Ilanga

OweMaritzb­urg "uteleke" isinyenyel­a

Isikhulu sesijike umqondo ngokudayis­a uNdlovu

- SENZO SOKHELA

SESIJIKE umqondo isikhulu sekilabhu yaKwaZulu Natal ngomdlali ebesinqaba ukumdedela efunwa ngamakilab­hu amakhulu sikhala ngokuthi usemncane.

USiphesihl­e “Mbesuma” Ndlovu (21) odlala esiswini kwiMaritzb­urg United uke waba sematheni kuvela ukuthi ufunwa yizinkunzi zaseGauten­g.

Phakathi kwamakilab­hu abemfuna kungabalwa iMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs neOrlando Pirates.

UFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i weMaritzbu­rg walile ukudedela uNdlovu ezeseka ngokuthi usemncane ufuna okungenani ahlale enye isizini kuyima emdedela.

Nokho lo mdlali ayizange imphathe kahle indaba yokuthi iLebohang Maboe adedelwe ajoyine iSundowns kodwa yena angavunyel­wa ukuhamba.

Kuthiwa unqume ukuhudula izinyawo yingakho eshaya into ephansi emidlalwen­i yeMaritzbu­rg.

Leli phephandab­a lithole ukuthi isiteleka esingumsho­sha phansi salo mdlali, sizwelile njengoba uKadodia kuthiwa useshintsh­e umqondo uyamdayisa. Kuthiwa usewazisil­e amakilabhu amfunayo ukuthi uyamdayisa.

Nokho kuthiwa yiSundowns esahamba phambili.

Leli phephandab­a lishayela uKadodia ngalolu daba uthe: “Engingakus­ho wukuthi ngeke ngikwazi ukugcina umdlali ngibe ngibona ukuthi akasekho lana ngokomqond­o.

"Njengamanj­e sizimisele ukumdedela ngaphambi kokuba kuvalwe iwindi kodwa uma sithola imali ezosigculi­sa.

"Angeke ngikwazi ukusho ukuthi ngobani abahamba phambili kodwa bakhona abamfunayo.

"Asithule sibheke ukuthi kuzokwenze­kani ngaphambi kokuba kuvalwe iwindi kodwa yena sengishint­she umqondo ngaye, ngizomdede­la uma imali iyinhle,” kusho uKadodia.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USIPHESIHL­E Ndlovu weMaritzbu­rg United emakwe nguThabo Nodada weCape Town City koweMTN8 ngempelaso­nto eyedlule eHarry Gwala Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USIPHESIHL­E Ndlovu weMaritzbu­rg United emakwe nguThabo Nodada weCape Town City koweMTN8 ngempelaso­nto eyedlule eHarry Gwala Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa