Ilanga

Angalinge uMnu Ramaphosa akhankase ngezijumba­na zokudla

- Siyanda Mhlongo KWADUKUZA

MHLELI: Ngenxa yokuthi isizwe samaShona sikhulu eZimbabwe, uMnu Thabo Mbeki waphuma uphondo yedwa ngo-1987 ethi kuzonqoba iZimbabwe African National Union (Zanu) - hhayi iZimbabwe African People’s Union (Zapu) kaMnu Joshua Nkomo, okumanje iholwa nguMnu Dumiso Dabengwa emuva kokuba ivuswe ngo-2008 kwazise ngawo u-1987 yahlangani­swa neZanu kwabakhona iZanu - Patriotic Front.

AmaNdebele ayisizukul­wane sikaMzilik­azi kaKhumalo njengoba namaShanga­ne eyisizukul­wane samaZulu. I-Zanu ibibhekene nenselelo ebifana neye-African National Congress (ANC), umahluko kuwukuthi uMnu Robert Mugabe - obengumeng­ameli weZanu - PF neZimbabwe - ubedonswa yinkosikaz­i yakhe ngekhala ngoba esemdala kanti la uMnu Jacob Zuma ubedonswa ngekhala ngamaGupta nabanye kubalwa noMengamel­i Vladimir Putin waseRussia.

Ngenxa yalokhu, isithunzi seZanu-PF nese-ANC saphela. Uma uNkk (Thobeka) Madiba-Zuma ethi “kuzoshipha ukotshi”, ngasho ngathi nango-ke uDisgrace Mugabe we-ANC. UMnu Mugabe noNxamalal­a banezithab­athaba zemizi, bangomakhe­lwane eDubai. Bobabili baboshelwa ukuthi balwela inkululeko.

UMnu Mugabe ugogodile ngezemfund­o, okaMsholoz­i akalithola­nga ithuba masibonge uMnu Harry Gwala noMnu Eddie Daniels ngokumcath­ulisa. Thatha izindlu zalaba baholi uziqhathan­ise nezikaMnu Nelson Mandela, ipulazi likaMnu Mugabe liwudeda ngendlale. Okufanele-ke kugwenywe ngumengame­li omusha, uMnu Cyril Ramaphosa eNingizimu Afrika, wukukhanka­sa ngezijumba­ne zokudla.

I-ANC ibingahamb­isani ne-Inkatha Freedom Party (IFP) uma isisebenzi­sa izijumbane zokudla okuyinto eqale kwaANC nguNxamala­la. Ngeke ucebise umndeni wakho bese uthenga abantu ngokudla uyabathuka, okuyinto edina abavoti baseNkandl­a. Lokhu kuyisebenz­elile iZanu.

Kuleli lizwe ngeke kumsize uMnu Ramaphosa. UMengameli waseZimbab­we, uMnu Emmerson Mnangagwa - obeyiwisa lokugadla likaMnu Mugabe - uthe uma engena emuva kokugudluz­wa kukaMnu Mugabe ngokuphela konyaka odlule, wazama ukulungisa izinto azone nalo mholi.

NoMnu Ramaphosa uzama lokho. Bobabili uMnu Mugabe noMnu Zuma besaba ukulala bebaliwe, bavikela amafa abawathole ngokungemt­hetho, bayazi amanyala abo ayobekwa emlandweni ukuze izizukulwa­ne zifunde ukuthi abalweli benkululek­o bagcina bedicilela izithunzi phansi njengoMnu Eduardo dos Santos waseAngola.

UMsholozi akafuni ukuziqatha­kela, ufuna ukuwa ne-ANC njengoba esehamba noMnu Andile Mngxitama, abangcwabi nabefundis­i abaziphath­isa okukaBarab­bas, uSawuli noGehazi.

Ukususwa kukaMnu Mugabe esikhundle­ni sokuhola iZanu-PF neZimbabwe, kulikhinya­bezile iqembu elikhulu kwaphikisa­yo eZimbabwe, iMovement for Democratic Change (MDC) njengoba ne-Economic Freedom Fighters (EFF), iDemocrati­c Alliance (DA), Congress of the People (Cope) ne-United Democratic Movement (UDM) bezokhinya­bezeka.

Phela uNxamalala ubengenisa amanzi endlini, yaphupha sibhekile i-ANC ngomuntu oyedwa! Washo uMnu Sipho Pityana wathi “zemuka izinkomo magwala ndini”.

Masimeseke uMnu Ramaphosa kodwa singacwayi­zi. Uma egenca kahle, siyothi: “Lo ungumfundi­si kamama Albertina Sisulu, uMnu Oscar Mpetha noMnu Archie Gumede”, uma ephuma esipolweni, useyobuza ubab’ uZuma noMugabe.

 ?? ISITHOMBE NGABE: AFRICANEWS ?? UMFUNDI uthi uMengameli Cyril Ramaphosa - oxhawulana noMengamel­i waseZimbab­we, uMnu Emmerson Mnangagwa, kuzomele agweme ukukhankas­a ngezijumba­ne zokudla.
ISITHOMBE NGABE: AFRICANEWS UMFUNDI uthi uMengameli Cyril Ramaphosa - oxhawulana noMengamel­i waseZimbab­we, uMnu Emmerson Mnangagwa, kuzomele agweme ukukhankas­a ngezijumba­ne zokudla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa