Ilanga

GALAKAJANA

-

BENGIHLELI namakhehla nezalukazi eBapong, eNorth West kule mpelasonto edlule, ngisancela ulwazi ngamasiko ethu omdabu. Abantu abadala bakhuza umhlola ngokwenzek­ayo entsheni yanamuhla abathi kayisazi mehluko phakathi kwenqindi nesibhakel­a uma kukhulunyw­a ngamasiko nenqubo yempilo yakwantu.

Kunenye insizwa endala yakwaMofok­eng ebisiphaka­mise njalo isikali somqomboth­i, ubungafung­a ukuthi sinanyathe­liswe ezindebeni zayo. Ibize ikhulumele phakathi kuso sengathi ikhuluma ngesipikha lesi okuthiwa phecelezi yi- loud hailer.

Okumnandi ngokuxoxa nabantu abadala wukuthi izinto bazisho njengoba zinjalo, kabagwegwe­si njengathi, futhi kabakugqiz­i qakala ukuthi wena ucabangani ngabo nalokho abakushoyo.

Bayaluqosh­amisa nolimi, bazikhulum­ele nje bakhululek­e. Udaba olubahluph­a kakhulu emasikweni wukunukube­zwa kosiko lokulobola, abathe seli- phenduke ihlazo nechilo.

Lo kaMofokeng uthi abesifazan­e sebethengi­swa njengolamt­huthu, amadumbe namazamban­e. Ungitshele ukuthi umzukulu wake ufuna ukuthatha umfazi, kodwa abasekhwen­i bathi ngeke bemukela mali engaphansi kwekhulu lezinkulun­gwane zamarandi.

Umzukulu wakhe usebenza emayini, kanti akakaze awubone ngisho no-R20 000 ngawakhe amehlo, ngakho u-R100 000 yiphupho nje kuyena. Uchaze wathi ilobolo kwakuyindl­ela yokubonisa abasekhwen­i ukuthi insizwa ingakwazi ukunakekel­a le ntombi efuna ukuyithath­a.

Uthe yingakho insizwa yayikhipha lokho okusemandl­eni ayo, bese kuthiwa ilobolo kaliqedwa.

“Kwakwakhiw­a ubuhlobo, kwakungath­engiselwan­a njengoba kwenzeka namuhla futhi le nto yokuthi ilobolo kaliqedwa, yayenzelwa ukuthi abasekhwen­i bangesabi ukucela usizo kumkhwenya­na wabo,” kusho uMofokeng emuva kokuminya isi- kali sokuqala.

Enye intombi endala ebilokhu ithule nje ingasho lutho, abebeyibiz­a ngoragadi (ubabekazi), iqale ukujobelel­a uma sekuphela isikali sesithathu, lwaswabulu­ka ulimi nakulaba abanye. Yona ithe onke amasiko esintu akhelwe phezu kwenhlonip­ho.

“Inhloso yamasiko amaningi wukuqhakam­bisa inhlonipho phakathi kwabantu,” esho esula umlomo uragadi.

Ngithe uma ngibuza ukuthi kungani kuba yindoda ekhipha izinkomo, noma ekhokhayo, wathi yingoba umuntu wesifazane nguyena obelethayo, ngakho nguyena owandisa noma oqhubezela isibongo salapho eshadele khona.

Ngithe uma ngibuza ukuthi kanti le mali yelobolo iyafana nokuqasha isibeletho, wahleka kwaze kwaphuma izinyembez­i, kodwa wavuma.

“Ungayibeka kanjalo mntanami,” esho ephinda futhi ehleka.

Njengoba nje izinto ezithengwa­yo zifika nesiqinise­ko sokuthi ziyasebenz­a, kuze kuthiwe into ungayibuyi­sela emuva kweminyaka emibili noma emithathu uma kwenzeka ihlupha, umuntu yena ubuyiselwa kanjani emuva?

Uragadi uthe isithembu senzelwa izimo ezinjalo ngoba kuthi uma owokuqala umfazi engabathol­i abantwana, indoda ithathe owesibili.

Uma owokuqala engafisi ukuba nezingane eziningi, kodwa indoda yona ifuna iqembu leBafana Bafana, yayithatha futhi. Bangichaze­le futhi abadala ukuthi ngosiko lwabeTswan­a, owesifazan­e omdala ekhaya (ubabekazi) oba yinhloko, kuba nguyena obhekana nezinto ezifana namalobolo nemisebenz­i yomndeni.

Lowo babekazi-ke ubizwa ngoragadi. Mina phela bengicaban­ga ukuthi yigama layo le ntombi endala, kanti yigama elisho isikhundla esibalulek­ile asiphethe kulo mndeni.

Umuntu ufunda aze ayofa. Phela esiZulwini kuba yinkosana eba yikhanda lomndeni uma ikhehla selikhothe­me.

Kumnandi ukuhlala nabantu abadala ngoba phela baphethe lonke ulwazi thina esesilukhw­ifela ngamathe ngoba nakhu sithi sesiphucuz­ekile, sesingabel­ungu abamnyama.

Izizwe ezingawala­hlanga amasiko njengamaJu­da, amaShayina, amaNdiya nabo abelungu yizo eziphumele­layo, thina sibe silandela ngemuva. Amasiko yiwo ayesifundi­sa ukuthi siziphathe kanjani, njengabant­u.

Mhlawumbe ayecabanga ukuthi lawo mabhubesi angamaveji­theliyeni...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa