwezolimo, owenziwa wuMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa KweziNdawo zaseMakhaya KwaZulu-Natal.
Ekhuluma neLANGA uNkz Zuma, uthe imali yeqolo bekuyiyona kuphela akwazi ukuyithola njengoba engasebenzi. “Nginconzule u-R100 ngenyanga yokuqala neyesibili ngathenga izithombo zikatamatasi nezeklabi- shi. Selokhu ngingenile emkhakheni wezolimo, kangisalambi njengoba abantu basemphakathini bethenga kimina.
"Ukuwina lo mklomelo kuzongisiza kakhulu ukuthenga amapayipi ukuze ngikwazi ukudonsa amanzi okuchelela,” kusho yena. Uthi ubengazitsheli ukuthi uyoke abe nemali engaka kwi-akhawunti yakhe njengoba nesikole engasiqedanga ngenxa yokuhlushwa ngabantu abadala.
“Abesifazane mabasukume bazithathe, ezolimo yizona esingakwazi ukugqashula ngazo amaketango obubha. Ngifisa ukuthola umhlaba omkhudlwana ukuze ngilime kakhulu, umkhiqizo wami ngiwufake ezitolo ezinkulu,” kusho uNkz Zuma.
Omunye wesifazane obaqwaqwade emakhanda, nguNkk Thobile Mpontshane, waseVryheid, onepulazi lezingulube. Uwine kwaze kwaba kathathu wagcina esehamba nesamba sika-R425 000.
UNkk Mpontshane uthole u-R250 000 wokuba yi-Overall Winner, u-R125 000 wokuba yiBest Commercial Farmer no-R50 000 weMEC Special Award. Ipulazi lakhe linezingulube ezibalelwa ku-3 000 kanti uthi ngesonto udayisa eziwu-80.
“Bengingazitsheli ukuthi lo msebenzi ungakhula ufike kuleli zinga okulona. Izingulube ezizalayo, zihulula amachwane awu-220 kanti iyodwa ihulula abalelwa ku-20. Epulazini nginezisebenzi eziwu-8, okukhona kuzona nezimenenja ezibhekelele lo msebenzi ezifunde eDenmark.
"Mina noma ngingenalo ulwazi olutheni, kodwa ukuba khona kwazo kwenza ibhizinisi liqhubeke lidlondlobale liye phambili njengoba nami ngingamile emfundweni ngilokhu ngizihlomisa ngolwazi,” kusho uNkk Mpontshane.
Emuva kokuwina lo mklomelo, uNkk Mpontshane ugqugquzele bonke abesifazane abasemkhakheni wezolimo ukuba basebenze ngokuzimisela balime, batshale, abafuyile baqhubeke bafuye ngoba mkhulu umvuzo otholakala ekugcineni uma umuntu esebenze ngokuzimisela.
UNkk Maureen Magubane ongumengameli wabesifazane abatshala ezindaweni zasemakhaya, ugqugquzele abesifazane ukuba basebenze ndawonye bangabi nomona, kodwa basizane.
“Uma umuntu eselutholile uxhaso, makangathi kuxhaswe mina ngedwa, kodwa makabize amanye amakhosikazi aseduze kwakhe kusetshenzwe kuqhutshe- kwe kuyiwe phambili,” kusho uNkk Magubane
UNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnu Themba Mthembu uthi abesifazane kumele babe sekhaleni odabeni lokubuyiswa komhlaba ngoba yibona abasebenza kakhulu umhlaba kunabesilisa.
“Laba besifazane abenza lo msebenzi, kumele sibaklomelise ngoba ngabo kufukuleka umnotho waKwaZulu-Natal nowaseNingizimu Afrika yonke. Basebenza kanzima, bavuka noma kubanda bayotshala, ekugcineni sisizakale sonke ngokudla abakukhiqizayo.
"Siwumnyango sizoqhubeka sibeseke labo mama ngokubanika izithombo zokutshala, izinkukhu kulabo abafuyayo nezimbuzi ukuze baqhubeke nomsebenzi wabo omuhle wokufukula umnotho,” kusho uMnu Mthembu.