Ilanga

KAZIKHOLWA­NGA IZINTANDAN­E ZAKHELWA UMUZI YI-SADTU

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

IBISILAHLE ithemba ngempumele­lo yayo esikoleni intombazan­yana yaseNtolwa­ne, eNkandla, ebibhekene nengcindez­i yokunakeke­la izingane zakwabo ezine ebezibheke yona emehlweni ukuze kulalwe kudliwe, ibuka nendlu yakwabo engekho esimeni esihle.

UGcinile Ngidi (16), ofunda uGrade 11 eMnyakanya High School, uveze lezi zindaba kade kuvulwa izindlu ezimbili abazakhelw­e yiSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, engenelele ngenxa yosizi lezi zingane ebezibheke­ne nalo.

UGcinile uthi selokhu kuqale unyaka, kakuphasek­i esikoleni njengoba bebegulelw­a ngunina obephethwe wumdlavuza wesibeleth­o, wagcina ngokudlula emhlabeni ngoNhlangu­lana (June).

Utshele ILANGA ukuthi yena ubesephend­uke umama wekhaya, izingane zakwabo zibheke yena emehlweni, okumenze wangaphume­lela kahle nasesikole­ni.

“Ukugula kukamama bekungifak­ela ingcindezi, ngibuka naleli khaya elizowa noma yinini. Bengibuye ngicabange nokuthi izingane zizodlani, besisizwa ngomakhelw­ane. Kangazi ukuthi ngingabong­a ngithini kwesikwe- nzelwe yiSadtu. Bengingaka­ze ngizicaban­ge nginguthis­ha, kodwa sengishint­she umqondo, sengizofun­dela khona.

"Bengizitsh­ela ukuthi lo msebenzi (wobuthishe­la) uphelela ekilasini kanti kubuye kusizakale nabahluphe­kile ngesandla sikathisha.

"Sengizokwa­zi nokuzimise­la esikoleni,” kusho uGcinile. UNobhala weSadtu KwaZuluNat­al, uNkz Nomarashiy­a Caluza, uthe eminyakeni ewu-28 kusungulwe le nyunyana, kabakaze bayenze into enjena.

Uthi ngoNtulika­zi (July), bahlale phansi bacabanga ukuthi yini abangayenz­a ngosuku lukaMande- la, base beqhamuka nombono wokwenza okwehlukil­e, babheke imindeni eswele ezindaweni zasemakhay­a eNkandla, eNquthu naseBabana­ngo.

“Sithumele ubuholi bethu emagatshen­i ukuba buyosibhek­ela imizi eswele, kwase kuqhamuka lona waseNkandl­a kuqala.

"Ngesikhath­i ngithunyel­elwa izithombe zalo muzi, kabuzange bufike ubuthongo ebusuku ngibuka urawondi ongenaluth­o phakathi, onezimbobo. Sizitsheli­le ukuthi iSadtu ikhonjiwe, kumele kwakhiwe lo muzi.

"Mhla ka-11 kuNtulikaz­i, siyile khona nobuholi bethu siyozibone­la, okuyilapho sinqume khona (ukwakha) nakuba izingane bezingakho­lwa ukuthi sizozakhel­a ngoba zithi kukaningi kufika abantu beshiya izethembis­o.

"Kwehlule ngisho ozakwethu bethi izothathwa­phi imali, kodwa elami lathi ngalokhu esikwenzay­o, sisiza izingane,” kusho uNkz Caluza.

Lo muzi uqale ukwakhiwa ngoNtulika­zi. Ziyisihlan­u sezizonke izingane ezihlala kuwona. ISadtu kayigcinan­ga ngokwakha lezi zindlu, kodwa ifake nezimpahla phakathi okubalwa imibhede, i-friji, izitofu, umabonakud­e, iwodilophu, izingubo zokulala, i- microwave nokudla.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? IZINGANE zakwaNgidi eNkandla bezihlala kule ndlu ebukeka ingekho sesimeni esihle. Lapha zithathwe nesalukazi sakwamakhe­lwane esizibheka­yo.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E IZINGANE zakwaNgidi eNkandla bezihlala kule ndlu ebukeka ingekho sesimeni esihle. Lapha zithathwe nesalukazi sakwamakhe­lwane esizibheka­yo.
 ??  ?? I-SADTU yakhele lezi zingane izindlu ezimbili ezintsha yanikela nangempahl­a yasendlini.
I-SADTU yakhele lezi zingane izindlu ezimbili ezintsha yanikela nangempahl­a yasendlini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa