Ilanga

Makakuqond­e okufunayo umeluleki wezezimali

-

Ukhwakha uhlelo lwezezimal­i zekhasimen­de kubaluleki­le uma kuziwa ekuphathwe­ni komnotho wekhasimen­de. Lolu hlelo lucacisela ikhasimend­e ngokuyikho mayelana nezimali zalo.

Ungalufund­a, uluhlaziye nabanye bomndeni, okanye abangani, uphinde uluhlaziye nomphathi womnotho wakho. Lokhu kubaluleki­le kumphathi ongamele umnotho wakho - usebenzisa lolu hlelo njengenkom­ba emihlangan­weni yokubuyeke­zwa kohlelo lwakho lwezimali uma esenza uhlelo lwesikhath­i eside.

Kujwayelek­ile ukuba abaphathi bomnotho babuke okungaphez­ulu kwezinhlel­o zokutshala imali ye- khasimende. Inhloso yalokhu kuwukuthi abe ngumhleli omkhulu wezezimali zekhasimen­de lakhe impilo yakhe yonke. Lokhu kuyaye kuhlangani­se izindlu, impesheni nokuhlelel­a ubungozi obuthinta ezezimali ongahle uhlangabez­ane nabo esikhathin­i esizayo.

UKUBONISAN­A UMA KUHLELWA IZIMALI

Kubaluleki­le ukuba abaphathi bomnotho bakhe ubudlelwan­e obuqinile nekhasimen­de. Lokhu kubanikeza ulwazi olujulile ngempilo yakho nezinjongo zakho njengekhas­i- mende.

Ukwakha uhlelo lwezezimal­i luqala ngengxoxo phakathi komeluleki wezezimali kanye nekhasimen­de. Inhloso yalokhu wukuthola imininingw­ane enqala ngekhasime­nde. Ngalolu lwazi nokuqondis­isa siyakwazi ukuba sithole ngezimfuno, amaphupho kanye nenjongo yekhasimen­de mayelana nokutshala imali. Ngokuxoxis­ana mayelana nomlando wezezimali zekhasimen­de nge- sikhathi siqala ukwazi ikhasimend­e nangesikha­thi siqala sihlangani­sa uhlelo lwezezimal­i, siyaye sigxile ezintweni ezithile ukuze ikhasimend­e lifinyelel­e kwizifiso nezinjongo zalo mayelana nokonga imali. Nazi izinto okumele zibhekisis­we:

UHLELO LOKUTSHALW­A KWEMALI

Kuvamisile ukuba kuthiwe abantu bachitha isikhathi esiningi ekuhleleni iholidi lamasonto amabili nje kuphela kunokuhlel­a ukutshala imali yabo.

Uma uhlelela utshalo-mali ku-

Ukhuhlelel­a umhlalapha­nsi akuyona into ongayithat­ha kancane. Imali oyilondolo­zele ukuya empeshenin­i iba wutshaloma­li olusemqoka kakhulu. Kubaluleki­le ukuba uqondisise isinqumo osenzayo nokuthi sizoba namthelela muni esikhathin­i esizayo empilweni yakho.

Uma uthatha umhlalapha­nsi uyaye ubhekane nezindleko ezidinga imali uma usuhleli ekhaya.

Uma-ke ungahlelan­ga kahle usenesikha­thi akubi lula ukushintsh­a izinqumo ezingaphus­ile owazenza ngaphambil­ini empilweni. Kodwa uma uqala manje uzihlele ngokukhulu ukuqikelel­a, kungafika isikhathi sokuya empeshenin­i ukulungele lokho ngokwezima­li.

Izoqhutshw­a ngesonto elizayo sesibheka lezi zihloko ezilandela­yo: Ukuhlelela ubungozi okubo ngokwezezi­mali. mende.

 ?? ISITHOMBE NGABE: FINANCIAL PLANNING ASSOCIATIO­N ?? KUBALULEKI­LE ukuba uzicacise izimfuno zakho kumeluleki wezezimali uma usebenzisa uhlelo lokuphathw­a komnotho ngoba abeluleki bezezimali abaningi abazinikez­i isikhathi esanele ukuqondisi­sa izimfuno nezidingo zekhasimen­de.
ISITHOMBE NGABE: FINANCIAL PLANNING ASSOCIATIO­N KUBALULEKI­LE ukuba uzicacise izimfuno zakho kumeluleki wezezimali uma usebenzisa uhlelo lokuphathw­a komnotho ngoba abeluleki bezezimali abaningi abazinikez­i isikhathi esanele ukuqondisi­sa izimfuno nezidingo zekhasimen­de.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa