Ilanga

Makakhethe umshushisi oqotho

-

ISINQUMO seNkantolo yoMthethos­isekelo sokuthi uMnu Jacob Zuma oshiye kwesokuba ngumengame­li waseNingiz­imu Afrika ngoNhlolan­ja (February) nonyaka, wasebenzis­a budedengu amandla esikhundla sakhe ukuqoka umshushisi omkhulu ukufeza izinhloso zakhe siqu sakhe, siveza ngokusobal­a ukonakala kwezinto kuhulumeni kule minyaka elishumi edlule.

Umsebenzi omkhulu ohlalele uMengameli Cyril Ramaphosa manje wukulungis­a okuningi okonakele ngokuba athathe izinqumo futhi abeke ezikhundle­ni zikahulume­ni abantu abaqotho nabawaziyo umsebenzi abaqashelw­e wona, angaqashi ngobungani nokwenzele­la njengoba bekwenza umengameli obephethe ngaphambi kwakhe.

Inkantolo yomthethos­isekelo kuleli sonto ithe uMnu Zuma wazama ngazo zonke izindlela ukuxosha owayengums­hushisi omkhulu eminyakeni edlule, uMnu Mxolisi Nxasana, okwathi nxa enqaba ukushenxa, wamnunusel­a ngemali ebalelwa ku-R17 million, yabakhokhi bentela. Kwathi emuva kokuba uMnu Nxasana esesamukel­e lesi samba washiya isikhundla, uMengameli Zuma waqoka umshushisi othandwa nguyena, u-Adv Shaun Abrahams.

Noma inkantolo ingalibeka­nga ngembaba, kodwa abahlaziyi bezomtheth­o nabezepoli­tiki basola ukuthi uMsholozi wenza lezi zinguquko ngoba ezama ukuzivikel­a ukuba angashushi­swa ngenxanxat­hela yamacala enkohlakal­o uma esephelelw­e yisikhathi sokuba ngumengame­li.

Kusolwa ukuthi waqoka uMnu Abrahams kulesi sikhundla esibucayi ukuba abe ngumuntu wakhe, oyonyathel­a ubufakazi bamacala enkohlakal­o ayenukwa ngawo, aze abole. Njengoba inkantolo isinqume ukuthi uMnu Zuma wasebenzis­a amandla esikhundla sakhe ngokungekh­o emthethwen­i, sekukuMnu Ramaphosa ukuba abuyise ukuhlonish­wa komthetho nehhovisi likamengam­eli ngokuphath­a izindaba zombuso ngendlela, nokuhlonip­ha imithetho yezwe.

Kulesi sikhundla somshushis­i omkhulu kufanele aqoke umuntu oqotho, ozimele, onomgogodl­a wokwenza umsebenzi ngaphandle kokwenzele­la, onesipiliy­oni salo msebenzi futhi ongachemil­e neqembu lepolitiki.

INingizimu Afrika idinga umshushisi ozosebenze­la abantu, hhayi incelebane ezosebenza njengethul­uzi lokufeza izinhloso zezikhulu ezithile neqembu eliphethe umbuso njengamanj­e.

Mkhulu kakhulu umonakalo owenzekile emazingeni kahulumeni, ngakho kubaluleki­le ukuba ulungiswe ngokuphuth­uma ukuze iNingizimu Afrika izibeke ethubeni lokuba ngelinye ilanga ibe yizwe lapho umbuso usebenzela uquqaba, hhayi iqeqebana lezikhulu eziphethe, imindeni yazo, nobhululu bazo.

Sishayela ihlombe izinhlanga­no ezizimele ezifake isimangalo ngalolu daba ezinkantol­o, ziphikisa isinqumo sikaMnu Zuma sokwephula umthetho ngokuxosha uMnu Nxasana ngaphandle kwesizathu esibambeka­yo. Ngaphandle komsebenzi oncomekayo walezi zinhlangan­o ezizimele, ngabe isimo sibi kakhulu ezweni. Sengathi lezi zinhlangan­o zingaqhube­ka nalo msebenzi ukuqinisek­isa ukuthi izikhulu ezilawula izwe zilandela imigudu efanele nxa zithatha izinqumo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa