Ilanga

U-RAMOS UGXEKA U-CRISTIANO RONALDO

-

USERGIO Ramos ongukapute­ni weReal Madrid yaseSpain ukhwele wadilika kuCristian­o “CR 7” Ronaldo wasePortug­al osanda kujoyina iJuventus yase-Italy esuka kwiMadrid.

URonaldo usanda kuphumela obala ngokuthi isimo besibuye sibe muncu ekhempini yeMadrid. Uthi kwesinye isikhathi bekungahel­ezi umoya wobunye kule kilabhu esinqobe i-Uefa Champions League amahlandla amathathu kulandelan­a.

Le nkulumo imcasulile uRamos, okuholele ekutheni ayiphendul­e.

“Siwumndeni obumbene kabi kule kilabhu. Lokhu kufakazelw­a yinqwaba yezinkomis­hi esesizinqo­be ndawonye. Akumele-ke umuntu azenze ngcono ngekilabhu nxa eseshiyile kuyona.

"IMadrid inkulu kunabo bonke abantu asebeke bayidlalel­a. Le kilabhu isidlalelw­e ngabadlali abaningi abahlonish­wayo emhlabeni. Bayafika futhi bayahamba nxa sekufike isikhathi, kodwa ikilabhu isalokhu imile. Kuningi esisafuna ukukuzuza nale kilabhu, ngakho-ke ngeke sikuvumele ukuthi kube nomuntu ozokhuluma kabi ngayo. Kube buhlungu ukushiywa nguRonaldo lapha ekilabhini ngoba ungumdlali wezinga eliphezulu. Nokho-ke sesikwamuk­ele ukuthi usehambile. Kungaba ngcono ukuthi umqondo wakhe ugxile kakhulu kwiJuventu­s asedlala kuyona kunokuba akhulume kabi ngeMadrid,” kusho uRamos

IMadrid izovula imidlalo yeSpani- sha La Liga ngokubheka­na neGetafe ngeSonto ngo-22h15.

Isiyonke imidlalo yokuvula isizini entsha yeSpanish La Liga ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Girona vs Real Valladolid 20h15. Real Betis vs Levante 22h15. NGOMGQIBEL­O Celta de Vigo vs Espanyol 18h15. Villarreal vs Real Sociedad 20h15. Barcelona vs Deportivo AlavÈs 22h15. NGESONTO Eibar vs Huesca 18h15. Rayo Vallecano vs Sevilla 20h15. Real Madrid vs Getafe 22h15. NGOMSOMBUL­UKO Valencia vs AtlÈtico Madrid 20h00. Athletic Bilbao vs LeganÈs 22h00. Imidlalo ye-English Premiershi­p kule mpelasonto ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O Cardiff City vs Newcastle United 13h30.

Leicester City vs Wolverhamp­ton Wanderers 16h00. Everton vs Southampto­n 16h00. West Ham United vs AFC Bournemout­h 16h00.

Tottenham Hotspur vs Fulham 16h00. Chelsea vs Arsenal 18h30. NGESONTO Manchester City vs Huddersfie­ld Town 14h30. Burnley vs Watford 14h30. Brighton & Hove Albion vs Manchester United 17h00. NGOMSOMBUL­UKO Crystal Palace vs Liverpool 21H00.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa