GALAKAJANA
BENGIHLELI namakhehla nezalukazi eBapong, eNorth West kule mpelasonto edlule, ngisancela ulwazi ngamasiko ethu omdabu. Abantu abadala bakhuza umhlola ngokwenzekayo entsheni yanamuhla abathi kayisazi mehluko phakathi kwenqindi nesibhakela uma kukhulunywa ngamasiko nenqubo yempilo yakwantu.
Kunenye insizwa endala yakwaMofokeng ebisiphakamise njalo isikali somqombothi, ubungafunga ukuthi sinanyatheliswe ezindebeni zayo. Ibize ikhulumele phakathi kuso sengathi ikhuluma ngesipikha lesi okuthiwa phecelezi yi- loud hailer.
Okumnandi ngokuxoxa nabantu abadala wukuthi izinto bazisho njengoba zinjalo, kabagwegwesi njengathi, futhi kabakugqizi qakala ukuthi wena ucabangani ngabo nalokho abakushoyo.
Bayaluqoshamisa nolimi, bazikhulumele nje bakhululeke. Udaba olubahlupha kakhulu emasikweni wukunukubezwa kosiko lokulobola, abathe seli- phenduke ihlazo nechilo.
Lo kaMofokeng uthi abesifazane sebethengiswa njengolamthuthu, amadumbe namazambane. Ungitshele ukuthi umzukulu wake ufuna ukuthatha umfazi, kodwa abasekhweni bathi ngeke bemukela mali engaphansi kwekhulu lezinkulungwane zamarandi.
Umzukulu wakhe usebenza emayini, kanti akakaze awubone ngisho no-R20 000 ngawakhe amehlo, ngakho u-R100 000 yiphupho nje kuyena. Uchaze wathi ilobolo kwakuyindlela yokubonisa abasekhweni ukuthi insizwa ingakwazi ukunakekela le ntombi efuna ukuyithatha.
Uthe yingakho insizwa yayikhipha lokho okusemandleni ayo, bese kuthiwa ilobolo kaliqedwa.
“Kwakwakhiwa ubuhlobo, kwakungathengiselwana njengoba kwenzeka namuhla futhi le nto yokuthi ilobolo kaliqedwa, yayenzelwa ukuthi abasekhweni bangesabi ukucela usizo kumkhwenyana wabo,” kusho uMofokeng emuva kokuminya isi- kali sokuqala.
Enye intombi endala ebilokhu ithule nje ingasho lutho, abebeyibiza ngoragadi (ubabekazi), iqale ukujobelela uma sekuphela isikali sesithathu, lwaswabuluka ulimi nakulaba abanye. Yona ithe onke amasiko esintu akhelwe phezu kwenhlonipho.
“Inhloso yamasiko amaningi wukuqhakambisa inhlonipho phakathi kwabantu,” esho esula umlomo uragadi.
Ngithe uma ngibuza ukuthi kungani kuba yindoda ekhipha izinkomo, noma ekhokhayo, wathi yingoba umuntu wesifazane nguyena obelethayo, ngakho nguyena owandisa noma oqhubezela isibongo salapho eshadele khona.
Ngithe uma ngibuza ukuthi kanti le mali yelobolo iyafana nokuqasha isibeletho, wahleka kwaze kwaphuma izinyembezi, kodwa wavuma.
“Ungayibeka kanjalo mntanami,” esho ephinda futhi ehleka.
Njengoba nje izinto ezithengwayo zifika nesiqiniseko sokuthi ziyasebenza, kuze kuthiwe into ungayibuyisela emuva kweminyaka emibili noma emithathu uma kwenzeka ihlupha, umuntu yena ubuyiselwa kanjani emuva?
Uragadi uthe isithembu senzelwa izimo ezinjalo ngoba kuthi uma owokuqala umfazi engabatholi abantwana, indoda ithathe owesibili.
Uma owokuqala engafisi ukuba nezingane eziningi, kodwa indoda yona ifuna iqembu leBafana Bafana, yayithatha futhi. Bangichazele futhi abadala ukuthi ngosiko lwabeTswana, owesifazane omdala ekhaya (ubabekazi) oba yinhloko, kuba nguyena obhekana nezinto ezifana namalobolo nemisebenzi yomndeni.
Lowo babekazi-ke ubizwa ngoragadi. Mina phela bengicabanga ukuthi yigama layo le ntombi endala, kanti yigama elisho isikhundla esibalulekile asiphethe kulo mndeni.
Umuntu ufunda aze ayofa. Phela esiZulwini kuba yinkosana eba yikhanda lomndeni uma ikhehla selikhotheme.
Kumnandi ukuhlala nabantu abadala ngoba phela baphethe lonke ulwazi thina esesilukhwifela ngamathe ngoba nakhu sithi sesiphucuzekile, sesingabelungu abamnyama.
Izizwe ezingawalahlanga amasiko njengamaJuda, amaShayina, amaNdiya nabo abelungu yizo eziphumelelayo, thina sibe silandela ngemuva. Amasiko yiwo ayesifundisa ukuthi siziphathe kanjani, njengabantu.
Mhlawumbe ayecabanga ukuthi lawo mabhubesi angamavejitheliyeni...