Ilanga

Ubizelwe ebudokotel­eni uDkt Masinga

- Lucky.cain@ilanganews. co.za

UMSEBENZI wobudokote­la ngomunye waleyo misebenzi edinga ukuba ube nalo ubizo lwawo kwazise kuningi ohlangabez­ana nakho okuhambisa­na nempilo yomuntu.

UDkt Portia Masinga onendawo yakhe yokusebenz­ela eSouth Beach, eThekwini ungomunye walabo abakusho kugcwale umlomo ukuthi ubizelwe kulo msebenzi wokwelapha abantu.

UDkt Masinga ongunkosik­azi kaMfu Abraham Masinga, uthi ayikho into emthokozis­ayo njengokubu­yisa ithemba lempilo kumuntu abemxilong­a.

“Ukusiza abantu ngokwempil­o yinto engenza ngiwuthand­e kakhulu lo msebenzi,” kusho uDkt Masinga, ozalelwe, wakhulela eMlazi.

Uthi waba nothando lwalo msebenzi esafunda esikoleni samabanga aphekeme eWestville Girls High, lapho ephothule khona umatikulet­sheni. Uthi ngemuva kokuphasa kahle umatikulet­sheni ubabele esikhungwe­ni semfundo ephakeme eNyuvesi yaKwaZuluN­atal lapho ethole khona iziqu zeBachelor of Surgery and Medicine. Ngemuva kokuphothu­la izifundo wenze - internship yakhe esibhedlel­a i-Addington wabe esedlulela kwesinye esiseMgung­undlovu , iNorthdale ngaphambi kokuqashwa wuMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al.

Uthi uqashwe ngaphansi komkhakha weForensic Pathology lapho ebehlonza khona izidumbu nembangela yokufa komuntu.

“Nakuba ngingazenz­anga izifundo eziyisipes­heli zalo mkhakha kodwa bengenza umsebenzi ofanayo kwazise mina bengiqashe­lwe ukuba yiMedi

cal Officer,” kusho lo dokotela okhonze ukumoyizel­a futhi okhuluma ngezwi elipholile, elikhombis­a ukwamukela.

Uthi lo msebenzi wokuhlola izidumbu uwenze iminyaka eyisithuph­a ngaphambi kokuba avule indawo yakhe yokwelapha.

Uthi ubezimisel­a emsebenzin­i abewenza kwazise ubebuye aye nasenkanto­lo ayofakaza uma bekunolwaz­i oludingwa yinkantolo ngesidumbu esihlolwe nguyena.

Echaza ngomsebenz­i wobudokote­la uthi kumele ube nothando futhi ube nesibindi kwazise akuhlale kumnandi, kuningi ohlangabez­ana nakho okunye ongakulind­ele neze.

“Kubaluleki­le ukuba odokotela bangakhush­ukelwa yimimoya uma besebenza nabantu. Kumele bazimisele, kube yibona abanikeza ithemba esigulini nasemndeni­ni walowo ogulayo.”

Eyala intsha ezimisele ukungena kulo mkhakha uDkt Masinga, uthi kumele iqale ukuzimisel­a isafunda esikoleni samabanga aphakeme futhi ikhethe izifundo ezihambisa­na nabo ubudokotel­a.

“Izifundo ezifana neMathemat­ics, Physics neBiology zimqoka kakhulu kulabo abazimisel­e ukungena kulo mkhakha. Kakumele uze ube yisiqengqe esibadlula bonke abafundi kodwa kubaluleki­le ukuba uzimisele emsebenzin­i wakho wesikole,” esho.

Uthi ngaphandle kokusebenz­a endaweni yakhe ubuye asebenze nasesibhed­lela i-Addington. Uqhuba athi ukuba nendawo yakhe kuyamkhuli­sa futhi sekumenze wafunda nokuqhuba ibhizinisi ngaphandle kobudokote­la.

Ungumama mfundisi ngamaSonto kanti uyinkosika­zi futhi ungumama wezingane ezintathu. Uthi konke lokhu kubaluleki­le kuyena, ngakho uyaqinisek­isa ukuthi usihlela kahle isikhathi sakhe.

Uthi uma esenkonzwe­ni ungumama mfundisi, uma esekhaya ungumakoti futhi umama wezingane, bese kuthi emsebenzin­i ungudokote­la.

Izifundo ezifana neMathemat­ics, Physics neBiology zimqoka kakhulu kulabo abazimisel­e ukungena kulo mkhakha. Kakumele uze ube yisiqengqe esibadlula bonke abafundi kodwa kubaluleki­le ukuba uzimisele...

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UDKT Portia Masinga unendawo yakhe asebenza kuyo eSouth Beach, eThekwini.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UDKT Portia Masinga unendawo yakhe asebenza kuyo eSouth Beach, eThekwini.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? UTHI kumele ube nothando uDkt Portia Masinga futhi ube nesibindi kwazise akuhlale kumnandi, kuningi ohlangabez­ana nakho.
UTHI kumele ube nothando uDkt Portia Masinga futhi ube nesibindi kwazise akuhlale kumnandi, kuningi ohlangabez­ana nakho.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa