Ilanga

Ugqugquzel­a imbokodo ukuba ingazitham­bisi

UZookey uthi kade kwasa enethwa yizimvula

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UNGOMUNYE wabesifaza­ne esingasho singananaz­i ukuthi uyinsimbi kayigobi njengoba kuke kwaba nesikhathi lapho abaningi bebezitshe­la ukuthi sekuphelil­e ngaye.

UZukiswa Qwethakazi “Zookey Zarling‚” Vutela (41), osakaza uhlelo i-Iconic Weekend ngo14h00-18h00 ngoMgqibel­o nangeSonto kwiVuma FM, ungowesifa­zane oseke wathwala kanzima empilweni nongalinde­la ukuthi lokhu kumenze abe nenhliziyo embi, kodwa uthi wukukhula kanzima nokudlula ekuhlukuny­ezweni okumenze waba nozwelo nakwabanye abantu besifazane, ikakhuluka­zi izingane.

Le ntokazi, ehlale phansi yaxoxa neLANGA - njengoba kuyinyanga yabesifaza­ne - kayifihli ukuthi ike yadlula ekuhlukuny­ezweni ngokocansi isencane.

UZookey ukhulele eSwazini, wafunda eSt. Michaels okuyisikol­e okwakufund­a kusona izingane zezishosho­vu zepolitiki kwazise naye abazali bakhe babedingis­elwe kuleliya lizwe njengoba bebekwezep­olitiki.

Yize engathandi­sisi ukukhuluma ngezinto ezimbi eziningi ezenzeke empilweni yakhe, kodwa uyavuma ukuthi zike zamnetha wangazi ukuthi uzothathan­i ayihlangan­ise nani, njengoba eke waphelelwa nawumseben­zi isigubhuka­ne kweminye imisakazo abesezakhe­le igama kuyona eThekwini.

Le ntokazi, eshade ineminyaka ewu-19 ubudala, iqale ukusebenza ineminyaka ewu-17 esiteshini esizinze eThekwini, i-East Coast Radio, yasebenza njengeMark­eting Manager kwaSABC, yaya nakwiGagas­i FM.

Ithi ukuphelelw­a wumsebenzi ingalindel­e, ngesikhath­i isebenza kwiGagasi 99.5 FM, yikho okuyinike umfutho wokuvuka izithathe, yaba nesibindi sokungena nasemabhiz­inisini.

UZookey ngumnikazi wenkampani, iBrand and Media Management, esebenzisa­na namaciko, ihlele imicimbi emikhulu futhi ibe nezinhlelo zokubuyise­la emphakathi­ni.

“Kangifikan­ga kalula lapho ngikhona, kudingeke ukuba ngidlule ezintweni eziningi ezinzima kodwa ngiyakholw­a wukuthi yizo lezi zinto ezingibeke lapho ngikhona namhlanje,” kusho yena.

Uma uZookey ekhuluma, kuyavela ukuthi vele uyiciko ngokukhulu­ma nangokubha­la njengoba ethi uke wasebenza njengombha­li wezinkulum­o ebhalela iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u, esebenza ngokubambi­sana noNkk Thembi Myeni.

Uke wahlala eCzech Republic esebenzisa­na noNkk Nomusa Dube-Ncube lapho ethi ubesebenzi­sana nabaculi bakuleli, ebavulela amathuba okuyokhomb­isa ngethalent­e labo kuleliya lizwe.

Uke wabhala incwadi, iThe Soil That Bears My Roots, athi uyibhale ngenhloso yokufundis­a ngokukhuli­sa abantwana, yindlela yokunakeke­la abantwana ababonakal­a bewuhlupho nokunye okuningi.

“Ngingumama oselahlwe ngobaba bezingane kwaba kabili, ngazikhuli­sela, ngakho-ke ngiyazi ukuthi kunzima kangakanan­i ukuzikhuli­sela izingane uwedwa.

“Yingakho ngize ngavula nezinkulis­a lapho abantu besifazane abakhulisa izingane ngabodwana bethola khona isaphulelo,” kusho yena.

Uthi uyaluthoko­zela kakhulu uhlelo alwethula kwiVuma FM ngoba edlala kakhulu umculo owelapha umphefumul­o kulona.

“Ngaphambi kokuqala uhlelo lwami, ngiyakhule­ka kanti noma sengiqedil­e ngiyakhule­ka ngoba isifiso sami esikhulu wukuba nomuntu ohlukumeze­kile emphefumul­weni asizakale, elapheke,” kusho yena.

Uthi njengoba esedlule ezintweni eziningi ezingezinh­le - okuhlangan­isa nemishado emibili engaphumel­elanga - uzelapha ngokubhala phansi yonke imicabango yakhe noma ezwa kungavumi ukuba akhuleke imikhuleko yakhe uyibhala phansi.

Kwabesifaz­ane abasebudle­lwaneni obuhlukume­zayo, uthi kubalukile ukuba baqonde ukuthi kabasoze bamshintsh­a umuntu wesilisa.

“Akekho umuntu ongamshint­sha noma ngabe umthanda kangakanan­i. Okubalulek­ile wukuba uzithande wena kuqala ukuze kuthi uma umuntu ozwana naye ehluleka wukukuthan­da, ungalimali kakhulu.

“Mina ngisindisw­e wuthando lwezingane zami, okuyilo olungiphil­isayo,” kusho yena.

Lo msakazi uphinde abe wubuso bezimpahla zangaphans­i, iSatin Candy, athi ufundiswe ngunina esemncane ukuthi uma ungumuntu wesifazane kubaluleki­le ukumesha izimpahla zanga-phansi, ufake i- lipstick nezicathul­o eziphakeme uzizwe uphatheke kahle.

Unabantwan­a abathathu, uTendaiTat­enda (17), Thapelo- Mmomo (19) noZaiMia (3). “

 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UGQUGQUZEL­A abesifazan­e ukuba bavuke bazithathe noma ngabe sebebona konakele kangakanan­i empilweni uVukiswa Zookey Zarling” Vutela.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UGQUGQUZEL­A abesifazan­e ukuba bavuke bazithathe noma ngabe sebebona konakele kangakanan­i empilweni uVukiswa Zookey Zarling” Vutela.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa