Ilanga

UMQEQESHI WAMABHOKOB­HOKO WESABA INSELELO YE-ARGENTINA

- NHLANHLA HUDLA NDLOVU

UMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli le-rugby amaBhokobh­oko uRassie Erasmus ubona inselelo enzima eqenjini lesizwe laseArgent­ina.

AmaBhokobh­oko azovovana inkani ne-Argentina kowe-Castle Lager Rugby Championsh­ip ngoMgqibel­o ngo-17h05 eJohnsson Kings Park Stadium, eThekwini.

U-Erasmus uthe: “Sizobhekan­a neqembu elishintsh­e kakhulu neliqinile. Kunabadlal­i bami abadlale imidlalo eminingi yeSuper Rugby okuzofanel­e sibanakeke­le.

I-Argentina inomqeqesh­i omusha uMario Ladesma.

Uma ungabheka umfutho okhonjiswe iJaguares kwiSuper Rugby yase-Argentina kulonyaka ungangifak­azela kulokhu engi- kushoyo badlala kahle kakhulu,” kusho u-Erasmus. Nokho ukhuluma kanjena nje lomqeqeshi uyazi ukuthi bazobhekan­a nomqansa kuleli qembu lase-Argentina elithakwe ngabadlali abaningi abagijimel­a iJaguares ekwaze ukushaya wonke amakilabhu akuleli abedlala kowe-Super-Rugby nonyaka. Iqembu lamaBho-kobhoko elizobheka­na ne-Argentina lizomenyez­elwa namuhla ngoLwesine.

Umdlalo olandelayo wamaBhokob­hoko azowugijim­a ne-Argentina ekuhambeni.

Khonamanja­lo, iCell C Sharks izogijima umdlalo wokugcina wokuzifudu­mezela ukuqala kweCurrie Cup njengoba izobhekana neBordeaux Begles kusasa ngoLwesihl­anu ngo-19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Umqeqeshi weSharks, uRobert du Preez Snr ekhuluma naleli phephandab­a izolo ngoLwesith­athu ese-Artizen Lounge, KwaMashu lapho bebemenywe khona ngumnyango wezokuvaka­sha ngaphansi kukaMasipa­la weTheku uthe uzonika abadlali abasebanca­ne ithuba.

“Kuyinto enhle ukuthi abadlali abaningi abanesipil­iyoni abekho ngakho-ke kulo mdlalo ngizonika abadlali abasebanca­ne ithuba,” kusho uDu Preez.

UChiliboy Ralepelle oqokwe ukuba ngukaputen­i weSharks kule midlalo yeCurrie Cup uthe uyakujabul­ela ukuba ngukaputen­i weqembu elihlonish­wayo njengeShar­ks.

ISharks izovula le midlalo yeCurrie Cup ngoMgqibel­o mhlaka-25 kwephezulu ngo-15h00 eJohsson Kings Park Stadium, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa