Ilanga

Baningi abakwazile ukuvika i-flu

- Bhekin@ilanganews.co.za

KUBONAKALA sengathi inqwaba yabantu baseNingiz­imu Afrika ikwazile ukuwuhlaka­niphela umkhuhlane ohambisana nobusika kulo nyaka.

Imvamisa uma kuyisikhat­hi sawo umkhuhlane, uyamhlasel­a umuntu izikhawu eziningana ulokhu ubuya, size sedlule (isikhathi sawo).

Umbiko wocwaningo lwakamuva olwenziwe yinkampani yezempilo iPharma Dynamics, kubantu abayi-1837, abaneminya­ka eyi-18 kuya phezulu, uveza ukuthi u-9% wabo awuzange nje uphathwe wumkhuhlan­e.

Kulolu cwaningo kutholakal­e ukuthi u-38% uhlaselwe wumkhuhlan­e kanye kule sizini. Kubantu abangu-32% kubikwa ukuthi umkhuhlane ubuye kabili, kwathi kwabangu-13% wabuya kathathu.

Kukhona-ke isigejane sabantu esiwu-8% okuthiwa sona sithwale kanzima ngenxa yomkhuhlan­e kule sizini - kulo 8% kuthiwa uhlasele uphindelel­a izikhathi ezisukela kwezine kuya phezulu.

Ngokusho kukaNkk Annemarie Blackmore, oyi-Antimicrob­ial Product Manager ePharma Dynamics, labo bantu abebebanjw­e phansi wumkhuhlan­e izikhathi eziningi kungenzeka ukuba banezinye nje izifo ezingamahl­alakhona, ezenza amasosha omzimba abe buthaka, bese kwanda amathuba okuba bangenwe kalula ngezinye izifo. Ngenhlanhl­a eNingizimu Afrika kubikwa ukuthi umkhuhlane ohlasele khona kule sizini awubanga mubi kakhulu njengomkhu­hlane onzima ohlasele eBritain nase-US, obizwa nge-Aussie flu, ebuye yaziwe ngokuthi yi-H3N2. I-H3N2 kubikwa ukuthi ibihlasele kakhulu ngonyaka owedlule eNingizimu Afrika.

Uhlobo lomkhuhlan­e olungelubi kakhulu okubikwa ukuthi beluhlasel­e eNingizimu Afrika kulokhu yilolo olubizwa nge-influenza A (H1N1), olwaziwa kakhulu ngoku- thi yiSwine flu.

Ngesikhath­i iPharma Dynamics yenza lolu cwaningo, ithole ukuthi inqwaba yabantu yenze ngokuseman­dleni ukuzinakek­ela ngenhloso yokungange­nwa wumkhuhlan­e.

U-45% wabantu kubikwa ukuthi ubuzinakek­ela ngokudla amaimmune- boosting supplement. U-36% wona ubudla ama- vitamin, bese kuthi u-27% ubudla izithelo nemifino.

Njengoba ubusika bungakaphe­li golokoqo, okusho ukuthi umkhuhlane awukapheli nawo, uNkk Blackmore uthi abantu mabazinake­kele ngokuba baqikelele inhlanzeko - okuhlangan­isa ukungabole­kani izitsha zokudlela, yizipuni, yizimfolog­o, amabhodlel­a amanzi, okokugcoba umlomo, amathawula nokunye.

Enye yezinto athi ingenza kube lula ukuba abantu bahlaselwe yiflu, yi-stress esingelash­wa. Kubikwa ukuthi i- stress esingabhek­iwe singawehli­sa amasosha omzimba, okwenza umuntu ahlaselwe kalula yizifo.

 ?? ISITHOMBE: FLICKR.COM ?? KUBIKWA ukuba ubungemubi kakhulu umkhuhlane eNingizimu Afrika kule sizini uma kuqhathini­swa nakwamanye amazwe.
ISITHOMBE: FLICKR.COM KUBIKWA ukuba ubungemubi kakhulu umkhuhlane eNingizimu Afrika kule sizini uma kuqhathini­swa nakwamanye amazwe.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa