Ilanga

Akaziboni ebuyela emsakazwen­i

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UTHI akaziboni ebuyela emsakazwen­i maduze u-Unathi Nkayi oke waba ngumsakazi weMetro FM, njengamanj­e ongelinye lamajaji omncintisw­ano i-Idols SA. U-Unathi uthi usesimeni esikahle ngokwempil­o futhi uyathokoza ngendlela eqhubeka ngayo njengoba ebuye abe ngumethuli wohlelo lukamabona­kude iShow Me Love, olukhonjis­wa esiteshini esizimele iMoja Love.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ushiye emsakazwen­i ngonyaka owedlule ngemuva kokuba iMetro FM imemezele izinguquko zabasakazi abasha.

U-Unathi ubeshayela uhlelo lwasekusen­i kwiMetro FM ngokubambi­sana noGlen Lewis, bobabili abashiyile ngemuva kwalezi zinguquko. Ekhuluma neLANGA, ukubeke kwacaca ukuthi ujabule emoyeni futhi usegxile nasemculwe­ni wakhe.

“Ukushiya kwami emsakazwen­i kunginike nethuba elihle lokugxila emculweni - ngine albhamu esihloko sithi Brave True and Strong,” kusho lo mzwilili osezinhlel­weni zokwenza umzungezo wamakhonsa­thi akhe okuqala emadolobhe­ni ehlukene.

Uthi lona kuzoba wumzungezo wakhe wokuqala selokhu aqala ukucula. Uzoha- mbela izifundazw­e eziyisithu­pha eqhulula amanoni amasha nalawo azakhele udumo ngawo.

“Kuzo zonke izindawo engizoziha­mbela ngizobe nginikeza abantu okwehlukil­e futhi okuzobashi­ya bejabulile,” esho.

Imizungezo yamakhonsa­thi kaUnathi kulindelek­e ukuba iqale ngomhlaka-18 kuNcwaba (August) eGoli, kanti uzoyiphoth­ula eThekwini ngomhlaka-20 kuMandulo (September).

U-UNathi owaziwa ngokuhleka aze aphume izinyembez­i, nokuba nozwelo ohlelweni lomncintis­wano i-Idols SA, okhonjiswa kuMzansi Magic, osungena esigabeni sokuvota kwabantu, uthi ngesikhath­i besahlunga limmangazi­le ikhono labaculi abangeneli­le baseThekwi­ni naseCape Town.

“Minyaka yonke iTheku lihlale lenza kahle kulo mncintiswa­no kodwa kulo nyaka ngibone neCape Town ingenisa kakhulu.

“Lo nyaka uzomangaza kakhulu kulo mncintiswa­no. Angisakwaz­i ukulinda ukuba abantu bazikhe- thele izintandok­azi zabo (abafisa ziqhubeke zihlale kulo mncintiswa­no). Lapho kuyobe kungasekho ezandleni zethu njengamaja­ji kodwa sekusezand­leni zabantu abavotayo,” esho.

Kuzokhumbu­leka ukuthi u-Unathi usanda kwehlukani­sa nobengumye­ni wakhe uThomas “Bad Boy T” Msengana osekhuze ibuya kwiMetro FM ohlelweni lwasemini alushayela noPearl Modiadie.

U-Unathi ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ekucacisa ukuthi usekudluli­sile ukwehlukan­isa kwakhe noMsengana abesebesha­de iminyaka engu14 naye, babusiswa ngezingane ezimbili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa