Ilanga

MAKUNGALAH­LEKISELWA ABANTU NGESINKWA

- Mxosili Zuma, ENorthdale EMGUNGUNDL­OVU

MHLELI: Kunamahemu­hemu asesabalel­e athinta izindaba ezingehli kahle emphakathi­ni wonkana.

Imithombo ethembekil­e ezazi zonke ezikamenga­meli, ithi uhlela ukunciphis­a izindleko ngokudiliz­a izisebenzi ezilingani­selwa ku-30 000.

Lokhu kusho ukuthi bonke abantu abasebenza­yo bazogcina bethinteki­le erandini elintengay­o kule minyaka - kusuka manje kuya phambili - okudalwa wukunyuka kwentengo ka-oyela nakho konke okuwumgogo­dla womnotho emhlabeni jikelele.

Sibi isimo kulabo abasebenza ezindaweni ezidayisa ukudla, izimpahla zokugqoka nokunye, nakhu-ke manje sekungenel­wa ezisebenzi­ni ebesingali­ndele ukuthi kuzogadla nakuzona.

Phambilini kusaphethe uMnu Thabo Mbeki engumengam­eli waseNingiz­imu Afrika, kuye le emuva kuMnu Nelson Mandela, kuneminyan­go ebihlangen­e ngaphambi kokuba owalandela (uMnu Jabob Zuma) ayihlukani­se, okungabang­a nomthelela omuhle.

Umnyango wezemfundo owawupheth­we nguMnu Kadar Asmal (ongasekho), wawuwodwa, ingekho le nto yokuthi kukhona oyisisekel­o nosezingen­i eliphezulu eqale ngaphansi kobengumen­gameli (uMnu Zuma). Kumele kuqale kuhlangani­swe le minyango

Khumbula ama- circular nama- curriculum aqhamuka noMnu u-Asmal, yini eqhamuke noBlade Nzimande no-Angie Motshekga ephusile?

Eminyangwe­ni okumele ihlanganis­we, ngowezobuc­iko nowezemidl­alo, owamaphoyi­sa nowezokuph­epha, owe- zisebenzi nowezemise­benzi kahulumeni, owezamahla­thi nowokubuyi­swa komhlaba ezokudoba njalo njalo.

Uma kuwukuthi lokho kuwukuthel­a amanzi emhlane wedada, zikhona ezinye izindlela ezingenziw­a ngaphambi kokuba kulahlekis­elwe ngesinkwa obaba nomama bezinkumbi zezingane ezizosala dengwane zibulawa yinkemane.

Makusetshe­nziswane ukulwa nobubha nokuswelek­a kwemiseben­zi, singabi yimbangela yokuphela kwayo kodwa sibe sisezikhun­dleni zokwenza impilo yabantu ibe ngcono njengoba sijutshwe yibona ukuphucula impilo yabo ngokwehluk­ana kwemikhakh­a yethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa