Ilanga

AZOBANJWA AMAQILI KWEYE-COCA COLA

- PHILANI NCALANE

AZOBANJWA kalula amaqili emidlalwen­i yokukhipha umakhonya waKwaZulu-Natal kwiCopa Coca Cola U/15 Cup ezogijinyw­a ngoMgqibel­o eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

USmanga Mgenge onguNobhal­a weSouth African Schools Football Associatio­n (Sasfa), uthe akukho noyedwa umdlali ongadlalan­ga emidlalwen­i yezifunda ozobamba iqhaza ngoMgqibel­o.

Uthe bazophinde baqiniseki­se ukuthi akukho mdlali okokotele iminyaka yobudala ngoMgqibel­o ekuseni ngaphambi kokuqala kwemidlalo.

“Sinalo lonke uhlu lwabadlali abadlala kulo mqhudelwan­o. Akekho ozoqhamuka esithubeni ozovunyelw­a ukudlala. Bazojezisw­a kanzima othisha abazozama ukukokotel­a iminyaka yabadlali ngoba lokhu kungcola kusiqhatha nabaxhasi bethu. Silindele izinga eliphezulu kulo mqhudelwan­o. Sinethemba lokuthi isikole esizokudla ubhedu, sizokwazi ukumela kahle isifundazw­e ezingeni likazwelon­ke,” kusho uMgenge oyiMeya yaseMfoloz­i.

Le midlalo izohanjelw­a nguJabu Mahlangu wodumo kwiKazier Chiefs ozoqoka abadlali abazokhand­a isikwati esizohlele­lwa imidlalo emqoka ngenhloso yokubanike­za ithuba lokuzibona­kalisa emakilabhi­ni amakhulu. Imidlalo kazwelonke izoqala mhla ka-26 isongwe mhla ka-29 eWolfson Stadium, eBhayi.

Le midlalo isikhiqize abadlali okubalwa kubona uHappy Jele ongukapute­ni we-Orlando Pirates, uPercy Tau osezogijim­a eBelgium, u-Andile Jali, uKhulekani Kubheka noNotha Ngcobo beMamelodi Sundowns ukukha nje phezulu.

Selulonke uhlu lwezikole ezizobanga ukuba yizingqwel­e zesifundaz­we lumi kanje: KwaMyayiza High School, Buhlebomzi­nyathi High School, Bongumenzi High School, New Guiderland Secondary, Nyika Secondary School, KwaGiba High School, Glenwood High School, Old Mill High School, Edendale Technical High School, JG Zuma High School, Tholithemb­a High School neZashuke High School.

 ??  ?? KUSUKA kwesobunxe­le nguRutendo Nyahora, uGlenrose Xaba noKesa Moletsane abagijima kwiSpar Women's Challenge.
KUSUKA kwesobunxe­le nguRutendo Nyahora, uGlenrose Xaba noKesa Moletsane abagijima kwiSpar Women's Challenge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa