KAZIKHOLWANGA IZINTANDANE ZAKHELWA UMUZI YI-SADTU
IBISILAHLE ithemba ngempumelelo yayo esikoleni intombazanyana yaseNtolwane, eNkandla, ebibhekene nengcindezi yokunakekela izingane zakwabo ezine ebezibheke yona emehlweni ukuze kulalwe kudliwe, ibuka nendlu yakwabo engekho esimeni esihle.
UGcinile Ngidi (16), ofunda uGrade 11 eMnyakanya High School, uveze lezi zindaba kade kuvulwa izindlu ezimbili abazakhelwe yiSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, engenelele ngenxa yosizi lezi zingane ebezibhekene nalo.
UGcinile uthi selokhu kuqale unyaka, kakuphaseki esikoleni njengoba bebegulelwa ngunina obephethwe wumdlavuza wesibeletho, wagcina ngokudlula emhlabeni ngoNhlangulana (June).
Utshele ILANGA ukuthi yena ubesephenduke umama wekhaya, izingane zakwabo zibheke yena emehlweni, okumenze wangaphumelela kahle nasesikoleni.
“Ukugula kukamama bekungifakela ingcindezi, ngibuka naleli khaya elizowa noma yinini. Bengibuye ngicabange nokuthi izingane zizodlani, besisizwa ngomakhelwane. Kangazi ukuthi ngingabonga ngithini kwesikwe- nzelwe yiSadtu. Bengingakaze ngizicabange nginguthisha, kodwa sengishintshe umqondo, sengizofundela khona.
"Bengizitshela ukuthi lo msebenzi (wobuthishela) uphelela ekilasini kanti kubuye kusizakale nabahluphekile ngesandla sikathisha.
"Sengizokwazi nokuzimisela esikoleni,” kusho uGcinile. UNobhala weSadtu KwaZuluNatal, uNkz Nomarashiya Caluza, uthe eminyakeni ewu-28 kusungulwe le nyunyana, kabakaze bayenze into enjena.
Uthi ngoNtulikazi (July), bahlale phansi bacabanga ukuthi yini abangayenza ngosuku lukaMande- la, base beqhamuka nombono wokwenza okwehlukile, babheke imindeni eswele ezindaweni zasemakhaya eNkandla, eNquthu naseBabanango.
“Sithumele ubuholi bethu emagatsheni ukuba buyosibhekela imizi eswele, kwase kuqhamuka lona waseNkandla kuqala.
"Ngesikhathi ngithunyelelwa izithombe zalo muzi, kabuzange bufike ubuthongo ebusuku ngibuka urawondi ongenalutho phakathi, onezimbobo. Sizitshelile ukuthi iSadtu ikhonjiwe, kumele kwakhiwe lo muzi.
"Mhla ka-11 kuNtulikazi, siyile khona nobuholi bethu siyozibonela, okuyilapho sinqume khona (ukwakha) nakuba izingane bezingakholwa ukuthi sizozakhela ngoba zithi kukaningi kufika abantu beshiya izethembiso.
"Kwehlule ngisho ozakwethu bethi izothathwaphi imali, kodwa elami lathi ngalokhu esikwenzayo, sisiza izingane,” kusho uNkz Caluza.
Lo muzi uqale ukwakhiwa ngoNtulikazi. Ziyisihlanu sezizonke izingane ezihlala kuwona. ISadtu kayigcinanga ngokwakha lezi zindlu, kodwa ifake nezimpahla phakathi okubalwa imibhede, i-friji, izitofu, umabonakude, iwodilophu, izingubo zokulala, i- microwave nokudla.